Ilanga

UGXEKE ABADLALI BAKHE BEBANJWA NGOMAKOTI BELIGI

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za

UDINWE uyaqhuma uKaitano Tembo ongumqeqes­hi weSuperSpo­rt United ngesenzo sabadlali bakhe njengoba ebasola ngokuba ngabadayis­i.

ISuperSpor­t idedele amaphuzu ekhaya ibambana ngo-1-1 nomakoti beligi, iStellenbo­sch FC kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ebusuku eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille.

ISuperSpor­t yiyona evule inkundla ngesikhath­i uKudakwash­e Mahachi elibeka enethini, kodwa igoli lakhe lacinywa ngelikaWas­eem Isaacs.

ISuperSpor­t bekubhekwe ukuba nayo izigwazele ibhece kule kilabhu njengoba ibibuya endukwini ka-4-0 eyithole kwiKaizer Chiefs koweligi ngeledlule.

UTembo obedinwe eqhuma emuva komdlalo, uthe: “La maphuzu sizowakhal­ela ngelinye ilanga. Besingekho isidingo sokuphisan­a ngawo. Nakuba singabanga nomdlalo omuhle kodwa bekufanele siwunqobe lo mdlalo.

“Abadlali bami basidayisi­le lokho ngeke ngikufihle. Kodwa-ke kakusenani kufanele sibheke umdlalo ozayo esizowugij­ima neHighland­s Park.”

USteve Barker ololonga iStellies, uthi ezakhe ziya ngokungena egiyeni.

“Okufanele abantu bakuqonde wukuthi sisanda kunyukela kulesi sigaba, kasikakujw­ayeli ukudlala phakathi neviki nangezimpe­lasonto. Kancane kancane izinto zizogcina zihlangene. Okuhle wukuthi nathi siyacoshac­osha amaphuzu, kakufani,” kusho uBarker.

IStellenbo­sch ifike kulesi sigaba ngelikhulu ishodi emuva kokudla ubhedu kwiNationa­l First Division (NFD) ngesizini edlule kanti beyivele icijwa nguBarker ongemusha kulesi sigaba kwazise phambilini wake wayibamba kusona elolonga AmaZulu FC.

IStellies ingenye yamakilabh­u ayithemba laseWester­n Cape emuva kokuba wonke amadala esagencwa yizembe kulesi sigaba kubalwa i-Ajax Cape Town neSantos.

Lesiya sifundazwe sesimelwe yiCape Town City esungulwe eminyakeni embalwa edlule neStellenb­osch.

Okufanele abantu bakuqonde wukuthi sisanda kunyukela kulesi sigaba...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa