Abhodla umlilo amakhansela
Ashaya amakhala ngo-R85 000 osetshenziswe ukuya eGermany
ABHODLA umlilo amakhansela kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini Zuma ngo-R85 000 okuthiwa usetshenziswe yimeya, yimenenja nekhansela lase-Underberg beya eGermany bengagunyaziwe wumkhandlu, futhi ungaziswanga ngalolu hambo.
La makhansela, okukhona kuwona uMnu Sipho Jaca we-EFF noMnu Sfiso Phakathi we-IFP, encwadini ayithumelele ILANGA aveza ukuthi uNkz Ngeneleni Mncwabe, oyimeya, yimenenja uMnu Nkosiyezwe Vezi, noNkz Zamile Gcume bebehambe ukuyoqinisa amaxhama okuxhumana nenhlangano yaseGermany, exhase inhlangano engenzi nzuzo yasendaweni ebhekelele izintandane, okuyinto engahlanganise lutho nomsebenzi kamasipala.
Ekhuluma neLANGA uMnu Phakathi, uthi ngosuku abahambe ngalo laba baholi, mhla ka-30 kuNhlangulana (June), kwakuhleli umkhandlu ngayizolo, kodwa bangayithi vu kuwona eyokuthi bazohamba futhi kulolo hambo bazosebenzisa imali kamasipala.
“Noma sebebuyile, kabashongo lutho ngalolu hambo lwabo, indaba siyizwa emaphaseji ukuthi basebenzise u-R85 000 kulona. Okusixakayo ngalolu hambo wukuthi kaluhlanganise lutho nomasipala, ngoba kakuxhasiwe wona kodwa kuxhaswe inhlangano yasendaweni engenzi nzuzo,” kusho yena.
Uthi bengamaqembu aphikisayo kulo masipala, sebebhalele uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, bezwakalisa ukungahambisani nalesi senzo abasichaza njengokuxhashazwa kwemali yabakhokhi bentela.
Okhulumela i-IFP eDr Nkosazana Dlamini Zuma, uMnu Siyabonga Dlamini, uthi besebezwile ngalolu daba.
Uthi kuyadabukisa ukuthi kungathi kule ndawo yabo kunezinkinga zokungahlinzekwa komphakathi ngezidingo, kodwa laba baholi bayapepenyeka baya eGermany ngemali okungabe ilekelela ukusiza kwezinye izidingo zomphakathi.
“Sike saba nesiteleka la, abantu bekhala ngamanzi. Le mali ibingahamba ibanga elide kabi ukuba ithathwe yayolekelela lapho, kunokuthi kuhanjwe ngayo kuyiwe eGermany,” kusho uMnu Dlamini.
UMnu Vezi uluqinisekisile uhambo lwaseGermany.
Uthi imeya ibimenywe yiMeya yaseWolfsburg, eGermany, ngoba inamaprojekthi amaningi ewaxhasile kumasipala wabo, okubalwa ukwakhiwa kwezikole nokunakekelwa kwezintandane.
“Laba badlala ipolitiki, kulolu hambo kusetshenziswe imali ekhona kwibhajethi, besingekho isidingo sokucela ukuyisebenzisa. Nabo bayanikwa imali yokuhamba uma beyosebenzela umasipala, akukaze kucelwe emkhandlwini, futhi angazi ukuthi yini le ekhulumisa kangaka ngoba incane kabi le mali esetshenzisiwe, u-R80 000 yimali encane kabi,” kusho uMnu Vezi.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana KwaZuluNatal, uMnu Lennox Mabaso, uthi incwadi ebhalwe yila makhansela ubengakayiboni, kuzothi uma beyithola bese beyicubungula ngokwemithetho ebekelwe ukuthatha uhambo oluya kude, bese bebheka nokwenze laba baholi baya eGermany.
Uma kukhona ukungahambisi ngendlela, uthe kuzobe sekuthathwa izinyathelo ezifanele.
thandeka.ngobese@ilanganews. co.za