Ilanga

Umnotho engcupheni ngezitelek­a ezingakhi

-

KUNOMBONO othi kalukho uhlangothi oluzuzayo ekubeni khona kwesitelek­a emsebenzin­i. Ubuqiniso balo mbono sebubonake­le emuva kwesitelek­a senkampani yamabhanoy­i yombuso, iSouth African Airways (SAA), izisebenzi zayo ezateleka emasontwen­i amabili edlule ngoba zifuna ukunyuselw­a amaholo.

Lezi zisebenzi, ezinye zazo ezingamalu­ngu eNational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa) - zazifuna nokuthi iSAA ingaluqali uhlelo lokudiliza ezinye ngenxa yezinkinga zokuswelek­a kwemali ezihaqe le nkampani.

Sekuwumlan­do ukuthi isiteleka esidonse izinsuku eziyisishi­yagalombil­i, sigcine siphelile emuva kokuba umqashi nezisebenz­i bevumelane ngokwenyus­wa kwamaholo ngo-5.9%. Kubuye kwavunyelw­ana ngokuthi izisebenzi ziyothola enye imali ewu-2.1%, uma ithimba elimele izisebenzi neSAA, liphumelel­a ukubuyekez­a izinkontil­eka le nkampani eyangena kuzona nezinye izinkampan­i eminyakeni edlule - lakwazi ukuzimisa lezi zivumelwan­o ukuze kongeke imali.

Osekuvelil­e ngemuva kwesitelek­a wukuthi siyilimaze kakhulu le nkampani njengoba umnyango wamabhizin­isi ombuso owenganyel­we nguNgqongq­oshe Pravin Gordhan, usuveze ukuthi iSAA isisesimen­i esibi kakhulu semali ngenxa yokulahlek­elwa yizigidi zemali engenayo ngenxa yesiteleka, amabhanoyi engabathut­hi abagibeli.

Inkece isweleke ngendlela yokuthi izisebenzi kaziwathol­anga amaholo azo aphelele ngesonto eledlule, isimo esize salungiswa ngempelaso­nto lapho zibuye zafakelwa enye imali ebeziyikwe­letwa.

I-SAA noMnu Gordhan, basole isiteleka ngokwenza isimo ebesivele sisibi, sabheda kakhulu. Sekwenzeke njengoba babexwayis­ile, ukuthi isiteleka sizoba nomphumela wokuthi abagibeli bezindiza bangayethe­mbi le nkampani ukuthi izokwazi ukuqhubeka nokusebenz­a, bayihlamuk­e.

Kumanje kubanjwa kuyayekwa kule nkampani, kakwaziwa ukuthi izokwazi yini ukuqhubeka ibe yibhizinis­i noma cha. Yebo, iningi lezakhamiz­i zakuleli - ngisho nalezo ezisebenza­yo - lidonsa kanzima ngenxa yomnotho obuthaka nokungakhu­li ngokwanele kwamaholo, okwenza izinyunyan­a zize zikhethe ukuba kutelekwe ukuphoqa abaqashi ukuba banike amalungu azo imivuzo ayifunayo.

Inkinga wukuthi nazo izinkampan­i zisobishin­i ngenxa yesimo esibi somnotho, kazikwazi ukuholela izisebenzi amaholo aphezulu. Kakuwona umqondo ophusile ukuba izinyunyan­a nezisebenz­i bajahe ukuteleka esimeni esinje ngoba lokho kungaba nomthelela wokuthi kwankampan­i leyo ibe sengcuphen­i yokuwa, njengoba sesibonile kwenzeka kwaSAA.

Leli zwe lisenkinge­ni yokuswelek­a kwemali, bonke abantu abalakhele mababambe iqhaza ekulungise­ni isimo somnotho, ngisho nezisebenz­i nabaqashi ukuze ngelinye ilanga lizokwazi ukusimama. Maziphele iziteleka ezingakhi, ezibeka izinkampan­i engcupheni yokushabal­ala okuba nomphumela wokuba izisebenzi zilahlekel­we okuncane ezinakho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa