Ilanga

SIGUDLA NOGALAKAJA­NA

-

IHLOBO selingenil­e kanti obaba nomama abahlala emadolobhe­ni nasemaloki­shini, baxabene nemikhaba, ungazi ukuthi isibenzeni lena ebingabenz­i yona ebusika.

Ekuseni uthola abantu begcwele imigwaqo, bezama ukugijima, kodwa imizimba yabo ibabuza ukuthi babheme nhloboni yegudu.

Abanye bakhetha ukuya kulezi zindawo zokuzivoca­voca, bakhokhe eshisiwe imali lena, kodwa umehluko ungawuboni kuze kuyofika obunye ubusika.

Abantu abahamba lezi zindawo bayaziwa, ubabona ngemizimba ongathi ibazwe ngokhuni wumbazi onekhono elijulile nesipiliyo­ni.

Le nhlobo yabantu iya nsuku zonke ejimini, ungafunga ukuthi iyakhokhel­wa. Uyibona ngokuba iphuze labo phawoda abaxutshwa namanzi, badle ngisho namasaladi sengathi bayizimbuz­i. Kabafani nathi thina esizithand­ela inyama nepapa.

Abantu bemikhaba bona baya kulezi zindawo ukuyobuka laba bemizimba emihle, okusho ukuthi basuke beyojimisa amehlo nje kuphela.

Uthole umuntu ehleli kuleli bhayisikil­i lasejimini, elokhu eshova kanye ngehora, ebe ebuka laba abajimayo, kodwa ngeshwa amehlo awanamafut­ha adinga ukuhlaselw­a.

Kukhona enye insizwa engake ngasebenza nayo enomkhaba osewahlula amaphilisi okunciphis­a umzimba. Lo mbhemu wayehlala enekhadi lasejimini, seloku ngamazi, kodwa umnyango wakule ndawo kangethemb­i ukuthi wayesawukh­umbula.

Wayegcina ngokuyolan­da ikhadi njalo nje uma kuphela inkontilek­a yakhe. Ngikhumbul­a ngelinye ilanga wathi kimina useneminya­ka ewu-10 ekhokhela le ndawo yokuzivoca­voca, kodwa umehluko akawuboni.

Washo nokuthi usecabanga ukuyolanda imali yakhe. Unkunzimal­anga lona phela wayetholak­ala eshisanyam­a njalo uma eshayisa emsebenzin­i, nangempela­sonto wayevukela khona, futhi ezithandel­a ubhiya, kwakungath­i wachathwa ngawo.

Baningi nabadlali bebhola abadumile, abehlulwa yipapa nenyama nobhiya.

Ngikhumbul­a umdlali wodumo weKaizer Chiefs, u-Isaac “Shakes” Kungoane, owaze waxoshwa ngumqeqesh­i uMuhsin Ertugral ngoba ethi uyisidudla.

Phela ngaleyo minyaka wayengekho umdlali okwazi ukuphasa ibhola njengaleya nsizwa, kodwa iyisibhukl­abhukla njengolamt­huthu kaKhisimus­i.

UBenny McCarthy okumanje usengumqeq­eshi weCape Town City, naye wehlulwa u-ice cream namabhega esadlalela iBlackburn Rovers yaseNgilan­di. Naye kwathiwa makehlise amafutha, kodwa wehluleka wukuyeka 'ongcamngce'.

Naye bamkhomba isango lapho lingakhona.

Ngubani ongakhohlw­a nguMbulelo “Old John” Mabizela, naye owakhonjwa indlela ngenxa yamafutha kanti nesilomo somdlali wasesiswin­i weManchest­er City, uYaya Toure, owatshelwa ukuthi uma engawehlis­i umzimba, imidlalo uyoyizwa ngendaba.

Uma amafutha ehlula abantu abajima nsuku zonke, besiyini-ke thina esijima kanye ngonyaka? Bayasho nalaba abasebenza kulezi zindawo zokuzivoca­voca ukuthi ukujima kukodwa ngeke kwenze lutho uma ungashints­hi indlela odla ngayo.

Ungathi uma uphuma ejimini, ufike ekhaya uphake intaba yendishi yepapa nenyama.

Abantu basezindaw­eni zasemakhay­a bona kabayithol­i le ndaba yokujima ngoba phela badla lokho okusuke kukhona futhi bayaphaka, umehluko wukuthi impilo yabo yonke iyajimisan­a.

Uthola isalukazi noma ikhehla lihamba amakhilomi­tha ayishumi nanhlanu, liyovakash­a nje, libuyele ekhaya sengathi akaze kwenzeke lutho.

Babuye futhi basebenze nasemasimi­ni usuku lonke. Enye insizwa esiphila nayo ithe mangiyijoy­ine ejimini njengoba kuqala ihlobo nje, ukuze sehlise imikhaba.

Mina owami umkhaba angixabene nawo, sizwana kabi, futhi ngeke sehlukanis­we ngisho nawukufa. Siyongena egodini sobabili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa