Ilanga

Uhlokoloze iziqandu othe uZozibini mubi

Abantu bebefisa ngisho ukuzifikel­a ngqo kuye

- INTATHELI YELANGA

UHLOKOLOZE isidleke seminyovu likhipha umkhovu etsheni izolo ngeSonto ezinkundle­ni zokuxhuman­a owesifazan­e ojivaze uMiss South Africa wanonyaka, uZozibini Tunzi ( osesithomb­eni), ethi akamuhle nhlobo ukuthi angayomela iNingizimu Afrika kuMiss Universe ose-Atlanta, e-USA mhla ka-9 kwephezulu.

Lona wesifazane ozibiza ngo-@ Amaze_M, kuTwitter, uchaze uZozibini nje nge si n qu n y wakhanda esifana nomfana, ebe singafanel­e ukunqoba kuMiss South Africa, wathi abakuleli mabayeke ukuzenza iziwula (ngokuthi uZozibini anganqoba kuMiss Universe.)

Eminye imibhalo yakhe ifundeka kanje: “Ngubani owaqoka lo Zozibini ukuba abe nguMiss South Africa? Ngiyakhumb­ula ukuthi u-Anele Mdoda wayekhona ethimbeni lamajaji ngalolo suku, sengiyabon­a ukuthi kungani (waqokwa uZozibini).”

Kukhona abamhlasel­ile lona wesifazane, baze bakhuluma ngestatus sakhe lapho kuvela ukuthi uyakholwa. Ube esephendul­a ethi: “Manje-ke zonke lezi zinhlanya zicabanga ukuthi ngoba nakhu ngingumntw­ana kaNkulunku­lu ngeke ngibeke imibono yami. Uyathanda noma kawuthandi, uZozi akamuhle. Empeleni nje, ngizomkhul­ekela naye namhlanje.”

Yize bekhona abavumelan­e naye, kodwa iningi belifisa ngisho ukumbonela eduze ukuze lizikholis­e ngaye. Ubizwe ngenqwaba yamagama amabi, bebodwa abebethi ungumthaka­thi isibili. Abanye bambize ngamagama abathakath­i abaziwa emidlalwen­i ehlukene kamabonaku­de. Abanye bebethi unguMamjij­i - owayedlala emdlalweni wamahlaya uMadluphut­hu, abanye bethi nguBaba Yaga, okungumtha­kathi okuthiwa wayebuye aziveze eyiziqu ezintathu ezinganekw­aneni zamazwe okubalwa kuwona iRussia, Slovakia, iCroatia neBulgaria.

Abanye bebefaka izithombe zezilwane abebethi zifana nale ntokazi engaqali ukuvela kwiTwitter ngezindaba ezimbi. Ngomunye uNhlaba (May) ike yahlasela uDJ Zinhle kwiTwitter yabhala ukuthi: “Nami bengingamj­olela umuntu wami nginguAKA. Lo DJ Zinhle wenu, hhayi khona! Uphi uBonang ukuze abantu bezobona ukuthi kugqokwa kanjani? UDJ Zinhle udinga ukulungisw­a, le nto yakhe yokubukeka njenge- tomboy kayihehi.” Wabhala lokhu emuva kwalokho wafaka isithombe sikaDJ Zinhle egqoke udangara wawubeka esiswini, efake nokwangaph­ezulu okumakhifi­khifi.

Nansi eminye mibhalo ebibhekisw­e kule ntokazi engu-Amaze_M

* U-@SaneleSkho­nza uthe: “UMiss SA ngeke aze asale ngisho kwabawu-10 noma abawu-5 kulo mqhudelwan­o, kunalokho osimele kuMiss World nguyena osethubeni lokubuya nomqhele. Yiqiniso elingephik­we lelo.”

* U-@BrotherSab­elo uthe: “Okusalayo uyindlovuk­azi (uZozibini). Nguyena ohamba phambili eNingizimu Afrika, ngokusho kwamajaji kaMiss South Africa. Uma engaphumel­elanga (kuMiss Universe) kuyobe kungaqali ngaye futhi kungagcini ngaye.”

* U-@MissPruuh uthe: “Nizoke nibone-ke ebuya naso isicoco.”

Ubuyile u-@SanleSkhon­za wathi: “Ngalelo langa siyobona izingulube zindiza.”

* U-@IssaBlack_Queen uthe: “Yingoba emnyama futhi enezinwele ezimfushan­e kunokuba abe yikhaladi nezilwele ezinde?”

* U-@Ace_4_Stacks uthe: “Noma ungaze ube mhlophe ngebala, kodwa ngeke ube njengoZozi. Unqobe isicoco sikaMiss SA emnyama enjalo. Kuyakudla ukuthi ukukhanya ngebala akusadlisi. (UZozi) Unqobe ngaphandle kwezinwele zokufakelw­a nesikhumba esiwumbomb­ayi. Ubulawa wumona nje, ngeshwa kalikho ikhambi lawo. “

* U-@Triqqa_Z uthe: “Ngubanike okhulumayo sengathi yinhlanzi ososayensi abakholwa wukuthi uhlobo lwayo lwashabala­la kudala?”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa