SIGUDLA NOGALAKAJANA
IHLOBO selingenile kanti obaba nomama abahlala emadolobheni nasemalokishini, baxabene nemikhaba, ungazi ukuthi isibenzeni lena ebingabenzi yona ebusika.
Ekuseni uthola abantu begcwele imigwaqo, bezama ukugijima, kodwa imizimba yabo ibabuza ukuthi babheme nhloboni yegudu.
Abanye bakhetha ukuya kulezi zindawo zokuzivocavoca, bakhokhe eshisiwe imali lena, kodwa umehluko ungawuboni kuze kuyofika obunye ubusika.
Abantu abahamba lezi zindawo bayaziwa, ubabona ngemizimba ongathi ibazwe ngokhuni wumbazi onekhono elijulile nesipiliyoni.
Le nhlobo yabantu iya nsuku zonke ejimini, ungafunga ukuthi iyakhokhelwa. Uyibona ngokuba iphuze labo phawoda abaxutshwa namanzi, badle ngisho namasaladi sengathi bayizimbuzi. Kabafani nathi thina esizithandela inyama nepapa.
Abantu bemikhaba bona baya kulezi zindawo ukuyobuka laba bemizimba emihle, okusho ukuthi basuke beyojimisa amehlo nje kuphela.
Uthole umuntu ehleli kuleli bhayisikili lasejimini, elokhu eshova kanye ngehora, ebe ebuka laba abajimayo, kodwa ngeshwa amehlo awanamafutha adinga ukuhlaselwa.
Kukhona enye insizwa engake ngasebenza nayo enomkhaba osewahlula amaphilisi okunciphisa umzimba. Lo mbhemu wayehlala enekhadi lasejimini, seloku ngamazi, kodwa umnyango wakule ndawo kangethembi ukuthi wayesawukhumbula.
Wayegcina ngokuyolanda ikhadi njalo nje uma kuphela inkontileka yakhe. Ngikhumbula ngelinye ilanga wathi kimina useneminyaka ewu-10 ekhokhela le ndawo yokuzivocavoca, kodwa umehluko akawuboni.
Washo nokuthi usecabanga ukuyolanda imali yakhe. Unkunzimalanga lona phela wayetholakala eshisanyama njalo uma eshayisa emsebenzini, nangempelasonto wayevukela khona, futhi ezithandela ubhiya, kwakungathi wachathwa ngawo.
Baningi nabadlali bebhola abadumile, abehlulwa yipapa nenyama nobhiya.
Ngikhumbula umdlali wodumo weKaizer Chiefs, u-Isaac “Shakes” Kungoane, owaze waxoshwa ngumqeqeshi uMuhsin Ertugral ngoba ethi uyisidudla.
Phela ngaleyo minyaka wayengekho umdlali okwazi ukuphasa ibhola njengaleya nsizwa, kodwa iyisibhuklabhukla njengolamthuthu kaKhisimusi.
UBenny McCarthy okumanje usengumqeqeshi weCape Town City, naye wehlulwa u-ice cream namabhega esadlalela iBlackburn Rovers yaseNgilandi. Naye kwathiwa makehlise amafutha, kodwa wehluleka wukuyeka 'ongcamngce'.
Naye bamkhomba isango lapho lingakhona.
Ngubani ongakhohlwa nguMbulelo “Old John” Mabizela, naye owakhonjwa indlela ngenxa yamafutha kanti nesilomo somdlali wasesiswini weManchester City, uYaya Toure, owatshelwa ukuthi uma engawehlisi umzimba, imidlalo uyoyizwa ngendaba.
Uma amafutha ehlula abantu abajima nsuku zonke, besiyini-ke thina esijima kanye ngonyaka? Bayasho nalaba abasebenza kulezi zindawo zokuzivocavoca ukuthi ukujima kukodwa ngeke kwenze lutho uma ungashintshi indlela odla ngayo.
Ungathi uma uphuma ejimini, ufike ekhaya uphake intaba yendishi yepapa nenyama.
Abantu basezindaweni zasemakhaya bona kabayitholi le ndaba yokujima ngoba phela badla lokho okusuke kukhona futhi bayaphaka, umehluko wukuthi impilo yabo yonke iyajimisana.
Uthola isalukazi noma ikhehla lihamba amakhilomitha ayishumi nanhlanu, liyovakasha nje, libuyele ekhaya sengathi akaze kwenzeke lutho.
Babuye futhi basebenze nasemasimini usuku lonke. Enye insizwa esiphila nayo ithe mangiyijoyine ejimini njengoba kuqala ihlobo nje, ukuze sehlise imikhaba.
Mina owami umkhaba angixabene nawo, sizwana kabi, futhi ngeke sehlukaniswe ngisho nawukufa. Siyongena egodini sobabili.