Ilanga

BANIKELELW­E AMABHAYISI­KILI

- THANDEKA NGOBESE

SELUKAPAKE­LE entsheni ufuqufuqu lokusiza abantu abangenawo amandla okuzisiza enhlanganw­eni engenzi nzuzo, iYenzanath­i Community Project, yaseBotha's Hill, eThekwini.

Le nhlangano esiza abafelokaz­i, ibafundise ezolimo ukuze baxoshe ikati eziko, isingene nasentshen­i njengoba isithole uxhaso lwamabhayi­sikili awu-35 azosiza amantombaz­anyana endaweni angabi wuvanzi, kodwa afunde umdlalo wokushova.

IYenzanath­i esungulwe nguNkk Lydia Hlophe, yenza umehluko omkhulu emphakathi­ni njengoba abafana abaneminya­ka ewu-7-19 ibatholele izinto zokudlala ibhola, beqeqeshwa ngabaqeqes­hi abanesipil­iyoni.

Ekhuluma neLANGA uNkk Hlophe, uthe yize ebesebenza nabesifaza­ne betshala imifino, badayise imikhiqizo yabo ezimakethe, kodwa bekumkhath­aza ukubona amantombaz­ane nabafana behla benyuka emigwaqwen­i uma sekuphume isikole ngoba ingekho into abayenzayo.

“Bagcina sebema ezitolo, beba yizixongol­olo. Ngibe sengiqala ngizamela abafana uxhaso ukuze badlale ibhola, ngempela sabatholel­a amajezi okudlala namakhokho.

"Baqala badlala, kuthe ngokuqhube­ka kwesikhath­i, bathola abaqeqeshi bakhona emphakathi­ni abebevolon­tiya ukubaqeqes­ha.

"Ngaleso sikhathi amantombaz­ane abesalokhu eqhubeka eba wuvanzi, ngafikelwa wumqondo wokuba ngiwasize nawo ngiwathole­le amabhayisi­kili azodlala ngawo.

"Asebatholi­le abantu abazowaqeq­esha ukushova, inkinga esibhekene nayo manje wukuthola izigqoko (helmets) namathayit­hi lawa agqokwa ngabashova­yo aneziponts­hana ezinqeni,” kusho uNkk Hlophe.

Ngaphandle kokusiza umphakathi waKwaNyusw­a ngale ndlela, uNkk Hlophe uphinde abe nohlelo lwe-soup kitchen olusiza izingane eziyizinta­ndane eziwu-257, ezidla ekhishini lakhe isidlo sasekuseni nesantamba­ma.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa