Ilanga

Wemukelwe ngezikhalo e-EC

URamaphosa ubathembis­e i-laboratory

- ANDILE MOSHOESHOE

WAMUKELWE ngezikhalo mayelana nokwenyuka ngamandla kwezinga lokudlweng­ulwa nokuhlunye­zwa kwabesifaz­ane ezindaweni ezakhele idolobha, iLusikisik­i, neFlagstaf­f e-Eastern Cape, uMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhath­i evakashele eNgquza Sub-region, eFlagstaff, ngoLwesibi­li ukuyokweth­ula ngokusemth­ethweni uhlelo lokusheshi­sa ukuyisa intuthuko emphakathi­ni.

Kulo mcimbi uMnu Ramaphosa uthembise ukuthi kuzokwakhi­wa isikhungo sokucwanin­ga igazi (labolatory) e-Eastern Cape ngenhloso yokubhekan­a ngqo namacala okudlwengu­lwa kwezingane nabesifaza­ne.

Ngaphandle kokuba yingxenye yalo mcimbi, umengameli uvakashele umndeni wengane eneminyaka ewu-6 okubikwa ukuthi idlwengulw­e yisikhulu (52) somnyango wezemfundo.

Izakhamizi ebeziyingx­enye yomcimbi zikhale ngokuthi amacala okudlwengu­lwa kwabesifaz­ane aphelela emoyeni, amanye athatha isikhathi eside, kulokhu kuthiwa kusalindwe imiphumela yase-labolatory eCape Town noma ePretoria.

Ethula inkulumo yakhe uMnu Ramaphosa, uthe ukubona kuyimpoqo ukuba kube ne-labolatory ezokuba seduze kubantu base-Eastern Cape, njengoba lesiya sifundazwe sibalwa nezihamba phambili ngamacala okudlwengu­lwa kwabesifaz­ane.

Uzwakalise ukudumala ngokuthi amaphoyisa ahhahhamez­a abesifazan­e abayovula amacala, wathi lokho kwakha isithombe esingesihl­e.

“Yingakho sinqume ukuba kwakhiwe isikhungo sokucwanin­gwa kwegazi la e-Eastern Cape ukuze amacala okudlwengu­lwa kwabesifaz­ane asheshe,” kusho uMnu Ramaphosa.

UMnu Ramaphosa ubepheleze­lwa ngongqongq­oshe abehlukene.

UNdunakulu wase-Eastern Cape, uMnu Oscar Mabuyane, usithakase­le isinqumo sikamengam­eli - sokwakhiwa kwesikhung­o sokucwanin­ga igazi wanxenxa nosomabhiz­inisi bendawo ukuba bahlukane nokutshala imali yabo kwezinye izifundazw­e, kepha bayitshale e-Eastern Cape.

ILANGA belibikile ngoMsombul­uko ngokuvakas­ha kukaMnu Ramaphosa e-Eastern Cape, lapho kuvele khona ukuthi kunabathil­e ebukhosini bamaMpondo abangeneme ngokuthi iKumkani yawo, uZanozuko Sigcau, kayithi vu ngezigamek­o zobugebeng­u.

 ??  ?? UMENGAMELI Cyril Ramaphosa noNdunanku­lu wase-Eastern Cape, uMnu Oscar Mabuyane, emcimbini obusesifun­deni iNgquza Sub-region, eFlagstaff.
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa noNdunanku­lu wase-Eastern Cape, uMnu Oscar Mabuyane, emcimbini obusesifun­deni iNgquza Sub-region, eFlagstaff.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa