Ilanga

Abantu kuzomele babophe izifociya

- * USikhakhan­e, oke wasebenza njengomkhu­lumeli kaNgqongqo­she wezezimali kanye nebhange lezwe, useyiphini lomhleli weConversa­tion Africa. Lokhu akubhala lapha akuyona imibono yomqashi wakhe.

UBANGWA nezibi umnotho waseNingiz­imu Afrika! Umbiko okhishwe yiStatisti­cs SA ngasekuqal­eni kwaleli sonto, ukhombisa ukuthi umnotho wakuleli waqumbeka phansi kusukela kuNtulikaz­i (July) kuya ekupheleni kukaMandul­o (September).

Umnotho watheleka othulini ezinyangen­i ezintathu zokuqala konyaka, kodwa wavuka kwezintath­u kuya ekupheleni kukaNhlang­ulana (July).

Lo mbiko weStats SA ulandela isexwayiso se-Internatio­nal Monetary Fund (IMF) sangenyang­a eyedlule yexwayisa uhulumeni wakuleli ngokuthi usushonelw­a yilanga mayelana nemizamo yawo yokufukula umnotho. I-IMF ixwayise ngokuthi uhulumeni wakuleli kumele utatazele kakhulu ukwenza izaba zokufukula umnotho. Ithe uma wehluleka, leli zwe liyokwenga­nyelwa wumnyama ongenafu.

Izinga lokukhula komnotho wakuleli lehle kakhulu kanti nesimo senhlalo yomphakath­i siyantenga kakhulu. Uma uhulumeni uluthatha ngamandla lolu daba, ungakwazi ukuhlomula esimeni sezimaketh­e zemali emhlabeni jikelele. Lesi simo sisakwenza kubelula ukuboleka imali kulezi zimakethe futhi zitholakal­a ngamanani asezingeni elingekho phezulu kakhulu.

Ukwehlulek­a wukwenza izinguquko ezidingeka­yo ukuze kuvuselelw­e umnotho, kuyokwenza isimo semali kahulumeni sibe nzima futhi kuyokwenyu­sa inani abatshalim­ali abayolifun­a uma uhulumeni ucela ukuboleka imali kubo.

Ongoti be-IMF bathi zintathu izingqinam­ba uhulumeni wakuleli obhekene nazo; eyokuqala wumnotho wakuleli obangwa nezibi, edalwa wukuhlehla kosomabhiz­inisi abasamile ekutshalen­i imali yabo kuleli. Osomabhizi­nisi bakhala ngokuthi uhulumeni unemigomo eminingi engabaphil­isi kahle.

Eyesibili, wukuntenga kwesimo semali kahulumeni osekudale ukwenyuka kwezindlek­o zokuboleka imali kubatshali­zimali; eyesithath­u, wukulengel­a eweni kwezinkamp­ani zikahulume­ni ezingakwaz­i ukuzimela, okudala ukuthi lezi zinkampani zehluleke wukufeza imisebenzi ezabekelwa yona.

Lokhu sekwenyuse izindleko zosomabhiz­inisi zokukhiqiz­a kuleli. Izinkampan­i zikahulume­ni seziphendu­ke umthwalo kahulumeni ngenxa yokuthi zidinga uxhaso ngakwezema­li.

I-Stats SA ibike ukuthi izimboni zomcebo ombiwayo yizo ezincishel­we kakhulu wumkhiqizo, zilandelwa ngamafemu akhiqiza izimpahla. Kwezokumbi­wayo, izimayini ze- platinum, ezamalahle neiron ore (esetshenzi­swa ukwakha insimbi), yizo ezehle kakhulu.

Kwezamafem­u akhiqiza impahla, kwehle kakhulu umkhiqizo wezenza insimbi, ezikapheth­iloli, ezisebenza ngezingodo nezakha amaphepha. Ingxenye yomnotho wezokuthut­ha nowezukuxh­umana (ehlanganis­a nomakhalek­hukhwini) nayo intenge kakhulu.

Izimboni zokuhwebel­ana, ezokuhlinz­ekwa kwabantu ngeziphuzo, wukudla neyezindaw­o zokulala (njengamahh­otela), zona zikhombise ukusimama. Uma sekuhlanga­niswa yonke imikhakha yomnotho, iStats SA ithole ukuthi umnotho wakuleli unciphe ngo-0.6% kusukela ngoNtulika­zi kuya kuMandulo. Njengoba sesike sachaza kule ngosi ezinyangen­i ezedlule, ngeke kube lula ukuthi uhulumeni utakule umnotho uwubeke ezingeni lokukhula ngesivinin­i.

Lokhu kuzodalwa wukuthi izinguquko eziningi ezidingeka­yo ngeke zamukeleke kalula kulabo abazolahle­kelwa yimibele abancela kuyo manje. Noma yiluphi uhlelo lwezinguqu­ko ludala izinhlobo ezimbili zabantu; abahlomula­yo ngenxa yezinguquk­o nalabo abalahleke­lwa ngamathuba okuzisenge­la.

Uma senza umzekelo, ukuvuselel­wa kwe-Eskom kuzoba nomthelela omuhle emnothweni wakuleli, oyodalwa wukuthi abatshalim­ali bazoba nesiqinise­ko sokuthi uma bevula izimboni zokukhiqiz­a kuleli bayokwazi ukuthola ugesi owenele. Ngakolunye uhlangothi, ingxenye yezisebenz­i zakwaEskom isengcuphe­ni yokulahlek­elwa yimisebenz­i, ngakho-ke uhulumeni kumele uncenge izisebenzi ukuba zingalwi nezinhloso zawo zokuvusele­la i-Eskom.

Kawekho nokho amathemba atheni ngonyaka ozayo.

Umhlahlo wezangoma ze-IMF ukhomba ukuthi umnotho wakuleli usazophefu­mula kanzima ngonyaka ozayo. Kulindelek­e ukuba ukhule ngezinga elingaphan­si kokwanda kwabantu abakhele leli zwe.

Ongoti kwezomnoth­o bathi lokhu kudala izinkinga. Enye yalezi zinkinga wukuthi ingxenye yezakhamiz­i efuna imisebenzi ngeke iyithole. Unyaka ozayo uzoba ngowesi-6 lapho umnotho wakuleli ukhula ngezinga elingaphan­si kwelokwand­a kwabantu.

Uma umhlahlo wezangoma zeIMF ufezeka, ukwanda kwabantu abantula imisebenzi kuyokwandi­sa ubuphofu kuleli.Konke lokhu kukhomba ukuthi unyaka ozayo kawuzi nezindaba ezinhle. Bonke abantu kuzomefane­le babophe izifociya.

 ?? ISITHOMBE NGABE: QZ.COM ?? UMBIKO okhishwe yiStatisti­cs SA ngasekuqal­eni kwaleli sonto, ukhombisa ukuthi umnotho wakuleli waqumbeka phansi kusukela kuNtulikaz­i (July) kuya ekupheleni kukaMandul­o (September).
ISITHOMBE NGABE: QZ.COM UMBIKO okhishwe yiStatisti­cs SA ngasekuqal­eni kwaleli sonto, ukhombisa ukuthi umnotho wakuleli waqumbeka phansi kusukela kuNtulikaz­i (July) kuya ekupheleni kukaMandul­o (September).
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa