Ilanga

SIGUDLA NOGALAKAJA­NA

-

Kunensizwa engibuze ukuthi ngizozithe­nga yini izimpahla zikaKhisim­usi, ngayitshel­a ukuthi mina kanginayo ingane ebizwa ngoKhisimu­si, ngakho-ke ngeke ngithengel­e izingane zabantu engingazaz­i, leyo ngane mayicele uyise ayithengel­e okokugqoka.

Lo mbhemu uthi yena izingane zakhe zingambula­la uma engazithen­geli izimpahla zikaKhisim­usi. Le nto yokuthenge­la izingane izinto zikaKhisim­usi kangizange ngiyiqonda­stende nje kwakudalo. Sisakhula thina abantwana babethenge­lwa ngalesi sikhathi, ngoba abazali babengenam­ali unyaka wonke, kuthi-ke ngoDecembe­r uma bethola amabhonasi, bakhithize.

Namuhla abantwana bathengelw­a izimpahla unyaka wonke, ngakho-ke ezikaKhisi­musi kazisading­eki. Kuthiwa phela uKhisimusi wusuku lokuzalwa kukaJesu wamaKrestu, kodwa kangikaze ngizwe kushiwo naseBhayib­helini ukuthi yona le Nkosi yamaJuda yayithenga izimpahla ezintsha ngoDecembe­r.

Lolu wusiko olweza nabelungu kanti-ke nathi sangena sathi shiqe kulo, sibe singazi nokuthi lokhu kwenzelwan­i. Umuntu ufike athenge akhithize ngoDecembe­r, bese kuthi uma kufika uJanuary ayoboleka imali komashonis­a ukuze athenge izimpahla zesikole.

Lapho akusekho ngisho imali yokuthenga impuphu yodwa le! Abelungu bona bathanda ukuya emaholidin­i ngemali yesikwelet­u ngoba nabo befuna ukufana nomakhelwa­ne abanemali.

Abantu abampishol­o basakholel­wa ekutheni abelungu banemali edlula eyethu kanti siyafana nje, kunabanema­li nabaswele njengoba kwenzeka nakithi. Emalokishi­ni wawuthola umuntu ethenga ifenisha, iziqandisi nemisakazo yodumo ngoba nje efuna ukuchomela omakhelwan­e.

Wawubona ngezimoto ezidilivay­o zingena ziphuma, ubone omakhelwan­e bephenya amakhethin­i bebuka ukuthi zima kumuphi umuzi. Lithi lishona ilanga kube sekwazi ilokishi lonke ukuthi ubani uthengeni.

Kuthi uma kufika uJanuary abantu bafune omashonisa lapho bengakhona. Umuntu useyokhokh­a isikweletu size simhlule, izitolo zithumele zona leziya zimoto ukuthi zilande ifenisha, omakhelwan­e baphenye amakhethin­i futhi bebheka ukuthi zima phambi kwamuphi umuzi.

Kuyothi lapho ikhishwa ifenisha, baze baphumele ngaphandle ukuze phela ubone ukuthi bayabona. Lapho sebekuhleb­a ubabuka, bebuza ukuthi: “Kodwa ubethi wenzani?” Wena lapho kawusaphum­i nokuphuma endlini, usucashe ngomnyango, ususaba nokubonwa. Kuleyo nyanga uphenduka undabizekw­ayo elokishini.

Uthi uyaphuma uya emsebenzin­i, ubone bekukhomba, bekhulumel­a phansi. Kukhona labo MaMgobhozi abangenama­hloni abavele bakuqonde ngqo babuze ukuthi: “Hhawu, sibone imoto ilanda ifenisha laphaya kwakho, ngabe uyayishint­sha yini?”

Bakubuza nje, bazi kahle ukuthi idliwe ngoba wehlulwe yisikwelet­u. Nawe-ke lapho ubindwe wulimi, ubike imbiba ubike ibuzi, uzame ukuqamba amanga.

“Hhayi, angiyithan­danga leya, ngithe abangibhek­ele enye,” sekusho wena sengathi uyithenge uvale amehlo. Abayaziyo imali bayayihlon­ipha, kanti izinto abazifunay­o bayahlela kahle bonge imali ize iphelele, besebeyazi­thenga.

Le nsizwa ebeyingibu­za ngezimpahl­a zikaKhisim­usi, yona ithengele ingane yayo enezinyang­a ezimbili izimpahla ezinamagam­a. Ithe ifuna ukuthi ithi uma iyokoza ingane, iyokozele egameni elaziwayo. Uma iyokozela ibhibhi leNike, lapho kubhalwe khona ukuthi “just do it”, izokwazi ukuthi akumele ibuze muntu, kumele imane yenze njengoba ilebuli isho. Thina uma sithengela izingane, siya ezitolo zamaShayin­a, sifike siwole nje kugcwale ubhasikidi ngoba phela izinto zishibhile. NgoJanuary sizobe sisahleka njengoba sihleka nje ngoDecembe­r, singenanki­nga.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa