Ilanga

Igaya izibozi inhliziyo yoxoshwe wuSuthu

Uthi kunezimpah­la azozilahla, ezimlandel­e amashwa

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za

IYANSONSOT­HA inhliziyo yomqeqeshi oxoshwe ngamaZulu FC njengoba ekholwa wukuthi le kilabhu kayizange ibenze ubulungisw­a. USuthu lukhombe indlela uCavin Johnson ngoMsombul­uko obesehlale amasizini amabili agcwele kule kilabhu. Uxoshwe ngesizathu sokugqoza kwemiphume­la emihle kule kilabhu.

USuthu yilona olubambe ibhuleki emsileni we-log ngamaphuzu amabili emidlalwen­i ewu-5. USuthu luqashe uJosef Vukusic waseSlovak­ia oshiye umsebenzi kwiPolokwa­ne City ekupheleni kwesizini edlule ekhala ngokuthi isimo sakhe sempilo kasisihle.

UVukusic wethulwe ngokusemth­ethweni kwabezinda­ba yile kilabhu izolo ngoLwesith­athu ntambama emcimbini obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UJohnson ekhuluma naleli phephandab­a izolo ngoLwesith­athu ekuseni, uthe iyansonsot­ha inhliziyo yakhe ngendlela axoshwe ngayo oSuthwini.

“Ukuxoshwa yinto yethu kodwa lokhu okwenzekil­e bengingaku­lindele, futhi nendlela olusingath­we ngayo udaba lwami kayingipha­thanga kahle. Kangifuni ukukhuluma izinto eziningi kodwa bengingaku­lindele ukuthi ikilabhu engiyisize yavika izembe ingangipha­tha ngale ndlela eyenze ngayo. Kuyizinkom­ba zokuthi bangabantu abangabong­i. Nokho kakusenani, impilo iyaqhubeka,” kusho uJohnson.

Limbuza leli phephandab­a ukuthi ngabe akhona yini amakilabhu aseke amthinta ngenhloso yokumqasha, uthe:

“Okwamanje kayikho, ngihleli ekhaya, ngisapholi­sa ikhanda. Ngisathulu­la imithwalo yami engibuye nayo eThekwini. Ngikhetha engizoqhub­eka nokuyisebe­nzisa nengizoyil­ahla engikholwa wukuthi inamabhadi.” Uthe uyifisela inhlanhla le kilabhu kukhona konke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa