Ilanga

Uncoma isitha aphinde wasivuzisa igazi

Sekuyingxa­bano yaphakade eka-Eymael noKomphela

- SENZO SOKHELA

Uville Golden Arrows ngo2-1 koweAbsa Premiershi­p ngoMgqibel­o

NCOMA umsebenzi wesitha sakhe esikhulu uLuc Eymael ongumqeqes­hi weBlack Leopards eguqise iLamontebu­suku eThohoyand­ou Stadium, eLimpopo. Amagoli eLeopards avalelwe enethini nguLesedi Kaxzpinga noThemba Ndlovu, kwathi ele-Arrows kwaba yiphenathi evalelwe enethini nguKnox Mutizwa. Lo mdlalo ububhekwe ngabomvu kwazise uSteve “Mphathi” Komphela no-Eymael kabezwani, kangangoba bake babambana ngisho nangezihlu­thu kunzima. Babanga ukuthi uKomphela ubesola u-Eymael ngokukhank­asela umsebenzi wakhe udede ngesikhath­i esengumqeq­eshi weKaizer Chiefs. U-Eymael ekhuluma naleli phephandab­a izolo ngeSonto ekuseni, uncome uKomphela ngebhola elihle aselifake kwi-Arrows. Nokho uzwakalise nokujabha ngokuzipha­tha kwalo mqeqeshi amsole ngokumziba ingcaca efuna ukumhalali­sela ngokuqala kahle isizini ngaphambi nangemuva komdlalo.

“Ngiyazi ukuthi abantu bazi ukuthi kasizwani noKomphela, mina kodwa ngimthanda ukufa. Emdlalweni wethu nabo kunezinto engiziboni­le ngaye ngazicosha.

“Uhlakaniph­ile futhi unolwazi olunzulu ngebhola. Ungimangaz­ile ngendlela ahlanganis­e ngayo i-Arrows futhi uneso labadlali.

“Laba badlali be-Arrows kangibazi, bengiqala ngisho ukubabona kodwa ngathi kudala baqala ukudlala esigabeni esiphakeme.

“Uma engaligcin­a kanjena leli qembu amasizini elandelana, kangifuni ukukhuluma amanga bazokuba yinkinga,” kusho u-Eymael odabuka eBelgium.

Uthi okumphathe kabi okwenziwe nguKomphel­a kulo mdlalo wukumziba.

“Ngaphambi komdlalo ngizamile ukuya kuyena kodwa wangangina­ka.

“Emuva komdlalo ngokunjalo ngiyile ukuyomxhaw­ula ngimhalali­sela ngokuqala kahle isizini kodwa wavele wabheka eceleni, akangangin­aka.

“Kungiphath­e kabuhlungu lokho kodwa-ke impilo injalo, kakunankin­ga,” kusho u-Eymael.

Imizamo yokuthola uKomphela iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a. U-Eymael ubengaqali ukujuqa ikilabhu ecijwa nguKomphel­a kwazise wayehola senzos@ilanganews. co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa