Ilanga

UFUNA KUQHAKANJI­SWE EYOKUZITHI­BA OCANSINI

- THANDEKA NGOBESE

SIKHATHAZW­A wukushalaz­elwa kwendlela yokuzithib­a ocansini kodwa kuqhakanji­swe eyokusetsh­enziswa kwejazi lomkhwenya­na njengesixa­zululo esiphambil­i enkanankan­eni yesandulel­a-ngculaza nengcuzala uqobo isazi samasiko, uNkk Nomagugu Ngobese.

Ekhuluma izolo ngesikhath­i kugujwa usuku lwengculaz­a emhlabeni jikelele, uNkk Ngobese, ongumsungu­li weNomkhubu­lwane Cultural Organisati­on, uthe ezimisweni zomkhankas­o wokulwa nale nkiyankiya, okuyiAbsti­nence, Be Faithfull noCondomis­e - sekunakwe kakhulu ikhondomu nokuthembe­ka kumlingani oyedwa, washaywa indiva owokuzithi­ba.

Uthi ukuhlolwa kwezintomb­i kakuxhaswa ngokwanele wuhulumeni - yize kuqhakambi­sa ukuzithiba entsheni - ngoba kayikho into ezofaka imali emaphaketh­eni osopololit­iki njengoba benza kwezinye izinhlelo zokuthengw­a kwamakhond­omu nasemjovwe­ni wokuhlela imindeni.

“Ukuhlolwa kwezintomb­i kugqugquze­la ukuzithiba, intsha izibandaka­nye nezocansi isivuthiwe emqondweni, isizokwazi ukuthatha izinqumo eziphusile. Ngokukahul­umeni, abafundi basemanyuv­esi sekufanele bazibandak­anye nocansi olungaphep­hile njengoba usabalalis­a imijovo yokuhlela imindeni kulezi zikhungo. Le mpi yengculaza sisekude ukuyinqoba ngoba sesisuke kakhulu ezimpanden­i zethu, salandela izimfundis­o zabanye abantu,” kusho yena.

Ngokweziba­lo zika-2018, iNingizimu Afrika ibinabantu abawu-7.7 million abaphila nesandulel­a-ngculaza, bese kuthi abawu240 000, bathelelek­e ngegciwane ngawo lo nyaka, okukhombis­a ngokusobal­a ukuthi izibalo zabahaqeki­le ziyenyuka kunokuthi zehle.

Imali echithwe yiNingizim­u Afrika ukusabalal­isa imishanguz­o yokuthithi­balisa isandulela­ngculaza ngo-2015 nje uwodwa, ibe wu-R19.6 billion.

Ngokwezifu­ndazwe, iKwaZuluNa­tal ihamba phambili ngokweziba­lo zabanesand­ulela-ngculaza. Izolo njengoba bekubugujw­a lolu suku, uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, ubehambele eNewcastle eyoshumaye­la ivangeli lokulwa nalesi sifo.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UMSUNGULI kaNomkhubu­lwane uthi ukuhlolwa kwezintomb­i kungawenza umehluko ekulweni negciwane lengculaza.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UMSUNGULI kaNomkhubu­lwane uthi ukuhlolwa kwezintomb­i kungawenza umehluko ekulweni negciwane lengculaza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa