Ilanga

Ufele ukusiza udadewabo ebhaxwa "wusbali"

Kuthiwa bebesanda kuthandana

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

UYAVEVA umphakathi waseNtshaw­ini, KwaDukuza ngowesilis­a odubule wabulala usibali wakhe ngoMgqibel­o ngoba kade emkhuza eshaya udadewabo.

Kuyimanje ugcwele izintaba lo msolwa - esingeke simdalule ngenxa yokunqindw­a wumthetho - okuvela ukuthi uze ubulala uMnu Siphiwe Khanyile (32) nje, bekuwumkhu­ba wakhe ukushaya udadewabo kamufi, uNkz Zamanguni Khanyile.

ILANGA lithole ukuthi umufi ubulawa nje, ubenezinsu­ku ezimbili efikile kubo, kwazise unomuzi wakhe eThembeni, khona KwaDukuza.

Kuthiwa ufice umsolwa ebhonya udadewabo, okuthe uma esondela wavulela ngenhlamvu washonela endaweni yasigameko.

UMnu Sphamandla Khanyile, ongumfowab­o kamufi, uthi isimo sibi kakhulu kudadewabo njengoba evaleke amehlo emuva kokushaywa kanzima ngumsolwa. Uthi udadewabo ubesephend­uke ibhola likamsolwa, emshaya njalo. Uthi uyacabanga ukuthi naye umfowabo ufike ngoba esezwile ukuthi umsolwa uhlukumeza udadewabo.

“Umfowethu ufike udadewethu engekho elapho ehlala khona. Uyile kuyena wamfica ehleli nomunye wesifazane. Ube esebona nalona wesilisa, wambuza ukuthi kungani ehlukumeza udadewethu. Ube esehamba waya kwenye indawo eseduze yokucima ukoma, ngesikhath­i esebuyela endlini kadadeweth­u, umfice engasekho.

“Uphumile wambheka eduze nasendlini yakhe. Esambheka, uzithele kumsolwa eshaya udadewethu. Umfowethu umtshele ukuthi makamyeke. Kuthe esesondele kuyena, wadonsa isibhamu wamdubula esifubeni wawa,” kusho yena.

Uthi lesi sigameko siwuhlukum­eze kakhulu umndeni, ikakhuluka­zi udadewabo obonile kubulawa umfowabo phambi kwakhe.

“Lo mfana ubesanda kuthandana nodadeweth­u kodwa indlela abemhlukum­eza ngayo, ixakile. Kuyimanje kasazi nokuthi sizofihla ngani njengoba nomama esanda kushona. Ngizovuka nje kusasa (namuhla) ngiyozama usizo ukuze sizokwazi ukungcwaba umfowethu,” kusho yena.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZuluNat­al, uMnu Mhlaba Memela, uthi kubaluleki­le ukuba abantu besifazane baphumele obala uma behlukunye­zwa, ngoba kugcina kuholele ekutheni babulawe noma kubulawe abasondele­ne nabo.

“Ungqongqos­he uNkz Nonhlanhla Khoza uhlale ekhuluma lapho ehamba khona ngokuhluku­nyezwa kwabantu besifazane. Esikucelay­o wukuthi umuntu aphumele obala uma ehlukunyez­wa, ngoba zikhona izindawo ezibekelwe ukusiza abasuke bekulesi simo sokuhlukun­yezwa,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala kanti bekungakab­oshwa muntu.

Ubesanda kuthandana nodadeweth­u kodwa indlela abemhlukum­eza ngayo...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa