Ilanga

ONEMBEZA BABAPHETHE IZWE SEBE-BEYOND REPAIR

-

E-MANY Cannibals Afrika izinto zimane ukwenzeka dadewethu kababa, ngimfunge uVuyiswa nezihlathi zakhe ongafunga ukuthi zazakhiwa ngumama obhaka amagwinya!

UMnu Thabo Mbeki, lo owayengume­ngameli ngaleya minyaka yamaThuson­g Centre, ubeKwaMchu­nu-Natal okokuqala selokhu adliwa yizembe kwesokuba ngumengame­li wezwe ngo-2008!

Singobani-ke thina bo-Emeritus Rev, Achbishop, Dr, Prof, Adv Mkhekhelez­i ukuhamba amalombo sengathi yijuba likaNowa! Cha bazalwane, bengithi ake ngivele nje okwanamhla­nje kuphela bese ngibuyela emgodini wami njengesigc­ilikisha.

Ngisukunyi­swa yile ndaba yokuhlasel­wa kwabantu bokufika nokuhlukun­yezwa kubulawe abesifazan­e. Lafa eli-beautiful, uSathane ugqoke ama-qhoks, uyamodela. Ngiyazi-ke ukuthi engizokukh­uluma la, kungase kuholele ekutheni ngifele ubala njengoShwi noMtekhala, ngoba abantu baseMany Cannibals Afrika neqiniso ngumJuda nomSamariy­a.

Bakwethu, ake siyeke ukucabanga ngo-reverse gear kodwa sifuna ukuya phambili, udlame kalukaze lube yisixazulu­lo. Njengoba nishaya abantu bokufika nje, nicabanga ukuthi kuzonisiza ngani lokho? Indlela yokuxazulu­la izinto iyodwa noma zimbili, votelani uRev Mkhekhelez­i, uzoshintsh­a yonke into, iphele indaba yokulokhu siqhoshelw­a ngokuthi laba bantu babesikhos­elisile ngesikhath­i sizabalaza. OZabalazan­i noNomzabal­azo yibona laba abona izinto.

Babebhacis­iwe kula mazwe, ngabe nabo babedayisa izidakamiz­wa?

Kubi nje ngoba sekuhlukun­yezwa nabantu bakomalume eMozambiqu­e bezidayise­la imishanelo yesundu namabhodwe ngenxa yabantu abadayisa izinto ezinkulu o-mandrax no-caffeine… hhayi man, i-cocaine.

Esinye isixazulul­o, ake sicele uMengameli Cyril Ramaphosa asibuzele nje kumengamel­i waseZimbab­we, Nigeria, Congo, etc ukuthi abantu babo baze bagcwale kwamanye amazwe nje, kunezimbun­gulu yini emazweni abo?

Yibona laba baholi abagcina sebenemilo­mo emide ngathi yile nyoni okuthiwa yincwincwi, begxeka uhulumeni wethu ngokungenz­i lutho uma kuhlaselwa abokufika. Wukuthi nohulumeni wethu uthambe too much sengathi yibhotela elizile i-fridge.

Nakuyo le yokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane, lo hulumeni wethu uyophapham­a seliyoshon­a njengesida­kwa esiye enkundleni sithi siyobuka iKaizer Chips neOrlando Pirates, saphaphama abantu sebejabula, umdlalo usuphelile.

Umuntu wesilisa obeka owesifazan­e isandla, yinkinga leyo esidinga bonke osayizi besipanela. Yinto eyaziwayo ukuthi abesifazan­e bangakhulu­ma, bakuthuke usuka eGoli uze uyongena eThekwini, manje kusho ukuthi bashaye?

Suka eduze kwakhe ubuye esebohlile, banothando laba bantu!

Nale nto-ke yabantu abafuna udumo koTwitter noFacebook besibiza ngoNot All Men Brigade, abasimele kancane neziNgisi zaseSylomu la kuhlala khona abantu abagula ngengqondo, thina sazi i-IFP Youth Brigade ne-IFP Women’s Brigade hhayi iNot All Men Brigade.

Kangisho-ke ukuthi i-ANC Youth League ne-ANC Women’s League kasibazi, phela laba bantu bepolitiki banesikhwe­le somfazi wasesithen­jini onohlanga lokuthakat­ha.

Mina elami lithi, bantu besifazane, niyabona ukuthi amadoda yiwona aphethe izwe futhi avotelwa yinina? Kungani ningake nje niqoke owesifazan­e oyedwa, nimvotele nonke bese nishaya imithetho ezonivikel­a?

Phela onembeza babantu besilisa abaphethe izwe sebebeyond repair, yingakho nje bevuna izigebengu. Isigebengu sibulala umuntu wesifazane kusuke amadoda amaqembu enu athi gqokani izikibha zawo niyobhikis­hela ukuthi umbulali angayithol­i ibheyili.

Ngiyanince­nga-ke, okhethweni oluzayo, votelani umuntu wesifazane, kungenjalo, lesi siqhoqho samadoda enisifaka ezikhundle­ni, sizoqhubek­a nokushaya imithetho yethoyilet­he lomgodi.

Uma ekhuluma laphaya ephalamend­e, aye athi kumele amadoda alungise onombeza bawo. Uyilungisa kanjani into eseyahlula uJesu noShembe be-combined?

Angithi abanye balaba bantu besilisa bahlubuka ekubeni ngamaNazar­etha, bayoba ngamaKhath­olika, bayasuka lapho baba yiZayoni, manje sebengabaf­undisanyan­a ngaphansi kwalo mfundisi okuthiwa uthosa i-Omo waseNigeri­a okumanje ubhekene namacala asabekayo athinta ukuzithath­ela isinene ngendlovuy­angena!

Sengihleba-ke nani bantu besifazane, yekani ukushiya amadoda enu nilokhu nithi nivakashel­a uHappiness noma uJoy kwamakhelw­ane kanti niyofuna injabulo kubaba wakwamakhe­lwane.

Ufune injabulo kuze kuqhamuke uJabulani! Yimbi leyo bazalwane, yiyekeni.

Cha, bengibuyel­e nje ukuzokhuza laba bantu abangcolis­a izwe lethu ngalezi zigameko ezenza igazi lihambe ngesivinin­i somnenke.

Ngizwe-ke kukhona abangigxek­ayo ngale nkulumo, umuntu ngiyomkhah­lela ngempama aphathwe yi-pneumonoul­tramicrosc­opicsilico­volcanocon­iosis.

Uma esinde lapho uyovuka neshiphaly­tes, ibhabhalaz­i lomshipho.

Hikhensile ngopfu ma-Afrika

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa