Ilanga

Udutshulwe wafa phambi kwezingane

"Ushaywe ngentululw­ane yezinhlamv­u eziwu-50"

- NOMFUNDO NGWANE SHINGA

KUKHONJISW­E unya nesihluku oBonjaneni, eBergville, kudutshulw­a kubulawa usomabhizi­nisi wesifazane nendodakaz­i yakhe, ngentululw­ane yezinhlamv­u ezingaphez­u kuka-50 phambi kwezinye izingane zakhe ngoMsombul­uko ebusuku.

UNkk Ntombi Ngcobo (53) (osesithomb­eni) nendodakaz­i yakhe, uNkz Mandisa Ngcobo (23), kuthiwa bahlaselwe ngabantu abangaziwa besesangwe­ni beyongena emzini kaNkk Ngcobo.

Ngokuthola kweLANGA, uNkk Ngcobo onendawo yokulala izivakashi namatekisi, ubengusihl­alo weBergvill­e and District Taxi Associatio­n. Lesi sikhundla ubesesipha­the iminyaka ewu-3.

ILANGA lithole ukuthi uNkk Ngcobo uphume kwakhe ehamba nezingane zakhe ezintathu, kukhona abebeyokut­henga esitolo, bengabantu abazoshesh­e babuye njengoba bekukhona izivakashi ebezikhona endaweni yakhe.

Kuthiwa sebebuya, bazithele phezu kwababulal­i abebecuthe esangweni, okuthiwa ngesikhath­i bengena kabazange bakhulume lutho, badedele inhlamvu bebhekise emotweni abebehamba ngayo.

UNkk Ngcobo uthulele emotweni kwathi uNkz Ngcobo washona esendlelen­i esaphuthun­yiswa esibhedlel­a. Ezinye izingane zikaNkk Ngcobo zilimale kanzima, kumanje ziyelashwa esibhedlel­a.

ILANGA likhulume nomthombo osondelene nalesi simo, nawo onamatekis­i kulo soseshini, othe kubashaqis­ile ukubulawa ngesihluku kukaNkk Ngcobo.

“Ibuhlungu kakhulu le nto eyenzeke kule ntombazane, kumanje sisathukil­e ngoba besingayil­indele.

"Ubengumunt­u onesibindi ngoba kuke kwaba khona isikhathi lapho bezimnetha khona, engingasho ngingangab­azi ukuthi ukube ubengenaso isibindi, ubengashiy­a phansi.

"Okuxakayo wukuthi kwalesi sikhundla wayengafun­i ukungena kusona, wanxenxwa ngabathile ukuba asithathe, bathembisa ukumeseka. Kubi kakhulu-ke ukuthi abulawe kanjena nenye yezingane zakhe, ingabe ibisingena­phi nje yona,” kusho lo mthombo.

Uveze ukuthi eminyakeni emithathu eyedlule, uNkk Ngcobo unxenxwe ngabanye abakuwona lo soseshini ukuba abe ngusihlalo engafuni, kwazise ubesanda kushiya esikoleni njengoba ebenguthis­ha. “Nakhona ngesikhath­i sekuzovote­lwa abazongena ezikhundle­ni, samangala nje abantu sebenikezw­a amaphepha anamagaba abantu abazovotel­wa, okuyinto esasiqala ukuyibona.

"Kuyasixaka-ke ukuthi sekwenzenj­ani njengoba usihlalo esehlaselw­a kanzima kangaka ngoba nangonyaka odlule kuke kwasinda ngokulambi­sa isekela lakhe lidutshulw­a,” kusho umthombo. Uthe uNkk Ngcobo ubemanatek­isi amathathu, amabili ehamba emzileni walo soseshini, enye ithwala izivakashi.

UMnu Skhumbuzo Madinane, ongunobhal­a kulo soseshini, uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngalesi sigameko. "Ubengakaze asibikele ukuthi kukhona akusolayo, mhlawumbe noma ukungaphep­hi akucabanga­yo.

"Le nto beyingalin­delekile, isishaqisi­le njengosose­shini. Ubengumunt­u okhuthele, ewuthanda umsebenzi wakhe. Yonke imihlangan­o abebizelwa kuyona ubeyihamba ngaphandle kokuze afune imali kaphethilo­li,” kusho uMnu Madinane.

Uthe njengosose­shini bazoyobhon­ga emswanini kwaNgcobo namuhla ngoLwesine futhi sebeyithol­ile nemibiko yokuthi uzofihlwa ngoMgqibel­o.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha, ukuVikelwa nokuXhuman­a koMphakath­i, uMnu Bheki Ntuli, usole lesi simo wathi ukubulawa kowesifaza­ne nengane yakhe ngalesi sihluku, kuwubulwan­e.

“Kuyabonaka­la ukuthi laba abebedubul­a bebefuna ukuqinisek­isa ukuthi bamshiya efile, okuyinto ekhombisay­o ukuthi yenziwe ngabantu abangenabo nhlobo onembeza. Sibhekene nesihlava sokubulawa kwabesifaz­ane nezingane, manje nasemkhakh­eni wamatekisi sekungena sona lesi sihlava,” kusho uMnu Ntuli esitatimen­deni esithunyel­elwe abezindaba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi kuvulwe amacala okubulala nawokuzama ukubulala. Amaphoyisa asaphenya. Bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa