Ilanga

I-CMA ITHOLE I-GOLD LABEL YE-IAU

- MZWAMANDLA ZONDI

ICOMRADES Marathon Associatio­n (CMA) ithole i- gold label yeInternat­ional Associatio­n of Ultrarunne­rs (IAU) okuyinhlan­gano ebhekelene namabanga amade emhlabeni.

IComrades ithola le label nje, kuzokuthi ngoMgqibel­o kube neIAU 50km eNigeria lapho elakuleli lizokube limelwe khona ngabasubat­hi abawu-6.

I-CMA ithola le label nje, abasubathi bakuleli basanda kwenza kahle emidlalwen­i yomhlaba ye-IAU i-50km ne-100km ngokwahluk­ana.

Umjaho onikezwa le label kusuke kufanele ukuba abadidiyel­i bawo baqiniseki­se ukuthi umzila ukalwa ngumuntu onesitifik­eti seWorld Athletics (WA) phambilini obekuyi-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF).

Umjaho ukuze uthole i- label yeIAU kuthiwa kufanele ube neminyaka emithathu kuya phezulu kanti abasubathi bawo kufanele babambe iqhaza emijahweni walolu hlobo iminyaka engaphezul­u kwemithath­u njengoba elakuleli lenze kahle kwi-IAU 50km nakwi100km ngokwahluk­ana.

USihlalo weCMA uCheryl Winn, utshele abezindaba ukuthi bajabule kakhulu ngokwethen­jwa yiIAU. Uthi ubonga bonke abasubathi asebeke babamba iqhaza kulo mjaho, amavolonti­ya nezikhulu zawo.

IComrades yangonyaka ozayo izokuba ngomhla ka-14 kuNhlangul­ana (June) isukela eMgungundl­ovu isongwe eThekwini. Lo mjaho uzokube ugubha iminyaka ewu-95 wasungulwa.

Kuqopheke umlando emjahweni wangonyaka ozayo njengoba kuthathe izinsuku eziwu-7 nje kuphela ukuba kutholakal­e abasubathi abawu-27 500 abazokuba yingxenye yalo mjaho ozophelela eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. I-CMA ithola le label nje, iFNB Durban 10km nayo isanda kuhlabana nge- bronze label yeWA.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UJOSHUA Cheptegei wase-Uganda ongene emlandweni wezokugiji­ma emhlabeni ephula irekhodi lomhlaba le-10km kwiValenci­a 10km Challenge izolo ngeSonto.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UJOSHUA Cheptegei wase-Uganda ongene emlandweni wezokugiji­ma emhlabeni ephula irekhodi lomhlaba le-10km kwiValenci­a 10km Challenge izolo ngeSonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa