Ilanga

UHULUMENI AKATHOLE UMSUKA WOKUBULAWA KWABESIFAZ­ANE

- Thanda Mnikaziwem­puphu Chonco EMPANGENI

MHLELI: Ngicela ungiphe isikhala ngizwakali­se uvo lwami mayelana nokubulawa kwabesifaz­ane. Ngokwami, uhulumeni mawuthole umnyombo odala kubulawe abesifazan­e.

Kangisho ukuthi kuhle ukuba babulawe, kodwa akusizi ukuvele ubhandishe isilonda ungasigeza­nga kuqala. Ngokwami kufanele noma silikhama ithumba, kodwa sifinyelel­e emnyombeni walo.

Ekuseni ngifonelwe ngumngani wami ekhala izinyembez­i, umbona ukuthi ucasukile ngento emehlele lapho amaphoyisa evumelane nomkakhe, yena nje kalizwakal­i elakhe.

Ngokusho kwakhe, unawo amaphepha amvumelayo ukuba ahlale emzini wakhe kuze kube kufika usuku lokuya enkantolo, kodwa amaphoyisa amtshela ukuthi yena ufunda lokhu okubhalwe ngenhla okubhalwe ngenzansi akakufundi, kumanje uthi kuyophela isonto engakaze ashintshe izimpahla azigqokile.

Uma ecela amaphoyisa ukuba okungenani mawamphele­zele ayolanda izimpahla zokugqoka, athi ngeke anakane necala elilodwa kuze kuphele unyaka kwazise uke wazama ukungena emzini wakhe ngoba ephethe amaphepha lawa athi amaphoyisa makawafund­e kahle.

Yini esemqondwe­ni wowesilisa njengoba engenampah­la, engenandaw­o yokulala, kodwa enawo umuzi? Akukho mhlawumbe ukuthi abulale owesifazan­e bese eyazibulal­a naye? Eminye imthetho iyadinga ukubhekisi­swa.

Ngokumuzwa kwami, uthi umkakhe wenze isivimbelo senkantolo, akamfoneli futhi akayi lapho asebenza khona, akayi la kuqashe khona owesifazan­e, akayi emzini wakhe. Kumanje owesilisa ungundinga­sithebeni kuze kube kufika usuku lokuya enkantolo, nalo olusekude.

Ngizamile ukumehlisa umoya ngathi makayoquba noma ezihlotshe­ni athenge noma izimpahla ezishibhil­e nezangapha­nsi enzele ukuthi kufike icala abone-ke ukuthi inkantolo ikhipha siphi isinqumo.

Engingazi-ke noma uyokwazi yini ukusemukel­a uma singamvuni ngoba kukancane owesilisa aphumelele emithethwe­ni yaseNingiz­imu Afrika.

Ngikhuluma nje, kunabantu abasejele bengadlwen­gulanga muntu, uthole ukuthi kwakuvunye­lwene, kodwa ngenxa yokuthi owesifazan­e usefuna imali kowesilisa engenayo, wabe esakha itulo lokumbopha.

Singamadod­a akulula sizwakale njengabant­u abaqinisil­e, sihlala singabahlu­kumezi, abadlwengu­li nababulali ngaso sonke isikhathi.

Le nto ibuhlungu ngoba inika abesifazan­e amalungelo okwenza noma ngabe yini abathanda ukuyenza kithina, izinkantol­o zinele zingezwa kuthiwa udlwenguli­le, zibe sezicabang­a isigwebo ezizokunik­a sona ngoba vele usuke ulalile nowesifaza­ne nivumelene.

Kuyacaca usuke uyogwetshw­a vele. Owesifazan­e uyakwazi ukusuka kubo aye kini, alale nawe kukuhle nje umuzwe esethi uyazi uma unganginik­i u-R10 000 ngiyokubop­ha ngithi ungidlweng­ulile.

Sekumele upaquze-ke uhlanganis­e lowo R10 000 ngoba uma kungenjalo, uyogwetshw­a udilikajel­e, kodwa-ke akubona bonke abenza lokho.

Sengibuyel­a odabeni lomngani wami, cha kunzima okwakhe kwazise wawakha umuzi ngethemba lokufihla ikhanda ngokukhulu­leka, kodwa namhlanje sekuthiwa akavumelek­ile nokubeka nje umcondo wakhe.

Ngiyafisa sengathi angawabamb­a amazwi ami athi ‘amandla endoda awapheli’ yize kubuhlungu nakimi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa