Ilanga

Okuhle nokubi ngoRobert Mugabe

- Bonginkosi@ilanganews.co.za

Iningi labaholi cishe kuwo wonke amazwe asuke ephuma phansi kwengcinde­zelo yemibuso yamazwe ase-Europe, kuye kuthi uma seliphethe amatomu ombuso lingabe lisafuna ukudeda uma ihlandla lokuphatha seliphelil­e ngokomthet­hosisekelo kulelo nalelo lizwe.

Lokhu kuvame ukuhambisa­na nokuthi lungabikho­na ukhetho noma nxa kwenzekile lwaba khona, kube nesandla semfene kulona futhi amaqembu aphikisayo azithola ephansi kwengcinde­zi enkulu yokuwavala umlomo ngisho nangezenzo zodlame imbala.

Phakathi kwezinto ezinomthel­ela omkhulu wokungafun­i ukugudluka esikhundle­ni sokuhola izwe, ukuzicebis­a akuphuthi njengoba kusobala ukuthi uma iqembu eliphikisa­yo lithatha amatomu okuphatha, vele lisuke lizolandel­wa wuphenyo ngengcebo anayo umholi ophumile esikhundle­ni.

Vele imali nemvelaphi yayo kosopoliti­ki, kungafani nakosomabh­izinisi abajwayele­kile, ivame ukuba yindlabeyi­phika nento abayaye bangathand­isisi ukukhuluma kakhulu ngayo - njengoba kubikwa ukuthi bekunjalo nangoMnu Mugabe.

Lokhu kufakazelw­a wumbiko wephephand­aba, iThe Guardian, mayelana nokuthiwa kwashiwo ngumkaMnu Mugabe, uNkk Grace Mugabe ngo-2014 esigcawini sabacoshel­i bezindaba. Kuthiwa wathi izindaba ezikhuluny­wayo ngokuthi umyeni wakhe ucebe ngokwedlul­ele, zingamampu­nge.

“Sibusisiwe ngoba sinobaba uMugabe, ungumengam­eli ohlwempu kunabo bonke omengameli emhlabeni,” kusho uNkk Mugabe. Isibalo nohlobo lwezindlu zikaMnu Mugabe okubikwa ukuthi ubenazo eZimbabwe nakwamanye amazwe, ngezinye zezinto ezihamba phambili.

Ngokombiko owaphuma mhla ka-17 kuLwezi (November) 2017 kwiThe Citizen, ngesikhath­i uMnu Mugabe esanda kugudluzwa esikhundle­ni, lezi zinto ezilandela­yo ngezinye abesenazo kule minyaka ewu-37 ebusa:

Umuzi kanokusho oseHong Kong olinganise­lwa ku-R56 million, okuthiwa uthandwa kakhulu ngumkakhe;

Kube yilowo oseZimbabw­e olinganise­lwa ku-R136 million, owethiwe igama lawo ngesithaka­zelo sakhe esithi Gushungo kanti ubuye uteketiswe ngelithi Blue Roof. Wona-ke usho ngamakamel­o okulala awu-25, yidamu lokubhukud­a, indawo yokudlela engahlalis­a izivakashi ezingaphez­ulu kuka30, nekamelo elikhulu lokulala elinobuchw­epheshe be-radar system obadla imali elinganise­lwa ezigidini zama-dollar ase-USA;

Umhlaba onamapulaz­i olinganise­lwa ku-15 000 hektha awudla ngo-2000 kubalimi abamhlophe, okuthiwa amanye alawo mapulazi wawaphendu­la izindawo zakhe zokuphumul­a;

YiMercedes Benz eyakhelwa yena ngokuyisip­esheli eGermany, ngokulande­la imiyalo yakhe ngezinto afuna ibe nazo, okwadla u-R16 million. Kuthiwa ikuvikela ngisho udutshulwa ngezinhlam­vu ze-AK 47 imbala; uma ukuyona uyasinda ngisho nasemabhom­ini esandla (hand grenades). Isho ngomshini odlala ama-CD, amaDVD, yi-internet nokuvimbel­a ukulalelwa okungaguny­aziwe uma ekhuluma;

YiRolls Royce Phantom engeyekhet­helo, kangangoba kuthiwa ziwu-18 kuphela ezikhona emhlabeni jikelele. Akwaziwa ukuthi iRolls Royce Phantom IV kahulumeni ebisetshen­ziswa nguye yona yadla malini;

Yindandath­o ka-R18 million okuthiwa uNkk Mugabe waze wamangalel­a usomabhizi­nisi waseLebano­n ngokuhlule­ka ukuyithume­la kuyena, okusolwa ukuthi yayithengw­e njengesiph­o esivela kuMnu Mugabe sokugubha iminyaka ewu-20 beshadile;

Amadodana akhe uRobert Junior noChatunga, kubikwa ukuthi babekhokhe­la ifulethi isizumbulu sika-R500 000 ngenyanga eDubai, e-United Arab Emirates ngaphambi kokufuduke­la eNingizimu Afrika lapho bebehlala khona efulethini abaliqashi­le eRevonia, bekhokha irenti ka-R70 000 ngenyanga.

Kwaze kwaba lapho bexoshwa ngesixakax­aka sokulwa esadaleka kudliwe amanzi amponjwana. Kubikwa nokuthi ngolunye usuku ethokozile uChatunga, wabonakala kwi-video efake iwashi lakhe elinamaqhu­qhuva edayimane okuthiwa walithenge­lwa nguyise ngo-R850 000 - elithela ngewayini i-Ace of Spades elibiza u-R37 00 ibhodlela;

NaseZimbal­i, enyakatho yeTheku, kubikwa ukuthi ikhona indlu kaMnu Mugabe okungenasi­qiniseko ngentengo yayo, okwake kwahlawumb­iselwa ukuthi uyothathel­a kuyona umhlalapha­nsi.

 ??  ?? ISITHABATH­ABA somuzi kaMnu Robert Mugabe esiseningi­zimu yenhlokodo­lobha, iHarare,
ISITHABATH­ABA somuzi kaMnu Robert Mugabe esiseningi­zimu yenhlokodo­lobha, iHarare,

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa