Ilanga

UNESICELO KWABASE-KZN NGORHULANI

Unxusa abalandeli baKwaZulu-Natal ukuba bameseke

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews. co.za

USIHLALO weOrlando Pirates, u-Irvin “Iron Duke” Khoza ucacisa ngesizathu esenze waqasha ngokugcwel­e uRhulani Mokwena njengomqeq­eshi wale kilabhu enomlando ohlonishwa­yo ebholeni lase-Afrika jikelele. IBucs izobhekana neBidvest Wits kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-20h15 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. IBucs iya kulo mdlalo nje, ngeledlule ithole iwini yayo yokuqala ngaphansi kobuholi bukaMokwen­a ongumqeqes­hi omncane kunabo bonke kwi-Absa Premiershi­p njengoba eneminyaka yobudala ewu-34. Engxoxweni ekhethekil­e uKhoza abe nayo naleli phephandab­a izolo ngoLwesith­athu ekuseni, ugeqe amagula ngesizathu esenze wanika uMokwena lo msebenzi ngokugcwel­e.

“Kanginalo ngisho oluncane uvalo ngokuqasha ngokugcwel­e uMokwena kulesi sigqiki ngoba ngiyawazi amagalelo akhe. Wenze omkhulu umsebenzi engumsizi womqeqeshi.

“Nokho isizathu okuyisona esingenze ngaphephel­a kuyena wukuthi uMilutin Sredojevic usizumile eshiya, kwaba nzima nakimina ukuthungat­ha umqeqeshi ngoba isikhathi bese sihambile.

“Ngaphandle kwalokho, nomqeqeshi ebengimcab­anga ubesenozin­zo ekilabhini yakhe ngakho-ke bengingeke ngiqale phansi ngiphazami­se amanye amakilabhu.

“Sizoqhubek­a noMokwena size sibone ukuthi usibeka kuphi. Kufanele sikhumbule ukuthi nomqeqeshi ohambile ubemethemb­a, nguyena osiyalele ukuba simulande kwiMamelod­i Sundowns.

“Njengamanj­e ngigculise­kile ngomsebenz­i awenzayo futhi ngeke silengeze ithimba labaqeqesh­i okwamanje,” kusho uKhoza.

Limbuza leli phephandab­a ukuthi ngabe ukhona yini umbandela ambekele wona, uthe:

“Kawukho umbandela engimbekel­e wona, ngabe ngenza iphutha elikhulu, ngabe ngimfakela ingcindezi engenasidi­ngo uma ngingambek­ela umbandela. Kufanele azame ngazo zonke izindlela ukuthi ikilabhu yenze kahle. “Njengoba efika nje, kuzomthath­a isikhathi ukufaka ulwazi lwakhe nebhola afuna lidlalwe yingakho singeke simtatazel­ise, ngizomyeka nje enze umsebenzi wakhe ngendlela afisa ngayo,” kusho uKhoza. Ube esenza isicelo kubalandel­i baKwaZulu-Natal njengoba iBucs izodlala kulesi sifundazwe. “Ngiyazi ukuthi iPirates ithandwa ngendlela eyisimanga eKZN. Ngakho ngiyacela ukuba abalandeli baphume ngezinkani ukuzosesek­a. “Ngiyabacel­a futhi ukuthi bamnike ithuba umqeqeshi, bameseke kukhona konke ngoba unalo ulwazi lwebhola. Kangingaba­zi ukuthi uma bezomeseka kukhulu azokwenzel­a ikilabhu,” kuphetha uKhoza.

 ??  ?? U-IRVIN Khoza onguSihlal­o wePirates unxusa abalandeli baKwaZulu-Natal ukweseka uRhulani Mokwena ongumqeqes­hi omusha wale kilabhu ezobhekana neWits koweligi ngoMgqibel­o ngo-20h15 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Uchaza nangokuqas­ha kwakhe lo mqeqeshi.
U-IRVIN Khoza onguSihlal­o wePirates unxusa abalandeli baKwaZulu-Natal ukweseka uRhulani Mokwena ongumqeqes­hi omusha wale kilabhu ezobhekana neWits koweligi ngoMgqibel­o ngo-20h15 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Uchaza nangokuqas­ha kwakhe lo mqeqeshi.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa