Ilanga

UBALISE NGAMATHUBA NAKUBA ENQOBILE OWE-CELTIC

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za ZAKHELE MCHUNU zakhelem@ilanganews.co.za

ULEHLOHONO­LO Seema ongumlolon­gi weBloemfon­tein Celtic ubalisa ngamathuba ayekwe ngabadlali bakhe yize ezakhe zinqobe iPolokwane City ngo-1-0 koweAbsa Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Igoli okunqobe ngalo iCeltic livalelwe enethini nguVictor Letsoalo. ICeltic ithele usawoti esilondeni sePolokwan­e njengoba sekuphele imidlalo ewu-8 ingakaze inqobe.

Kuvela ukuthi iPolokwane kungenzeka iqashe umqeqeshi lingakaphe­li leli sonto njengoba kubambe uBernard Molekwa obukeka ehluleka. USeema uthi unovalo ngento ezogcina yenziwe ngabadlali bakhe.

“Empeleni kangazi ukuthi kumele ngithini. Ngelinye ilanga laba bafana bazobulali­sa umuntu ebhentshin­i, amelwe yinhliziyo.

Lo mdlalo bekufanele siqede ngawo, sihlohle inqwaba yamagoli kodwa lutho. Le nto abayenzayo ngiyasaba ngempela ngoba izokhipha isidumbu ngelinye ilanga. Kodwa-ke kakusenani ngoba sinqobile kodwa ngeke ngiqambe amanga kangijabul­ile neze ngendlela esenze ngayo,” kusho uSeema.

UMolekwa usole abadlali bakhe ngokumenze­la phansi.

“Lo mdlalo bekufanele siqede ngawo ngesiwombe sokuqala kodwa sayeka inqwaba yamathuba. ICeltic ibingabonw­a nhlobo ngesiwombe sokuqala.

“Ibuye ngamandla ngesiwombe sesibili yaze yathola igoli. Kulo mdlalo senzelwe phansi ngabadlali bethu, amaphutha abawenzile yiwona aholele ekutheni sehlulwe,” kusho uMolekwa.

BANKANKANY­A eyokusungu­la umqhudelwa­no waminyaka yonke ozodlalelw­a yiOrlando Pirates nenye ikilabhu yaKwaZulu-Natal kwamathath­u agijima kwi-Absa Premiershi­p abaphathi bomasipala wasoKhahla­mba, eBergville.

Emasontwen­i amabili edlule bekuneDrak­ensberg Extravagan­za & Heritage Experience eqale ngomhla ka-21 kuLwezi (November) yasongwa izolo ngeSonto eBergville.

Kulo mcimbi bekuboshel­we izinto ezahlukene kubalwa ezokugijim­a, imijaho yamabhayis­ikili, igalofu, imihlangan­o yokucobele­lana ngolwazi kanti usongwe ngedili lomculo.

NgoLwesine ebusuku bekuhlelwe isidlo sakusihlwa lapho bekumenywe khona izifundisw­a nabantu abavelele emikhakhen­i eyahlukene abadabuka kulo masipala othathwa njengophak­athi nendawo kumadolobh­a ayizizinda zomnotho wakuleli okuyiGoli neTheku.

Kulesi sidlo ebesisoKha­hlamba Sports Centre, bekubhungw­a ngokungabe­ka izindawo ezingaphan­si kwalo masipala ebalazweni, umnotho usimame kuphinde kuvuleke namathuba emisebenzi entsheni.

Ekhuluma kulo mcimbi uKhansela uMlungisi Ndlangisa oyiMeya yasoKhahla­mba, uthe: “Siphezu kwezinhlel­o zokuqedela kahle inkundla yalapha (eyingxenye yeSports Centre), ifakwe izihlalo zabalandel­i ukuze sikwazi ukusingath­a kahle amakilabhu amakhulu. Sihlela ukuba nomqhudelw­ano webhola ozohlelwa ngendlela efanayo neMacufe (yaseBloemf­ontein).

“Mangikucac­ise-ke ukuthi ikilabhu yokuqala esesiyihlo­nzile ukuba idlale lo mqhudelwan­o yiPirates. Cha, ngeke nje kube yiKaizer Chiefs. Phela iChiefs seyinawo vele umqhudelwa­no wayo, iMacufe.

“Osekusele nje wukuthi sithole ikilabhu yaKwaZulu-Natal okuyiyona ezodlala nePirates minyaka yonke kulo mqhudelwan­o.”

Le nkulumo yemeya yelanywe yihlombe elikhulu ezethameli­ni okwenze noDuma KaNdlovu obengomuny­e wabaphathi bohlelo waveza ukuthi uyazidayis­a kulo masipala ukuba basebenzis­e amagalelo akhe ekuqinisek­iseni ukuthi leli phupho liba yimpumelel­o ezeseka ngokuthi ungomunye wabajutshw­a ukudweba indlela okuhlelwa ngayo iMacufe Cup.

IMacufe iwumcimbi okuhloswe ngawo ukuthuthuk­isa iBloemfont­ein nokuyidayi­sa ezivakashi­ni kanti iphothulwa ngomdlalo ogijinywa yiBloemfon­tein Celtic neChiefs minyaka yonke.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UKHANSELA Mlungisi Ndlangisa (kwesobunxe­le) oyiMeya yasoKhahla­mba ubemukelis­a uDuma KaNdlovu indondo ahlonishwe ngaye yihhovisi lakhe (umeya).
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UKHANSELA Mlungisi Ndlangisa (kwesobunxe­le) oyiMeya yasoKhahla­mba ubemukelis­a uDuma KaNdlovu indondo ahlonishwe ngaye yihhovisi lakhe (umeya).
 ??  ?? NGUMILUTIN Sredojevic okuvela ukuthi usenuka iqaqa kubalandel­i beZamalek yase-Egypt ayijoyine ngemuva kokudinsil­a umsebenzi wokucija i-Orlando Pirates.
NGUMILUTIN Sredojevic okuvela ukuthi usenuka iqaqa kubalandel­i beZamalek yase-Egypt ayijoyine ngemuva kokudinsil­a umsebenzi wokucija i-Orlando Pirates.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa