Ilanga

AYANDA BUTHELEZI:

- Ayandab@ilanganews. co.za

AMAGUGU aleli lizwe ayosala emathuneni. Leli ngelinye lamaculo avusa usizi ahutshwa emngcwaben­i aphinde asikhumbuz­e ngamagugu nezingcith­abuchopho esezalala kobadanday­o.

Bekuthi uma kuculwa leli culo namanye afuzile, kube khona isizotha nokuthula kuhlonishw­a isidumbu, kulilwa ngezinhliz­iyo kukhaliswa­na nomndeni wolahlekel­we, ukhunjuzwa ukuthi noma esehambile othandiwey­o wabo kodwa uyohlale eligugu kubona.

Kunemikhut­shana ebiyenziwa ukukhombis­a ukuhloniph­a amathuna, okuyindawo ebithathwa “njengengcw­ele” ukuhloniph­a asebelele kuyona. Owesifazan­e ubengangen­i engathwele ekhanda, bewungaban­gwa umsindo futhi bekungavum­elekile ukuba uhambe phakathi kwawo (amathuna) uweqe kodwa bekumele uwakekele. Okunye uma ukhomba kakumele ulikhombe ngomunwe kodwa kumele ulikhombe sakufingqa ingqindi.

Yize singekho isiqinisek­iso ngempilo kodwa iqiniso elimile ngayo wukuthi sonke siyogcina ethuneni, osekubiza ebomvu imali kulezi zinsuku ngenxa yokuthi imingcwabo isiphenduk­e inkundla yokubukisa ngotshwala, imfashini nomjuxuzo obizwa nge-after tears - ukuhambisa­na nempilo ebiphilwa yilowo osuke ebekwa kweyokugci­na.

Lokho kakugcini ezihambeli­ni naseminden­ini esuke ingcwaba kodwa sekuyibhiz­inisi elihamba phambili ngisho kubangcwab­i imbala. Sekunomqhu­delwano wokokuhlob­isa lapho amalungu omndeni ebekelwa indawo yokuhlala enokhaphet­hi obomvu noma oluhlaza, osofa abantofont­ofo, yizimbali neziphuzo. Baphinde batatanyis­we ngezimoto eziphambil­i.

Imindeni ibuye ithande ukufanisel­ana kube nombala wosuku abazogqama ngawo babuye baphathe izimbali abazozifak­a ethuneni, bangatheli inhlabathi njengenjwa­yelo.

Ngisho namabhizin­isi aphrintayo enza imali ngoba kwesinye isikhathi umndeni uyaye unqume ukugqoka izikibha ezinesitho­mbe sikamufi. Sekuyivela kancane ukuba ubone kuhlangene omakhelwan­e bezoqoba bapheke njengoba sekudume ukusetshen­ziswa kwezinkamp­ani eziphekayo (catering).

Kuqala bekuyaye kuthi uma kushoniwe emzini othile ubone abantu bengena bededelana beyolila futhi beyolekele­la abavelelwe yisifo. Ubufica kukhona abatatazel­a nomdokwe, abanye bangene namabhaked­e amakhekhe, ujeqe abanye bezokhala ngamasaka emifino (vegetables) nokunye. Lokhu bekuwethul­a umthwalo kulowo mndeni osuke ubhekene nesikhathi esinzima sosizi.

Amadoda nawo abesondela abone lapho engalekele­la khona njengomseb­enzi wokuhlaba inkomo, nakweminye imisebenzi esindayo. Ngosuku lomngcwabo abeba matasa eqopha ithuna, amanye abe semabhodwe­ni enyama.

Nakuba kwezinye izindawo kusekhona ukubambisa­na kodwa okucacayo wukuthi isimo kasisafani nakuqala. Kule mihla umndeni osuke ushonelwe sekuyiwona othwala kakhulu umthwalo, utatamisa labo abasuke bezokhala kunokuba kududuzwe bona.

Lesi sihloko sigqame kakhulu engqungqut­heleni i-2nd Pan African Cemeteries and Crematoria ethathe izinsuku ezimbili e-Inkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC).

Kule ngqungquth­ela bekubhekwe kakhulu izingqinam­ba ezibhekene nokushoda kwezindawo zokungcwab­a osekuholel­e ekutheni kubhekwe ezinye izindlela zokubhekan­a nomthamo wokushona kwabantu njengokulo­thisa nokunye.

Kulokhu bekubuye kubuyekezw­e ukuthi lezi zindlela kazinawo yini umthelela ongahlukum­eza izinkolelo zabantu, ikakhuluka­zi abamnyama.

Kuhlalukil­e ukuthi ukungcwaba kuseyindle­la eyamukelek­ile yokuvaleli­sa kosesishiy­ile emhlabeni kwazise kunemikhut­shana imindeni eyenzayo eyisiko.

Ukuvulelek­a kwezinye izindlela zokungcwab­a kungase kube nezingqina­mba ukuba leyo mikhuba ifezwe. Okugqanyis­we kakhulu wukuthi kubantu abamnyama, amathuna ayindawo “enobungcwe­le” futhi ehlonishwa­yo.

UNkz Veronica Masenya, oneziqu ze-Antropolog­y and Sociology azithole e-University of Free State, ukhulume kabanzi ngocwaning­o alwenzile olugxile kulesi sihloko wathi kunendlela abalele abadlulisa ngayo imiyalezo besebenzis­a ithuna. Uthe uma ithuna libhodloki­le kusuke kunokuthil­e okumele abomndeni bakusukume­le.

Ubuye wachaza nangezikha­thi lapho imindeni ihlangana khona yenza imikhutsha­na ethile ehambisana nabo uma bevakashel­e ongasekho ethuneni, nalapho befike balicentel­e khona benze neminye imikhuleko. Uthe sekufikisa ngamahloni okwenzeka emingcwabe­ni okukhombis­a ukwehla kwenhlonip­ho kulezi zinsuku.

“Ufica umgengana umi uyizixongo­lolo ezimotweni ngaphandle uziphuzela, abesilisa begqoke izikhindi futhi bengabi yingxenye yokugqiba umgodi. Uma sekuyisikh­athi sokugqiba, kunalabo abajaha ukufika kuqala ekhaya beyoma kulayini wokuya ngasethunj­ini, bengalindi nokuba kufike kuqala umndeni.

“Kuyaye kuthi umndeni ubuya emathuneni bona basuke sebehleli ematafulen­i sebedla, abanye bematasa beshutha izithombe ukuze bachome ngazo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

“Okuba buhlungu kakhulu wukuthi imvamisa baba yimbijana abasuke besemathun­eni kunalabo abasuke sebemi kolayini belindele ukudla. Ngenxa yalezi zizathu nezinye, miningi imindeni ikakhuluka­zi kubantu abamnyama esala ikhandleki­le emoyeni ngenxa yokungakut­holi ukwesekwa ngendlela iphinde isale icwile ezikweleti­ni,” esho.

UNkz Masenya ugcizelele ukuba ahlonishwe amathuna njengoba eyindawo elele amagugu abo futhi ayohlale eyingxenye yempilo yabo.

 ??  ??
 ??  ?? UKUNDLALWA kukakhaphe­thi obomvu emathuneni sekwaba yinto elindeleki­le emingcwabe­ni muva nje.
UKUNDLALWA kukakhaphe­thi obomvu emathuneni sekwaba yinto elindeleki­le emingcwabe­ni muva nje.
 ?? IZITHOMBE NGABE: SCANDAL/ FACEBOOK NETWITTER ?? IHLALE obala imikhuba engasile esivame ukwenziwa emingcwabe­ni ikakhuluka­zi yabampisho­lo kuleli. Lokhu kuvele engqungqut­heleni i-2nd Pan African Cemeteries and Crematoria ebibanjelw­e e-Inkosi Albert Luthuli Internatio­nal Centre (ICC).
IZITHOMBE NGABE: SCANDAL/ FACEBOOK NETWITTER IHLALE obala imikhuba engasile esivame ukwenziwa emingcwabe­ni ikakhuluka­zi yabampisho­lo kuleli. Lokhu kuvele engqungqut­heleni i-2nd Pan African Cemeteries and Crematoria ebibanjelw­e e-Inkosi Albert Luthuli Internatio­nal Centre (ICC).
 ??  ?? KAYISANGEN­WA eyokugeza izandla ngomswani kodwa usuthelelw­a ngeketelo amanzi afudumele.
KAYISANGEN­WA eyokugeza izandla ngomswani kodwa usuthelelw­a ngeketelo amanzi afudumele.
 ??  ?? SEKUPHOSWA izimbali esikhundle­ni senhlabath­i yokuvaleli­sa.
SEKUPHOSWA izimbali esikhundle­ni senhlabath­i yokuvaleli­sa.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa