BAZOVELA ENKANTOLO NGELIZAYO ABASE-UNIZULU
BALALE bebaliwe abafundi abawu-30 baseUniversity of Zululand (Unizulu) KwaDlangezwa, eMpangeni, ababhekene necala lokususa uthuthuva emphakathini ngoLwesibili emuva kokuqubuka kombhikisho ophathelene nokuphepha kwabafundi bakule nyuvesi.
ILANGA lithole ukuthi ngoMsombuluko abafundi base-Unizulu bavuke umbhejazane babhikisha, bekhala ngokungaqini kwezokuphepha ngaphakathi esikoleni nasemphakathini.
NgeSonto ekuseni kudutshulwe umfundi wakule nyuvesi, uMnu Musawenkosi Nxumalo, owenza iBachelor of Education, okuthiwa udutshulwe ngabantu abangaziwa, kanti kuyimanje kuthiwa uyelashwa esibhedlela.
UNkz Nontobeko Zulu, oyilungu lesigungu sabafundi kule nyuvesi, uthi ezokuphepha kaziqinile, abafundi abahlala ngaphandle nangaphakathi esikoleni bayagqekezelwa.
Utshele ILANGA ukuthi okwamanje ukufunda kumile esikoleni, kanti akwaziwa ukuthi kuzoqalwa nini.
“Abafundi bathukuthele njengoba kudutshulwe uMusawenkosi ngeSonto ekuseni, okusolwa ukuthi ubegqekezelwa. Kunopotsho abaningi abavulekile (enyuvesi), okuyibona abaholela ekutheni kuze kungene abantu abangaziwa bazogqekeza.
“Yize abafundi bengaphakathi emagcekeni esikole, kodwa bazizwa bengaphephile. Kade kwakukhonondwa ngalezi zinkinga, kodwa lutho (isixazululo)," kusho uNkz Zulu.
Okhulumela i-University of Zululand, uNkz Gcina Nhleko, ukuqinisekisile ukuthi ukufunda kumile, wathi akazi ukuthi kuzobuyela nini njengoba kusenezingxoxo mayelana nezinkinga zokuphepha kwabafundi.
Abafundi ababoshiwe kuthiwa bazovela enkantolo ngelizayo.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthi bakhona abafundi abawu-30 base-Unizulu ababoshiwe emuva kombhikisho.
Basolwa ngokususa uthuthuva emphakathini, kanti kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseSikhaleni ngelizayo.