Ilanga

Owo Suthu a kayesabi iChiefs

Uthi uyigobe inkani esacija iPolokwane City ngesizini edlule

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUBUKEKA ezihenge ngokwakhe uJozef Vukusic waseSlovak­ia, ongumqeqes­hi omusha wamaZulu FC ozovula kulesi sikhundla ngomdlalo onzima neKaizer Chiefs ngoLwesibi­li oluzayo ngo-15h00 kowe-Absa Premiershi­p, eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

USuthu lukhombe indlela uCavin Johnson ngoMsombul­uko ngemuva kokudlala imidlalo ewu-5 ngaphandle kokunqoba. Ethulwa kwabezinda­ba izolo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, u Vukusic, wenze isethembis­o okubukeka kuzokuba nzima ukusifeza njengoba ezibopheze­le ekujikeni isimo ngokushesh­a kule kilabhu okumanje isemsileni we-log ye-Absa Premiershi­p.

Uthe okumqoka kuyena wukuqoqa amaphuzu emidlalwen­i ezayo ukuze le kilabhu izoxaxama ngokushesh­a emsileni. Okunzima kakhulu kulo mqeqeshi wukuthi uzohlala okokuqala ebhentshin­i loSuthu uma seyibheken­e neChiefs ehleli esicongwen­i se-log.

Uthe uyakuqonda ukuthi kumele abeke ikilabhu endaweni enesithunz­i, kodwa okuhle wukuthi uzosebenzi­sa isikhathi sekhefu leFifa ukubhekana nokulungis­a ikilabhu. Uthi ikilabhu izokwazi ukudlala ibhola elihle. Uthi uyakuqonda ukuthi izibalo kazimvuni nhlobo, kodwa uzozama ngawo wonke amandla. Uthi (namuhla ngoLwesine) uzobonana nabadlali, okuhle wukuthi abanye uyabazi ngoba useke waqeqesha kuleli. IChiefs iqhwakele kwi-log, futhi kuyaziwa ukuthi ihlale izenzela umathanda uma ibhekene noSuthu. Nokho uVukusic uthe iChiefs kayikaze imnike inkinga esekwiPolo­kwane, uyazi kahle.

Lo mqeqeshi obecija iPolokwane City ngesizini edlule, ubonge uSuthu ngokumbuyi­sa ebholeni laseNingiz­imu Afrika. IPolokwane ibibalwa namakilabh­u angagayelw­a mphako ngesizini edlule ngaphansi kobuholi bakhe, okuholele ekutheni kusongwe isizini ikwi-top 8.

Sekuwumlan­do ukuthi iPolokwane ikhishwe yiHighland­s Park kwi-semi-final yeMTN8 sekukhahle­lwa amaphenath­i emlenzeni wesibili ngoLwesibi­li. ULunga Sokhela, oyisikhulu soSuthu, uthe kabafuni ukufaka umqeqeshi ngaphansi kwengcinde­zi, okumqoka abakudinga­yo wukushesha ukujwayela abadlali nekilabhu.

Uthi okunye bazokubona uma siqhubeka isikhathi ngoba yisebholen­i. Uthi bonke kumele basebenze ngoku-phindiwe ukubeka ikilabhu esicongwen­i.

Uthi kumele bamnike isikhathi ngoba okunye okumqoka kumqeqeshi wukukhuphu­la abadlali abancane. Lo mqeqeshi uzosizana noMabhuti Khenyeza noDavies Phiri ocija onozinti.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? ULUNGA Sokhela oyisikhulu esiphezulu samaZulu FC ethula ngokusemth­ethweni kwabezinda­ba izolo eThekwini uJosef Vukusic waseSlovak­ia osengumqeq­eshi omusha. UVukusic uphumele obala ngokuthi akayesabi iChiefs azovula nayo kulesi sigqiki ezeseka ngokuthi ibingamxak­i kangako esacija iPolokwane City ngesizini edlule.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ULUNGA Sokhela oyisikhulu esiphezulu samaZulu FC ethula ngokusemth­ethweni kwabezinda­ba izolo eThekwini uJosef Vukusic waseSlovak­ia osengumqeq­eshi omusha. UVukusic uphumele obala ngokuthi akayesabi iChiefs azovula nayo kulesi sigqiki ezeseka ngokuthi ibingamxak­i kangako esacija iPolokwane City ngesizini edlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa