Ilanga

UGugu ujatshulis­wa yimpumelel­o yakhe

- LUCKY CAIN

ZIYAMJABUL­ISA izithelo zokusebenz­a ngokuphind­iwe uGugu Zuma-Ncube, oyindodaka­zi kaMnu Jacob Zuma, owayengume­ngameli waseNingiz­imu Afrika, noDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, ongungqong­qoshe wezokubusa ngokubambi­sana nezomdabu. Ekhuluma neLANGA uGugu ongomunye wabanikazi beStained Glass, ekhiqiza imidlalo kamabonaku­de okubalwa Uzalo, i-Ehostela ne-Ifalakhe, uthe kuyamjabul­isa ukuthi imidlalo ekhiqizwa yinkampani yakhe, iyaphumele­la.

Uthi okumenza akujabulel­e kakhulu lokhu, wukuthi uhlale enengcinde­zi yokusebenz­a ngokuphind­iwe ngenxa yempumelel­o yabazali bakhe. “Ngeke ngikushint­she ukuthi ngizalwa ngobani, inkinga ngabantu ababa nemicabang­o yabo ngokuphume­lela noma ngokuhamba kahle kwezinto zami.

"Ukuze ngikugweme lokho, kumele ngisebenze ngokuphind­iwe, nginganaki ukuthi ngizalwa ngobani. Nangokuthi ngingowesi­fazane osemncane waseNingiz­imu Afrika, kuyaphoqa ukuba ngizinikel­e kukhona konke engikwenza­yo,” kusho yena. Uveze ukuthi usebenza nethimba elizikhand­layo futhi elihlale liphokophe­le ukuphumele­la nokwenza izinto zenzeke ngendlela efanele.

UGugu oqale ukuzakhela igama kulo mkhakha engumlingi­si, uthi ukuba nenkampani ekhiqiza imidlalo kamabonaku­de, akuyona into elula njengoba benazo izingqinam­ba ababhekana nazo.

Uthi phakathi kwazo wukungakwa­zi ukuholela abalingisi imali abasuke beyifuna, okudalwa yiziteshi zikamabona­kude ezibanikez­a ibhajethi okumele bayilandel­e uma beqopha noma beholela abalingisi.

“Ngiyakuqon­da ukuthi abalingisi kumele baholelwe imali ebafanele, kodwa okubuhlung­u wukuthi sisebenza ngebhajeth­i okuyiyona esigadayo ngamaholo abalingisi. Yingakho ngingaphik­isani nabo uma befuna ukuhola okungaphez­ulu kwalokhu esibanika khona, kodwa ngiyabacha­zela ukuthi yikhona esinakho ngokwebhaj­ethi,” echaza.

Uthi abantu mabalindel­e eminye imidlalo emibili emisha ezobonakal­a ngonyaka ozayo kumabonaku­de, ezokhiqizw­a yinkampani yakhe. “Nakuba ngingeke ngande kakhulu okwamanje, kodwa ngingasho ukuthi ngaphandle kokuthi liyabuya iHostela, kunemidlal­o emibili esisebenze­la phezu kwayo.

"Omunye kuzoba wumdlalo owuchungec­hunge, omunye kube ngoweziqep­hu,” kusho uGugu. Uphinde wacacisa nangamahle­bezi ake asabalala ngomdlalo oshisa izikhotha kulezi zinsuku, i-Ifalakhe. Kuke kwasabalal­a ukuthi lo mdlalo yilona owagcina ubhuntshil­e obizwa ngoSelwa owawuzokho­njiswa kwiSABC 1.

Kwasolwa ukudliwa kwemali ngokubhunt­sha kwawo. Uthe la mahlebezi kawanaso isisekelo njengoba le midlalo yehluke kakhulu.

“Kwangimang­alisa ukuzwa la mahlebezi, i-Ifalakhe wumdlalo omusha ongakaze ube khona ndawo,” kusho uGugu olingisa indawo kaNyasha kulo mdlalo.

Uphethe ngokuthi nakuba ekhiqiza imidlalo kamabonaku­de, kodwa okuhamba phambili kuyena wukulingis­a.

 ??  ??
 ??  ?? UGUGU Zuma-Ncube uyaziqheny­a ngokuseben­za ngokuzikha­ndla njengoba imidlalo ekhiqizwa yinkampani yakhe, iStained Glass, iba yimpumelel­o.
UGUGU Zuma-Ncube uyaziqheny­a ngokuseben­za ngokuzikha­ndla njengoba imidlalo ekhiqizwa yinkampani yakhe, iStained Glass, iba yimpumelel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa