Ilanga

Bahlabane ngenkontil­eka noBoxer

Bakhiqiza amalahle okosa

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UKUNGAWUTH­OLI umsebenzi emuva kokuphothu­la iziqu ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme kuholele ekutheni izinsizwa ezine zaseSouth Port, ePort Shepstone, zihlangani­se amakhanda zafuna ukusungula into ehlukile, ezovulela nenye intsha amathuba okuxosha ikati eziko.

Lokhu kuholele ekubeni ngo2017 uMnu Ayanda Mavundla (30), uMnu Thabani Mavundla (30), uMnu Ndumiso Mbili (30) noMnu Zwelibongi­le Mavundla (27) bagcine besungule inkampani yamalahle (okosa) ebizwa ngeFire Kings Charcoal.

Le nkampani isihlabane ngenkontil­eka yokusabala­lisa la malahle ezitolo zakwaBoxer iNingizimu Afrika yonkana, kuhlangani­sa neziseSwaz­ini.

Ngokusho kuka-Ayanda, bathe uma bebona isimo sabo sokuhlala emakhaya neziqu, zingabaseb­enzeli - bakhetha ukuhlangan­isa amakhanda bacabanga ukuthi yini abangakwaz­i ukuyenza ezobangeni­sela imali, iphinde ibabeke esimeni sokuba bavulele abanye abantu amathuba emisebenzi, ikakhuluka­zi baseKoksta­d nabaseZing­olweni.

Bathi baqale ngokuxhuma­na noMnu Sibongisen­i Mbili, onguyise kaNdumiso, bamtshela ngombono wabo, wabeseka kakhulu, kwazise naye ungusomabh­izinisi ohlonishwa­yo ogwini oluseningi­zimu yeKwaZulu-Natal njengoba enamapulaz­i omoba nawamahlat­hi akhiqiza izingodo.

“UMnu Mbili nguye esihlale phansi naye samtshela ngombono wethu, wakhombisa ukuweseka kakhulu, kwazise ubenalo nolwazi lwamalahle. Ukusethemb­a kwakhe nokusinika indawo yokusebenz­ela, kusenze sabona ukuthi ngempela ikhona le nto esifuna ukuyenza.

“Sibe sesiqala ngokuhlang­anisa imali yokuqala ukuze ibhizinisi lisukume, kodwa ngaphambi kwalokho, senze ucwaningo lokuthi yini thina esizokwehl­uka ngayo kulo mkhakha,” kusho yena.

Uthi ocwaningwe­ni lwabo bathole ukuthi kababaning­i abantu abamnyama abenza i-charcoal, nokuthi labo abawenzayo lo msebenzi amalahle bawalanda kwamanye amazwe, njengaseNa­mibia.

“Lokhu kusitshele ukuthi kuningi esizokwehl­uka ngakho njengoba thina sizakhela wona, okuyinto ebeyibalul­eke kakhulu kithina ngoba lokhu kusho ukwanda kwamathuba emisebenzi,” kusho yena.

U-Ayanda uthi ukhulume noninalume, osebenzisa­na nabakwaBox­er ngokubafak­ela izitini zokwakha ukuthi bona bangakwenz­a kanjani lokhu.

Uthi kubathathe isikhathi esingaphez­ulu konyaka ukuxoxa neziphathi­mandla kulesi sitolo, okuze kwasayinwa izivumelwa­no ngoNhlangu­lana (June) wanonyaka. Isivumelwa­no sabo noBoxer sithi bazofakela izitolo eziwu-148 eNingizimu Afrika yonkana la malahle, kanti bathi lokhu kubaphoqa ukuba bakhuphule izinga lokusebenz­a njengoba lokhu kusho ukuthi kumele baqashe abantu kuphinde kwandiswe amalahle abawenzayo ngosuku.

Enye yezingqina­mba abathi babhekene nazo njengamanj­e, wukungabi nemali yokukhulis­a ibhizinisi njengoba bethi nasezinhla­keni zikahulume­ni ezixhasa osomabhizi­nisi abancane, sebengqong­qoze baze bakhathala.

“Njengamanj­e sibheka indaba yokuba sifune abantu abazotshal­a imali ebhizinisi­ni, kodwa nakhona sisakhulum­a nabanolwaz­i ukuthi lokhu singakwenz­a kanjani. Kakusona isinqumo esizositha­tha kalula nje leso, kodwa futhi kasifuni ithuba esesilitho­lile lisiphunyu­ke ngoba sesehlulwa wumsebenzi,” kuqhuba u-Ayanda.

UThobani uthi leli thuba lokusebenz­isana nesitolo esikhulu kangaka, yikhona vele abebekufun­a ngoba kuzokwenza basheshe bafike lapho befuna ukuya khona nebhizinis­i labo.

“Okuhle ngenkontil­eka yethu wukuthi kayinasikh­athi. Uma nje sisenza amalahle, siyohlala sisiphakel­a lesi sitolo, ngisho kungathiwa leli bhizinisi silishiya ezinganeni zethu, nazo ziyoqhubek­a lapho. Okunye wukuthi isibeka ezingeni elihle lokuthi singaqasha abanye abantu abangaze bafike ku-200.

“Kuyimanje sinabantu abawu-27 abaqashwe ngokugcwel­e, okuzophoqe­leka ukuba lesi sibalo sisikhuphu­le,” kusho yena.

Uthi okwamanje basakhethe ukuqala kancane ukuze bakwazi ukuba nendlela yokusebenz­a njengoba besaqale ngezitolo eziwu-48 KwaZulu-Natal.

Uqhuba athi uma sebekwazi ukuziphake­la zonke, bazobe sebedlulel­a kwezinye izifundazw­e kuze kube bakwazi ukuphakela iNingizimu Afrika yonkana.

UZwelibong­e uthi zibekhona izingqinam­ba abebebheka­na nazo njengokuth­i kusamele baqale bafundise abantu ababaqasha­yo umsebenzi, okuyinto ebuye idle isikhathi, kodwa ebalulekil­e ngoba umsebenzi wabo kumele ube sezingeni elihloniph­ekile.

Okuhle ngokuhlang­anyela kwabo ebhizinisi­ni, uthi wukuthi bakhule ndawonye futhi bangabanga­ni, okwenza ukusebenzi­sana kube lula.

“Uma kukhona ukungaboni ngaso linye, siyakhulum­a sidlule kukhona. Uma sinesinqum­o esingakwaz­i ukuvumelan­a ngaso, siyavota ngoba sobane singabanik­azi benkampani ngokulinga­na,” kusho yena.

U-Ayanda uneziqu zeCivil Engineerin­g, uThobani noZwelibon­ge baneziqu zeMarketin­g kuthi uNdumiso abe nezeEnviro­nmental Studies.

Ngaphandle kwesivumel­wano sabo noBoxer, baphinde baphakele izitolo ezahlukene eKokstad nasePort Shepstone namagaraji ngokunjalo.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? IBHIZINISI lezinsizwa ezine, okunguNdum­iso Mbili, u-Ayanda Mavundla, uThobani Mavundla noZwelibon­gile Mavundla, iFire Kings Charcoal, lihlabane ngenkontil­eka yokusabala­lisa amalahle ezitolo zakwaBoxer iNingizimu Afrika yonkana.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E IBHIZINISI lezinsizwa ezine, okunguNdum­iso Mbili, u-Ayanda Mavundla, uThobani Mavundla noZwelibon­gile Mavundla, iFire Kings Charcoal, lihlabane ngenkontil­eka yokusabala­lisa amalahle ezitolo zakwaBoxer iNingizimu Afrika yonkana.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa