NGIYABONGA NGOMLANDO WAMACAMBI
MHLELI: Kukaningi uMnu Mntomuhle Mathaba ebhala kuleli phepha ecacisa ngomlando wesizwe saseMacambini KwaMpukunyoni, osekuyizwe lakwaMkhwanazi namuhla.
Ngithokoze kakhulu ukufunda incwadi yomlando wamaCambi obhalwe nguyena siqu. Izintaba nemifula yaKwaMpukunyoni okukule ncwadi, ngikwazi ngamehlo njengoba nami ngizihambela izindawo eziningi zamakhosi ngicwaninga okuningi, kodwa bengingenalo ulwazi ngomlando wazo.
Ngalokho-ke ngithi ngifunde okuningi ebhukwini likaMcambi, ikakhulukazi ngezintaba ngoba umlando omningi wawo bengivele sengiwazi njengoba sasakhelene, siganiselene nabo, futhi baningi kwaMthethwa. Ngithanda ukulungisa amaphushana nje; iNkosi Mayiba kayiganwanga nguMaMthethwa (njengoba kushiwo encwadini) kodwa yaganwa nguMaMsweli ngoba base baphuma kudala kithi.
Akekho umuntu owayenguMsweli kwaMthethwa, kunesigameko esenzeka engingeke ngisichaze mhleli ngoba sizoqeda indawo, kodwa yisona esenza baze babizwe ngomsweyi abasweye indawo. Inhloko yabo yokuqala kwaba nguMendu, umfowabo weNkosi Khayelihle yaKwaMasangomabiyi. Ngiyavuma sasikhona isizwe seNkosi uMsweli KwaMpukunyoni ababesinikwe yiNkosi Mayiba inika abalamu bayo.
Kangiqondi ukuthi kwaba ngubani inkosi yokuqala, kodwa uMendu akayiwelanga iMfolozi, kwawela indodana yakhe, uMandeku, eyakha umuzi waseNkumbaneni. INkosi Mayiba izwe yalinika uMasenkomo kaMendu.
UMcambi esebala amakhosi amaningi ayengaphansi kweNkosi Zwide Ndwandwe la kwakuzalwa khona iNkosi Ngwaqa, wabala neNkosi Nqiboka kaLangalibomvu Mthiyane. Cha oMthiyane babengaphansi kombuso wakwaMthethwa, bafika kubusa iNkosi Khayi yabashova ezansi olwandle. * Sbuko Se Gcokama Gumede: Shenge Sokwalisa! * Mashenge Sanele Kumalo: Phungashe! * Nhlakanipho Mloyiswa Buthelezi: Uqinisile uShenge kwakushoyo, ngimazi kahle, ungowakithi. * Mam'Shenge Sondiya: Shenge! * Sibusiso Zulu Mageba: Ngubani owazi umlando wokuthi kungani angabizwa ngembongi kodwa abizwe ngenyosi? * Ntuthuko Man T Mhlanga: Uyazi ngithi kukhulunywa ngenyosi esitapa kuyo uju! * Khulekani Ndinisa: Ngicela ungibuzela ukuthi itholakalaphi iCD yalezi zibongo zomntwana. * Kuthula Sithe Sithole: Lo msebenzi udinga isiphiwo, ungafunda uze usangane, unzima kakhulu.