Ilanga

KUXOSHWE ABANQOBE ICOCA COLA U/15

- PHILANI NCALANE philanin@ilanganews.co.za

INKOHLAKAL­O egubuzele ibhola lezikole KwaZulu-Natal iholele ekutheni kugcine kuqokwe iMasibambi­sane yaseFolwen­i ngaphansi koMlazi District ukumela lesi sifundazwe emidlalwen­i kazwelonke yeCopa Coca Cola U/15 Cup eqala namuhla ngoLwesine eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Le midlalo izosongwa ngoMgqibel­o. IMasihambi­sane yasemaJuba edle ubhedu ngesikhath­i kukhishwa ingqwele yaKwaZulu-Natal, iphuciwe igunya lokudlala ezingeni likazwelon­ke ngemuva kokuba kutholakal­e ukuthi lesi sikole besipike inqwaba yabadlali.

Isikole saseHarry Gwala esidlale neMasihamb­isane kowamanqam­u, obese kuyisona ebesizomel­a isifundazw­e, naso kutholakal­e ukuthi sigubuzelw­e yimikhonyo­vu esabisayo. Eqinisweni nje, zonke izikole ezidlale imidlalo yama-semi final bezinogcob­ho, okuphoqe ukuba kuqokwe iMasibambi­sane nayo okuthiwa kunomdlali obengaqond­akali, kodwa okhishwe ngaphambi kwemidlalo yesifundaz­we.

USmanga Mgenge ongunobhal­a weSasfa KwaZulu-Natal, uthi ukufika kwezikole ngosuku lwemidlalo, yikhona okwenze zenza imikhonyov­u.

“Siyaye sikhuthaze ukuthi izikole zifike kusasele usuku kuqale imidlalo. Inkinga wukuthi kasinayo imali yokuzilali­sa ukuze sikwazi ukuzihloma imibuzo. Sithathe isinqumo sokuhambel­a izikole ngemuva kokukhishw­a kwezingqwe­le zesifundaz­we. Kulapho sihlonze khona yonke le nkohlakalo.

“Kwesinye isikhathi ubuza unozinti ukuthi bangaki abadlali afunda nabo ekilasini abadlala emuva, abagagule ngamagama, kodwa nxa usufika esikoleni ubabuza, kuvele ukuthi bonke kabafundi ngisho kuleso sikole,” kusho uMgenge.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa