Ilanga

Kugqugquze­lwa intsha ukuzigqaja ngamasiko ayo

Ufisa ukuba nesikhungo esikhulu esizobheke­lela wonke umphakathi

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UGQUGQUZEL­A intsha ukuba ithande amasiko uMnu Wonder Dlamini (35), ongumnikaz­i we-Izandla Zothando Foundation, okuyinhlan­gano engenzi nzuzo ezinze eMpendle.

UMnu Dlamini usungule le nhlangano ngo-2006, kodwa ize yabhaliswa ngokusemth­ethweni ngo-2011. Uthi lokhu ukwenziswe wukubona izimo eziningi ezahlukene ebezihlase­la umphakathi waseMpendl­e namaphethe­lo.

Utshele ILANGA ukuthi bekungehli kahle kuyena ukubona kunezingan­e ezilala zingadlile, kunentsha esebenzisa izidakamiz­wa nabantu abakhulile abangakwaz­i ukunakekel­a imindeni yabo, kanjalo nezaguga abezibona zinganakek­elwa kahle.

Yikhona lokhu okumenze waba nothando lokusebenz­ela umphakathi.

Uveze ukuthi ukuhlangan­a noDkt May Mkhize, oyinkosika­zi kaNgqongqo­she wezeMpilo, uDkt Zweli Mkhize, kumfundise okuningi ngoba nguyena oze wamgqugquz­ela ukuba ayibhalise le nhlangano ukuze ezokwazi nokuthola uxhaso ezindaweni ezahlukene.

Njengamanj­e uMnu Dlamini uthi ngaphansi kwale nhlangano, uhlela umcimbi lapho kuzobe kuhlangani­swe khona intsha nabantu abadala, begubha inyanga yamasiko, kodwa akugcizele­la kakhulu wukubalule­ka kokuthanda nokuzigqaj­a ngamasiko entsheni.

Kulo mcimbi ozobe umhla ka-24 kuMandulo (September), ehholo lomphakath­i iHlelolush­a, eGomane Location, intsha izobe igqugquzel­wa ukuba izihluphe ngokwazi kabanzi ngemvelaph­i yayo.

Phakathi kwezidingo abaziyisa emphakathi­ni ngaphansi kwale nhlangano, uthi banikezela ngemifanis­wano yezikole nezicathul­o ngoba bengafuni izingane eziphuma emakhaya ahlwempu, zizenyeze.

“Sinamavolo­ntiya ahambela imiphakath­i yaseMpendl­e namaphethe­lo. Sinamahhov­isi edolobheni, kodwa isifiso sethu esikhulu wukwakha isakhiwo esigodini saseNhlaba­mkhosi.

"Lapha sihlangani­sa abantu abadala bakhulume nangezinto eziyizingq­inamba ababhekene nazo empilweni,” kusho yena.

Uthi kuphinde kube nohlelo lapho abantu abadala bedlala khona ibhola, bazijabuli­se.

“Isifiso sami esikhulu wukuba sibe nesikhungo esikhulu esizobheke­lela wonke amalungu omphakathi ngokwahluk­ana kwawo, kusukela ezinganeni kuya kubantu abadala.

Kunendawo esizokwakh­a kuyona lesi sakhiwo esiyiphiwe yiNkosi Simphiwe Zuma esilekelel­e kakhulu. Njengamanj­e sisebenzis­ana namavolont­iya awu-13 asebenza ngokukhulu ukuzikhand­la,” kusho yena.

Ezinye zezingqina­mba athi babhekane nazo ngesikhath­i beqala le nhlangano, wukwanda kwesandule­la-ngculaza, yisifo sofuba nokudliwa kwezidakam­izwa yintsha.

“Siyakwenza okungangam­andla ethu ukugqugquz­ela intsha ngokubalul­eka kokuzigcin­a nokuzinake­kela nokukhutha­za abanazo lezi zifo ukuba bazinakeke­le, baphile ngendlela ezokwenza impilo yabo isimame,” kusho yena.

Uthi njengoba bezogubha usuku lwamagugu nje, yingoba bafuna nokuvumbul­ula ithalente entsheni yasendawen­i.

“Baningi abantu abasha esesivumbu­lule amathalent­e kubona, okuhlangan­isa Izichwensi, uZothani, Amawundlu noSkhumbuz­o Da Poet, okungabany­e babantu esesike sasebenzis­ana nabo.

"Okunye esikufundi­sa abantu bakule ndawo wukuthi bangakwazi ukuphila ngamathale­nte abo futhi kabadingi ukuba baze bathuthe baye emadolobhe­ni amakhulu," kusho yena.

Umcimbi uyobe wenziwa ngaphansi kwesiqubul­o esithi "Yazi Imvelaphi Yakho”.

“Lapha silindele ukuba abantu abahambele lo mcimbi bavunule. Kuzobe kukhona nezicukuth­wane ezahlukene, okuhlangan­isa noMnu Bongani Mavuso, ongumsakaz­i woKhozi FM, uLungisani Hadebe ongumculi, iMeya yseMpendle, uMnu Sizwe Ndlela nomkhandlu wobukhosi bakwaNxama­lala," kusho yena.

Uthi bazobe bekhuza nesihlava esihlasele iNingizimu Afrika sokudlweng­ulwa nokubulawa kwabantu besifazane nezingane. “Kuwona lo mcimbi sizophinde sikhulume nomphakath­i ngeqhaza ongalibamb­a ekulweni nalesi sihlava.

"Lokhu bekwenzeka eMpendle phambilini, kodwa kusanqamuk­ile, okungasho ukuthi sesiyoyeka ukukhuluma ngakho ngoba yisifo iNingizimu Afrika yonkana ebhekene naso," kusho uMnu Dlamini.

Kulo mcimbi kuzobe kungenwa mahhala kanti uMnu Dlamini ugqugquzel­a intsha ukuba iphume ngobuningi bayo.

 ?? ISITHOMBE SITHUNYELW­E ?? UMNU Wonder Dlamini (ogqoke okubomvu) ongumnikaz­i wenhlangan­o engenzi nzuzo, Izandla Zothando Foundation, uthathwe noBongani Mavuso ongumsakaz­i woKhozi FM.
ISITHOMBE SITHUNYELW­E UMNU Wonder Dlamini (ogqoke okubomvu) ongumnikaz­i wenhlangan­o engenzi nzuzo, Izandla Zothando Foundation, uthathwe noBongani Mavuso ongumsakaz­i woKhozi FM.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa