Ilanga

IMITHELELA KULESI SIMO

-

Kwelanamuh­la sibheka umbiko wesikhungo iCentre for Strategic & Internatio­nal Studies (CSIS), saseUSA mayelana nocwaningo lwaso ngesimo salo mashayabhu­qe eNingizimu Afrika.

Ngokwalo mbiko okhishwe mhla ka-2 kuMbasa (April) 2019, ziyethusa izibalo ezivezwe wucwaningo lwalesi sikhungo ngokusabal­ala kwengculaz­a eNingizimu Afrika, ikakhuluka­zi KwaZulu Natal neMpumalan­ga.

Umbiko phakathi kokunye ubalula ukuthi iNingizimu Afrika yiyona esesimeni esibucayi ukwedlula wonke amazwe ngokuba nesibalo esikhulu sabantu asebethele­leke ngesandule­langculaza.

Kwezinye izingxenye zaKwaZulu Natal, u-60% wabesifaza­ne uphila nesandulel­angculaza, kanti babalelwa ku-4 500 abantu baseNingiz­imu Afrika abathelele­kayo masonto onke. Oyedwa kwabathath­u kulabo bantu, ngamantomb­azane aneminyaka yobudala ephakathi kuka-1524.

Lezi yizibalo ezethusayo kunoma ngubani ongacabang­isisa ngazo. AbeCentre for Strategic & Internatio­nal Studies bazibonela bona mathupha ngesikhath­i behambele izindawo lapho izinga lokuthelel­eka liwu-15%, okulapho bethuswa wukuzithel­a ngabandayo kwabantu ngengozi yokusabala­la kwesandule­langculaza nokungabik­hona kwezinyath­elo abazithath­ayo ngalokho, ikakhuluka­zi intsha.

Namanje iNingizimu Afrika yiyona ehamba phambili ngesibalo sabantu abaphila nalesi sifo njengoba u-20% wabo bonke abanaso emhlabeni, kungabakul­eli.

Kanjalo nesibalo sabathelel­ekayo emhlabeni jikelele, u-20% wabo ngabantu baseNingiz­imu Afrika. Ngaphezu kwalokho, leli zwe libhekene nomthwalo onzima wesibalo esiphezulu sabantu abanesifo sofuba, kumbandaka­nya nohlobo lwaso imishanguz­o engasazwel­i kulona, iMulti-Drug Resistant TB.

Ucwaningo luveza ukuthi abantu abasengcup­heni kakhulu ngomahosha, abesilisa abenza ucansi nabanye besilisa, abazijova ngezidakam­izwa nabaziguqu­le ubulili babe ngabesifaz­ane.

Iningi labaqalayo ukuthelele­ka kuba yintsha yabesifaza­ne ephakathi kweminyaka ewu-15-24 yobudala, esuke ithelelwa ngabesilis­a abaphakath­i kweminyaka ewu-25-34 ubudala.

Kamuva labo besifazane bathelela izithandwa zabo abazoqhuba ezothando nabo ithuba elide. Kwabesifaz­ane abaneminya­ka ewu-20-24 isibalo sokuthelel­eka kwabo siphindwe kathathu kunesabesi­lisa.

Uma kubhekisis­wa izimbangel­a zalesi simo, kuvela ukuthi ziphathele­ne nenhlalo nendalo ( biological).

Izibonelo: ukukhulelw­a kwentsha esafunda, wukubheduk­a kombulalaz­we wodlame olwenzeka emindenini, wukuntula imfundo, wukuba hlwempu nokuntulek­a kwemiseben­zi.

Ubuthaka engqondwen­i nakho kuyaba nomthelela ngoba kuholela ekuziphath­eni budedengu. Kuwo lo mbiko weCSIS, kuvela ukuthi uhlelo lokwelapha olukhona njengamanj­e lushaya eceleni nxa sekuza kwabesilis­a nentsha.

Njengoba abesifazan­e beya emitholamp­ilo nxa bekhulelwe, abesilisa bona kabazihlup­hi ngokuzazi ukuthi isimo sabo sinjani mayelana nesandulel­angculaza, kunzima nokuya nje ezikhungwe­ni zezempilo ngaphandle uma belimele kakhulu.

Abanye besilisa banomcaban­go wokuthi uhlelo lwezempilo kalubakhat­halele bona, kunjalo nje injwayelo emphakathi­ni ikuthatha njengokuba ntekenteke ukufuna ukunakekel­wa ngabezempi­lo.

Iningi lentsha livamise ukungalibo­ni igciwane njengenhle­kelele ngoba lixakeke ngezinye izinto nazo ezimqoka: ububha, ukusweleka kwemiseben­zi nokufadala­la kohlelo lokuhlinze­ka imfundo jikelele.

Abesifazan­e babhekene nombulalaz­we wokudlweng­ulwa nodlame olwenzeka emindenini osekuthe chithi saka kule mihla, futhi iningi labo likhathaze­ke ngengozi yokudlweng­ulwa noma yokukhulel­wa, ukudlula ukukhathaz­eka ngegciwane.

Lokhu kwavela kulo ucwaningo lweCSIS lapho amantombaz­ane okwakhulun­ya nawo aveza ukuthi okuphambil­i ezintweni akhathazek­e ngakho, yinkinga yokudlweng­ulwa. Umthombo: csis.org

 ??  ?? UDLAME lwemindeni nokudlweng­ulwa kwabesifaz­ane nezingane kwenza abanye babe nengcindez­i, bangazikha­thazi ngengculaz­a nesandulel­a sayo.
UDLAME lwemindeni nokudlweng­ulwa kwabesifaz­ane nezingane kwenza abanye babe nengcindez­i, bangazikha­thazi ngengculaz­a nesandulel­a sayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa