OXHASE EYASEBERGVILLE NENSELELO KWI-CHIEFS NE-BUCS
SIPHONSELA inselelo abaphathi beKaizer Chiefs nabe-Orlando Pirates isikhulu senkampani exhase umqhudelwano omqoka owasiza ukuqeda udlame lwezigodi olwalujwayeleke ngezikhathi zamaholidi okuphela konyaka eBergville namaphethelo.
UMelusi Ntumba ongumnikazi wenkampani yabacwaningi bamabhuku iNtumba Chartered Accountants Inc engabaxhasi abakhulu beBergville Off-season Tournament, utshele ILANGA ukuthi inhliziyo yakhe iphatheka kabuhlungu uma ebuka iBafana Bafana seyehlelwa yisithunzi ngendlela exakile njengoba sekunabalandeli bakuleli okungathi diki ngisho inqulu uma idlala.
Unesifiso sokubona lesi sikwati sibuyelwa wudumo lwaso lweminyaka yango-1996 sinqoba i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngaphansi kukaClive “The Dog” Barker nangesikhathi singena okokuqala ngqa emidlalweni yeNdebe yoMhlaba yeFifa eyayiseFrance ngo-1998.
UNtumba ekhuluma naleli phephandaba emuva komcimbi obungoLwesine ebusuku oKhahlamba Sports Centre wokwethulwa kweBergville of Tomorrow (BoT) angusihlalo wayo, okuhloswe ngayo ukuba izifundiswa zaseBergville zithekelane ulwazi ngamaqhinga angaxosha ububha kuleya ndawo, uthe:
“Ngikholwa wukuthi ukungakholelwa kakhulu kweChiefs nePirates ekudayiseni abadlali phesheya kugadla kabi kwiBafana. La makilabhu asenemali eningi okwenza kubukeke engasekho klamuklamu ukudayisa e-Europe. Ngokwami yilesi sizathu esibulala iBafana ngoba idinga isipiliyoni sase-Europe ukubhekana namanye amazwe.
“Ngiyaye ngiphatheke kabuhlungu uma ngibuka i-English Premiership kuvelela abadlali abaqhamuka kwamanye amazwe ase-Afrika, ngizibuze ukuthi konakelephi kithina? Phela iChiefs nePirates yiwona amakilabhu awumgogodla webhola kuleli kwazise alandelwa kakhulu, uma kudembesela wona ekuhambiseni abadlali phesheya kuyonakala.
“Ngesikhathi sinqoba i-Afcon ngo-1996 sasinabadlali abaningi ababegijima emaligini amakhulu emhlabeni. Futhi cishe sonke isikwati seBafana sasakhiwe ngabadlali ababegijima e-Europe, hhayi indaba yokukhuhla ibhentshi kodwa ababeqala imidlalo.”
Ngeledlule bekwethulwa iBoT eholwa nguNtumba nje, ngeSonto esiya kulona kuzokuba nomcimbi wokwethulwa ngokusemthethweni kweBergville Off-season Tournament ozokuba seSports Complex, kuleya ndawo.
Lo mqhudelwano ogubha iminyaka ewu-23 wasungulwa, udlalwa ngokohlelo lwendebe yomhlaba njengoba ungenelwa ngamaqembu awu-32.
Lo mqhudelwano uvikelwa AmaNgwane Sweepers asewunqobe iminyaka emibili ilandelana kanti acijwa nguCyril “Skhokho” Nzama owazakhela olukhulu udumo engukaputeni weChiefs eminyakeni edlule.