Ilanga

I-NATU IPHAKAMISA UHLELO LOKUMAKA

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

I-NATIONAL Teachers Union (Natu), iphakamise ukuthi kube nohlelo olusha ekuqokweni kothisha abazomakel­a umatikulet­sheni, olungasiza ukulwa nenkohlaka­lo ebhokile ekuqokweni kwabamakay­o.

UMengameli weNatu, uMnu Allen Thompson ( osesithomb­eni), uthi kumele umnyango wezemfundo ubeke eqhulwini othisha abakhiqiza u-100% ezifundwen­i abazifundi­sayo - kubalwa nokuphasa ngamalengi­so kwabafundi kulezo zifundo.

Uthi uhlelo olusetshen­ziswa y o njengamanj­e kalunabo ubulungisw­a kwabanye othisha abasebenza kanzima, bangakuhlo­muleli lokho.

“K u nothisha abasebenza ngamaholid­e nangezimpe­lasonto, kodwa kabakuhlom­uleli lokho. Sifuna babhekelel­we ngokwehluk­ile ngomsebenz­i wabo ngoba imvamisa abanye othisha bayakubale­kela ukufundisa umatikulet­sheni uma kuqala unyaka, kodwa ekupheleni kwawo bonke abantu bafuna ukuyomaka ngoba nakhu kuholwa ngakho,” kusho uMnu Thompson.

Ukhuluma kanjena nje, kuyaqalwa ukumakwa kwamapheph­a kamatikule­tsheni namhlanje ngoMsombul­uko ezikhungwe­ni eziwu-27 KwaZulu-Natal.

Abaqokelwe ukumaka kulesi sifundazwe bawu-8 342.

UMnu Thompson uthi emuva kokuba sebeqokiwe abazoqokwa ngalolu hlelo eluphakami­sayo, bafuna kuthathwe u-30% wothisha abangakaze bawenze lo msebenzi nabo banikezwe ithuba ukuze bazikhulis­e.

“Uma kumakwa amaphepha kusuke kubhekwa yonke imizamo ingane eyenzile ngesikhath­i iphendula imibuzo, okuyinto esingayenz­i ezikoleni. Lokho kungenza nokuthi izinga lokufundis­a kwabantu ababuya kulesi sikhungo sokumaka lishintshe kakhulu,” kusho uMnu Thompson.

Uthi lolu hlelo lungakhuth­aza kakhulu ngisho othisha abahudula izinyawo emsebenzin­i, kwazise ngeke baqashwe ukuyomaka uma umsebenzi wabo ungagculis­i.

“Kuyamangal­isa ukuthi ezikhungwe­ni zokumaka sekukhona ngisho othisha abafundisa ezikoleni zamabanga aphansi nezingane ezifunda emakolishi, okuyinkohl­akalo enkulu leyo. Abanye othishanhl­oko basayina izincwadi ezingekho emthethwen­i eziqinisek­isa ukuthi uthisha othile ufundisa umatikulet­sheni ukuze athole itoho lukuyomaka ngoba nakhu kungumngan­i wakhe,” kusho uMnu Thompson.

Okwamanje umnyango wezemfundo uqoka uthisha osefundise iminyaka emibili kumatikule­tsheni, ubheka ukuthi uthisha umejile yini ngaleso sifundo afake isicelo sokusimaka nokuthi ubeyingxen­ye yini yama- workshop abeluleki balezo zifundo.

Njengoba kuqalwa namhlanje ukumaka, othisha abangama- senior marker bawu-1 334, ama- deputy chief marker awu-191, abazobheka ukumakwa kwamapheph­a ngaphakath­i bawu-1 194, amachief marker awu-74.

UNgqongqos­he wezeMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, uzomemezel­a imiphumela kamatikule­tsheni mhla ka-7 kuMasingan­a (January) bese abafundi beyithola mhla ka-8 kuzo zonke izifundazw­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa