UHULUMENI AKATHOLE UMSUKA WOKUBULAWA KWABESIFAZANE
MHLELI: Ngicela ungiphe isikhala ngizwakalise uvo lwami mayelana nokubulawa kwabesifazane. Ngokwami, uhulumeni mawuthole umnyombo odala kubulawe abesifazane.
Kangisho ukuthi kuhle ukuba babulawe, kodwa akusizi ukuvele ubhandishe isilonda ungasigezanga kuqala. Ngokwami kufanele noma silikhama ithumba, kodwa sifinyelele emnyombeni walo.
Ekuseni ngifonelwe ngumngani wami ekhala izinyembezi, umbona ukuthi ucasukile ngento emehlele lapho amaphoyisa evumelane nomkakhe, yena nje kalizwakali elakhe.
Ngokusho kwakhe, unawo amaphepha amvumelayo ukuba ahlale emzini wakhe kuze kube kufika usuku lokuya enkantolo, kodwa amaphoyisa amtshela ukuthi yena ufunda lokhu okubhalwe ngenhla okubhalwe ngenzansi akakufundi, kumanje uthi kuyophela isonto engakaze ashintshe izimpahla azigqokile.
Uma ecela amaphoyisa ukuba okungenani mawamphelezele ayolanda izimpahla zokugqoka, athi ngeke anakane necala elilodwa kuze kuphele unyaka kwazise uke wazama ukungena emzini wakhe ngoba ephethe amaphepha lawa athi amaphoyisa makawafunde kahle.
Yini esemqondweni wowesilisa njengoba engenampahla, engenandawo yokulala, kodwa enawo umuzi? Akukho mhlawumbe ukuthi abulale owesifazane bese eyazibulala naye? Eminye imthetho iyadinga ukubhekisiswa.
Ngokumuzwa kwami, uthi umkakhe wenze isivimbelo senkantolo, akamfoneli futhi akayi lapho asebenza khona, akayi la kuqashe khona owesifazane, akayi emzini wakhe. Kumanje owesilisa ungundingasithebeni kuze kube kufika usuku lokuya enkantolo, nalo olusekude.
Ngizamile ukumehlisa umoya ngathi makayoquba noma ezihlotsheni athenge noma izimpahla ezishibhile nezangaphansi enzele ukuthi kufike icala abone-ke ukuthi inkantolo ikhipha siphi isinqumo.
Engingazi-ke noma uyokwazi yini ukusemukela uma singamvuni ngoba kukancane owesilisa aphumelele emithethweni yaseNingizimu Afrika.
Ngikhuluma nje, kunabantu abasejele bengadlwengulanga muntu, uthole ukuthi kwakuvunyelwene, kodwa ngenxa yokuthi owesifazane usefuna imali kowesilisa engenayo, wabe esakha itulo lokumbopha.
Singamadoda akulula sizwakale njengabantu abaqinisile, sihlala singabahlukumezi, abadlwenguli nababulali ngaso sonke isikhathi.
Le nto ibuhlungu ngoba inika abesifazane amalungelo okwenza noma ngabe yini abathanda ukuyenza kithina, izinkantolo zinele zingezwa kuthiwa udlwengulile, zibe sezicabanga isigwebo ezizokunika sona ngoba vele usuke ulalile nowesifazane nivumelene.
Kuyacaca usuke uyogwetshwa vele. Owesifazane uyakwazi ukusuka kubo aye kini, alale nawe kukuhle nje umuzwe esethi uyazi uma unganginiki u-R10 000 ngiyokubopha ngithi ungidlwengulile.
Sekumele upaquze-ke uhlanganise lowo R10 000 ngoba uma kungenjalo, uyogwetshwa udilikajele, kodwa-ke akubona bonke abenza lokho.
Sengibuyela odabeni lomngani wami, cha kunzima okwakhe kwazise wawakha umuzi ngethemba lokufihla ikhanda ngokukhululeka, kodwa namhlanje sekuthiwa akavumelekile nokubeka nje umcondo wakhe.
Ngiyafisa sengathi angawabamba amazwi ami athi ‘amandla endoda awapheli’ yize kubuhlungu nakimi.