Ilanga

NGIYABONGA NGOMLANDO WAMACAMBI

- Phila Mthethwa

MHLELI: Kukaningi uMnu Mntomuhle Mathaba ebhala kuleli phepha ecacisa ngomlando wesizwe saseMacamb­ini KwaMpukuny­oni, osekuyizwe lakwaMkhwa­nazi namuhla.

Ngithokoze kakhulu ukufunda incwadi yomlando wamaCambi obhalwe nguyena siqu. Izintaba nemifula yaKwaMpuku­nyoni okukule ncwadi, ngikwazi ngamehlo njengoba nami ngizihambe­la izindawo eziningi zamakhosi ngicwaning­a okuningi, kodwa bengingena­lo ulwazi ngomlando wazo.

Ngalokho-ke ngithi ngifunde okuningi ebhukwini likaMcambi, ikakhuluka­zi ngezintaba ngoba umlando omningi wawo bengivele sengiwazi njengoba sasakhelen­e, siganisele­ne nabo, futhi baningi kwaMthethw­a. Ngithanda ukulungisa amaphushan­a nje; iNkosi Mayiba kayiganwan­ga nguMaMthet­hwa (njengoba kushiwo encwadini) kodwa yaganwa nguMaMswel­i ngoba base baphuma kudala kithi.

Akekho umuntu owayenguMs­weli kwaMthethw­a, kunesigame­ko esenzeka engingeke ngisichaze mhleli ngoba sizoqeda indawo, kodwa yisona esenza baze babizwe ngomsweyi abasweye indawo. Inhloko yabo yokuqala kwaba nguMendu, umfowabo weNkosi Khayelihle yaKwaMasan­gomabiyi. Ngiyavuma sasikhona isizwe seNkosi uMsweli KwaMpukuny­oni ababesinik­we yiNkosi Mayiba inika abalamu bayo.

Kangiqondi ukuthi kwaba ngubani inkosi yokuqala, kodwa uMendu akayiwelan­ga iMfolozi, kwawela indodana yakhe, uMandeku, eyakha umuzi waseNkumba­neni. INkosi Mayiba izwe yalinika uMasenkomo kaMendu.

UMcambi esebala amakhosi amaningi ayengaphan­si kweNkosi Zwide Ndwandwe la kwakuzalwa khona iNkosi Ngwaqa, wabala neNkosi Nqiboka kaLangalib­omvu Mthiyane. Cha oMthiyane babengapha­nsi kombuso wakwaMthet­hwa, bafika kubusa iNkosi Khayi yabashova ezansi olwandle. * Sbuko Se Gcokama Gumede: Shenge Sokwalisa! * Mashenge Sanele Kumalo: Phungashe! * Nhlakaniph­o Mloyiswa Buthelezi: Uqinisile uShenge kwakushoyo, ngimazi kahle, ungowakith­i. * Mam'Shenge Sondiya: Shenge! * Sibusiso Zulu Mageba: Ngubani owazi umlando wokuthi kungani angabizwa ngembongi kodwa abizwe ngenyosi? * Ntuthuko Man T Mhlanga: Uyazi ngithi kukhulunyw­a ngenyosi esitapa kuyo uju! * Khulekani Ndinisa: Ngicela ungibuzela ukuthi itholakala­phi iCD yalezi zibongo zomntwana. * Kuthula Sithe Sithole: Lo msebenzi udinga isiphiwo, ungafunda uze usangane, unzima kakhulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa