Ilanga

ISIKHULU SEBUCS SIBHEJE NGOGABUZA

- SENZO SOKHELA

UBHOBOKA ngokwenze wadedela uThamsanqa “Gandaganda” Gabuza wajoyina iSuperSpor­t United uSihlalo we-Orlando Pirates, u-Irvin “Iron Duke” Khoza.

UKhoza uthuse abathandi bebhola ememezela ukuthi iPirates idedele uGabuza wajoyina iSuperspor­t. Usayine iminyaka emibili nale kilabhu yasePretor­ia.

UKhoza udedela uGabuza nje, uke wakubeka kwacaca kuleli phephandab­a ukuthi lo mdlali ngeke ahambe kwiBucs ngenxa yothando analo ngaye. Wathi umthandela umoya wobumbano alutshala ekilabhini nokuzinike­la kwakhe edlala noma engadlali.

Ekhuluma neLANGA izolo uKhoza, uveze isizathu esenze wamdedela uGabuza.

“Okokuqala engifuna ukukucacis­a wukuthi uGabuza akaxoshwan­gwa kwiPirates futhi akahambile, kufana nokuthi usavakashi­le ngoba iminyango iyohlezi ivulekile kuyena lapha kwiPirates.

“Abadlali abanjengoG­abuza bayivela kancane, uwuhlobo olwehlukil­e, ongeke uluthole ndawo, ngakho-ke kawukwazi ukuxosha umuntu onjalo.

“Ushiye imbobo lapha kwiPirates ngoba ubewufaka umoya wokuzwana, ozakwabo bayamkhumb­ula. Kodwa-ke ngenxa yokubona ukuthi iminyaka yakhe yobudala iyahamba, ngihlalile naye savumelana ukuthi akavakashe ngoba izinto kazimhambe­li kahle ekilabhini.

Bengingath­andi ahambe kodwa ubengasiza­kali ngoba ubengadlal­i.

“Kakusizi ukuba nomoya omuhle kodwa ube ungadlali, yingakho nginqume ukuba ngimyise kwiSuperSp­ort. Sibe nemihlanga­no eminingi naye ngoba bekunamaki­labhu amane abemfuna, ngabe senginquma ukumyisa kwiSuperSp­ort. Konke ukwenzelwe yimina ngibe yi-agent yakhe yize-ke ngibe yile agent engaholi,” kusho uKhoza.

Uqhube ngokuthi ujabule ngefomu yakamuva kaGabuza.

“Ngijabule ngendlela eyisimanga ngendlela aqhulula ngayo amagoli kwiSuperSp­ort. Bengivele ngazi ukuthi uzowaqhulu­la amagoli, yingakho ngibheje nemenenja yeSuperSpo­rt uStan Mathews. Ngeke ngikutshel­e ukuthi sibhejeni kodwa ngendlela uGabuza enza ngayo sekusele kancane ngiwine kwesikubhe­jele.

“Ngijabule ngendlela engachazek­i ngendlela enza ngayo. Ngiyezwa ukuthi nakwiSuper­Sport uyangungwa, wonke umuntu ufuna ukuba seduze kwakhe ngenxa yomoya awutshalay­o kubadlali.

“Ungicasula kabi umdlali okuthi uma engadlali aquve, atshale umoya wezikhova kozakwabo. UGabuza akanjalo-ke, yena uma engadlali ufaka umfutho kozakwabo yingakho eyohlezi enendawo kwiPirates ngisho eseliyekil­e ibhola,” kusho uKhoza.

 ??  ?? UTHAMSANQA Gabuza okuvela ukuthi izikhulu zabheja ngazokwenz­a kwiSuperSp­ort United angalibhek­i ipali selokhu eyijoyinil­e.
UTHAMSANQA Gabuza okuvela ukuthi izikhulu zabheja ngazokwenz­a kwiSuperSp­ort United angalibhek­i ipali selokhu eyijoyinil­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa