ISITATIMENDE ESIWUFAKAZI NGOKUHLOMULA KUKAMALEMA
KUBUKEKA sinemba esimeni esibhekene nomholi we-EFF, uMnu Julius Malema, isisho sesiZulu esithi icala kaliboli, njengoba sekuvele eyokuthi kunesitatimende esifungelwe okuthiwa senziwa ngumuntu owayeqashwe nguMnu Lesiba Gwangwa, ongumnikazi we-On-Point Engineering, okuthiwa wayeyiphethe ngokubambisana nalo mholi.
Ngokombiko weNew24, lesi sitatimende siveza imininingwane eminingi ebonisa ukuthi uMnu Gwangwa wayethwala izindleko zikaMnu Malema kusukela esengumengameli we-ANC Youth League (ANCYL), ngaphambi kokuxoshwa kuyona ngo-2012.
Uhlu lwemihlomulo eyayitholwa nguMnu Malema kulobo buhlobo, luveza ukuthi ubephila ntofontofo. Lokhu okulandelayo ngokunye kwalokho okuthiwa uMnu Malema ubenzelwa khona yi-On-Point Engineering izabelo zakhe kuyona ebezisingethwe yiRatanang Family Trust, kanti ezikaMnu Gwangwa bezingaphansi kweGwa-ngwa Family Trust:
U-R986 418 wokukhokhela izindleko zabameli ababesingethe udaba lokudluliselwa egame
ni likaMnu Malema kwepulazi, iSchuilkraal, elabuye ladliwa yiSars. Yizindleko zenkampani yabadwebimapulani, iCimado Moroldo Architects, eyadweba ipulani ye-sithabathaba sendlu yakhe eSandown, eyagcina ifakwe endalini ukuze akhokhele isikweletu sakhe sentela;
Wathengelwa, walungiselwa iMercedes Benz Viano ayeyisebenzisa. Lokho kwadla cishe u-R1 million;
Wakhokhela izindleko zokwakha indlu kanokusho eseSandown ngoNhlolanja (February) 2011. Yiyona le ndlu eyathengwa endalini ngo-R5 million ukuze kukhokhelwe isikweletu sentela;
Wakhokhelelwa izindleko zabaqaphi kusukela ngoNhlolanja (February) 2011;
Wathengelwa futhi walungiselwa iFord Focus eyayisetshenziswa ngabaqaphi bakhe ePolokwane, nePolo Vivo eyayisetshenziswa eGoli;
UMnu Malema nabaqaphi bakhe babesebenzisa ngokuthanda ikhadi lokwetha uphethiloli elibhaliswe nge-On Point;
Wathengelwa impahla yokuswenka, kubandakanya nolunye usuku olulodwa lapho wakhithiza impahla ka-R100 000;
Waqashelwa indiza eyi- jet ngoNtulikazi (July) 2011 ngo-R88 000 kwakhokhelwa nezindleko zokuchitha iholide eZimbali;
Wakhokhelwa imali yesivimbelo senkantolo ukuba iphephandaba iCity Press lingalushicileli udaba lwenkohlakalo olwaluphatha yena noMnu Gwangwa, kodwa sangaphumelela leso sicelo, bayalelwa ukuba bakhokhe izindleko;
Wakhokhelwa ifenisha yasendlini ebiza u-R135 000 ngoMasingana (January) 2011;
Wakhokhelwa ukulungiswa kweMini Cooper ayeyisebenzisa ngoNcwaba (August) 2011;
Wathengelwa amathayi amasha eMercedes Benz C63 AMG mhla ka-17 kuMfumfu (October) 2011;
Kuthiwa konke lokhu okufakazwa kulesi sitatimende esifungelwe kuyangqubuzana nokuphika kukaMnu Malema obekulokhu kunezinsolo zokuthi naye ubehlomula ngokuba nezabelo kwi-On Point ngeRatanang Family Trust. Lesi sisebenzi esibhale lesi sitatimende, sithi isikhathi esiningi uMnu Gwangwa ubekhokhela izindleko zikaMnu Malema ngezinye izinkampani zakhe (uMnu Gwangwa) ezingaphansi kweGuilder Group.