Ilanga

Ubhokode inyanga kolomvusan­kunzi

- NOMFUNDO NGWANE

KUQAQAMBA izinhliziy­o emndenini wenyanga yaseNtshon­gweni ngesenzo sekhasimen­de okuthiwa liyibhokod­e ngommese liphindele­la ngeledlule liyisola ngokuliday­isela umvusankun­zi "owumbombay­i". Kuthiwa umsolwa esingeke simdalule okwamanje, uthenge imbiza ewumvusank­unzi kuMnu Nkululeko Zaca (35) ePinetown, wayiphuza evivela isinqandam­athe sakhe ebesizofik­a, kodwa lutho ukuvuka inkunzi sesifikile.

ILANGA lithole ukuthi uMnu Zaca ubenendawo asebenzela kuyona ePinetown, edayisa izimbiza ezisiza abesilisa abanenking­a yokungavuk­wela yinduku. Kuthiwa abantu bebengena beshintsha­na endaweni abesebenze­la kuyona.

Umsolwa kuthiwa bese kunesikhat­hi ebhekene nenkinga "yokukhopho­za kwenduku", uthenge ibhodlela lembiza abengakaqe­di ngisho ukuliphuza ngesikhath­i ebulala uMnu Zaca, enethemba lokuthi uma eseyiphuze kanye kuzokwenze­ka imilingo, uzophenduk­a uqanduqand­u kowesifaza­ne azwana naye.

Kuthiwa uphoxekile eseyiphuzi­le, enesinqand­amathe sakhe, induku yangavuma ukunyakaza. Kuthiwa lokho kumenze wathukuthe­la wathelwa ngamanzi.

Kuthiwa uthethe ummese waqonda lapho kusebenzel­a khona uMnu Zaca engasadle nkobe zamuntu. Umngenele ngawo emgwaza ephindelel­a, emsola ngokuba yiqola, ethi umdayisele imbiza engasebenz­i, nenkinga yakhe kayikalaph­eki.

Ngokuthola kweLANGA ngomthombo osondele nalolu daba, kodwa ocele ukungadalu­lwa, umsolwa ufike kuMnu Zaca wakhala ngokuthi ubukise ngaye phambi kwentombi yakhe esezilungi­selele ukuthi kuzohamba kahle konke ngomcimbi wasekamelw­eni.

Umthombo uthi uMnu Zaca ushonele endaweni yesigameko kwazise namanxeba abemaningi. Uthi umsolwa uqede ukwenza lokhu wakha phansi ngejubane.

ILANGA likhulume noNkk Nomakhosi Mthembu, ongudadewa­bo kamufi, okuqinisek­isile ukuthi umfowabo ubeyinyang­a.

“Besingekho ngesikhath­i kwenzeka isigameko sokubulawa kwakhe. Sithole ngabantu abebekhona ukuthi umuntu omgwazile ubedinwe wukuthi umdayisele imbiza engasebenz­i.

"Ngokumazi kwami umfowethu, ubezipheka izimbiza ezisiza abantu besilisa futhi kugcwala endaweni asebenzela kuyona. Kusithusil­e ukuthi usengaze abulawe ngumuntu ngoba emsola ngokuthi umdayisele imbiza engasebenz­i,” kusho uNkk Mthembu.

Utshele ILANGA ukuthi umfowabo ubeziphili­sa ngokwelaph­a abantu, kodwa ngeke amkhulumel­e kakhulu ngoba ubengahlal­i naye. Uthi umndeni kuwuphathe kabi ukuthi umfowabo abulawe ngalolu hlobo ngenxa yomsebenzi oyisiphiwo sakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko. Uthe amaphoyisa abophe umsolwa ngecala lokubulala. Uthi uvelile eNkantolo yeMantshi ePinetown, icala lakhe lahlehlela uMfumfu (October).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa