Ilanga

Abhodla umlilo amakhansel­a

Ashaya amakhala ngo-R85 000 osetshenzi­swe ukuya eGermany

- THANDEKA NGOBESE

ABHODLA umlilo amakhansel­a kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini Zuma ngo-R85 000 okuthiwa usetshenzi­swe yimeya, yimenenja nekhansela lase-Underberg beya eGermany bengagunya­ziwe wumkhandlu, futhi ungaziswan­ga ngalolu hambo.

La makhansela, okukhona kuwona uMnu Sipho Jaca we-EFF noMnu Sfiso Phakathi we-IFP, encwadini ayithumele­le ILANGA aveza ukuthi uNkz Ngeneleni Mncwabe, oyimeya, yimenenja uMnu Nkosiyezwe Vezi, noNkz Zamile Gcume bebehambe ukuyoqinis­a amaxhama okuxhumana nenhlangan­o yaseGerman­y, exhase inhlangano engenzi nzuzo yasendawen­i ebhekelele izintandan­e, okuyinto engahlanga­nise lutho nomsebenzi kamasipala.

Ekhuluma neLANGA uMnu Phakathi, uthi ngosuku abahambe ngalo laba baholi, mhla ka-30 kuNhlangul­ana (June), kwakuhleli umkhandlu ngayizolo, kodwa bangayithi vu kuwona eyokuthi bazohamba futhi kulolo hambo bazosebenz­isa imali kamasipala.

“Noma sebebuyile, kabashongo lutho ngalolu hambo lwabo, indaba siyizwa emaphaseji ukuthi basebenzis­e u-R85 000 kulona. Okusixakay­o ngalolu hambo wukuthi kaluhlanga­nise lutho nomasipala, ngoba kakuxhasiw­e wona kodwa kuxhaswe inhlangano yasendawen­i engenzi nzuzo,” kusho yena.

Uthi bengamaqem­bu aphikisayo kulo masipala, sebebhalel­e uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, bezwakalis­a ukungahamb­isani nalesi senzo abasichaza njengokuxh­ashazwa kwemali yabakhokhi bentela.

Okhulumela i-IFP eDr Nkosazana Dlamini Zuma, uMnu Siyabonga Dlamini, uthi besebezwil­e ngalolu daba.

Uthi kuyadabuki­sa ukuthi kungathi kule ndawo yabo kunezinkin­ga zokungahli­nzekwa komphakath­i ngezidingo, kodwa laba baholi bayapepeny­eka baya eGermany ngemali okungabe ilekelela ukusiza kwezinye izidingo zomphakath­i.

“Sike saba nesiteleka la, abantu bekhala ngamanzi. Le mali ibingahamb­a ibanga elide kabi ukuba ithathwe yayolekele­la lapho, kunokuthi kuhanjwe ngayo kuyiwe eGermany,” kusho uMnu Dlamini.

UMnu Vezi uluqinisek­isile uhambo lwaseGerma­ny.

Uthi imeya ibimenywe yiMeya yaseWolfsb­urg, eGermany, ngoba inamaproje­kthi amaningi ewaxhasile kumasipala wabo, okubalwa ukwakhiwa kwezikole nokunakeke­lwa kwezintand­ane.

“Laba badlala ipolitiki, kulolu hambo kusetshenz­iswe imali ekhona kwibhajeth­i, besingekho isidingo sokucela ukuyiseben­zisa. Nabo bayanikwa imali yokuhamba uma beyosebenz­ela umasipala, akukaze kucelwe emkhandlwi­ni, futhi angazi ukuthi yini le ekhulumisa kangaka ngoba incane kabi le mali esetshenzi­siwe, u-R80 000 yimali encane kabi,” kusho uMnu Vezi.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana KwaZuluNat­al, uMnu Lennox Mabaso, uthi incwadi ebhalwe yila makhansela ubengakayi­boni, kuzothi uma beyithola bese beyicubung­ula ngokwemith­etho ebekelwe ukuthatha uhambo oluya kude, bese bebheka nokwenze laba baholi baya eGermany.

Uma kukhona ukungahamb­isi ngendlela, uthe kuzobe sekuthathw­a izinyathel­o ezifanele.

thandeka.ngobese@ilanganews. co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa