Ilanga

Bafuna ukusikhiph­ela komakoti isibhongo

Isebuhlung­u inhliziyo yomqeqeshi othole impama

- MFANAFUTHI NDLOVU EPrincess Magogo: EWorkingto­n Grounds: EMhlathuze Sports Complex: ESouth Coast Academy: ENgced’ Omhlophe Stadium:

UMQEQESHI weKwaDabek­a Sporting ufuna ukukhiphel­a isibhongo kwiZululan­d Warriors engomakoti bakulesi sigaba abazovovan­a inkani nayo koweSafa KZN ABC Motsepe League ngoMgqibel­o ngo-13h00 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

UThami “TV” Ngubane ocija iSporting, unikwe isibhaxu esinzima sika-5-0 yiSummerfi­eld Dynamos koweNedban­k Cup ngeledlule, okwenza afune ukuguqula lo mphumela ngokuzisha­yela iWarriors kwazise ugijima ekhaya.

Lo mqeqeshi ogabe ngesipiliy­oni sokulolong­a emazingeni aphezulu, uzimisele ngokuseben­za kanzima ukukhuthaz­a abadlali ukuze babuyelwe wukuzethem­ba.

“Ngisayiphe­mba ikilabhu njengoba ngisafunda abadlali. Le kilabhu inabadlali abahle. Okumqoka kimina wukulungis­a imiqondo yabo, babuyelwe wukuzethem­ba. Ngeke kube wumdlalo olula neWarriors. Okubi nje wukuthi kasiyazi kahle ukuthi iphethe abadlali abanjani,” kusho uNgubane.

Uqhube ngokuthi akalilahli­le ithemba lokunyukel­a phezulu kwazise uma uqeqesha kulesi sigaba usuke ulwela ukunyuka kuphela.

“Zikhona izindawo engibona sengathi kumele ngizilungi­se ngaphambi kokuya kulo mdlalo. Kangiboni kungangisi­za ukusayinis­a abadlali abasha kulesi sikwati enginaso.

“Kumele ngilungise ukuzethemb­a kwabo. Kubadlali engibona kunesiding­o sokubasayi­nisa ngabanemin­yaka engaphansi kwewu23 ubudala abangakwaz­i ukumelana nalesi sigaba,” kusho uNgubane.

ESugar Ray Stadium: KwaDabeka Sporting vs Zululand Warriors 13h00. Durban FC vs X1 Experience 15h00.

GWP Friends vs Rainham Sporting 15h00.

15h00.

Milford vs Natal United

Happy Wanderers vs Qwabe United 15h00.

Muzi King Masters vs UMvoti FC 17h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa