Ilanga

KULINDELWE ABASUBATHI ABANINGI KWI-ILLOVO 15KM

- MZWAMANDLA ZONDI

KUZOGUGA iteku kubasubath­i baKwaZulu-Natal kwi-Illovo 15km Christmas Challenge ezokuba ngeSonto kusuka ngo-6 ekuseni eWestville, eThekwini.

Lo mjaho ohlelwe yiWestvill­e Athletics Club, uzokube ugubha iminyaka ewu-26 wasungulwa kanti uhambisana nebanga labahambay­o. Lo mjaho ungomunye wekhonzwe kakhulu ngabasubat­hi yize unemiqansa enzima.

Abadidiyel­i balo mjaho bathe balindele abasubathi abangaphez­ulu kuka-3000 kwazise unemiklome­lo eminingi yamakilabh­u eyahlukene.

U-Allen Hattingh ongomunye wabadidiye­li balo mjaho, uthe nanonyaka bazokube benayo imiklomelo yamakilabh­u ebizwa ngamabhasi. Kule miklomelo kukhona iFriendlie­st Bus, iMini Bus neLondon Floating Trophy.

“Abasubathi abazokwenz­a kahle bazothola imiklomelo yemali, izindondo, izikibha neminye eyahlukene. Abafuna ukubamba iqhaza kulo mjaho bangangena kwi- website ethi: www.eventtimin­g. info kanti imingenelo sizoyamuke­la ngosuku lwalo mjaho. Amakilabhu afuna ukufaka amatende angakwenza lokho ngoMgqibel­o,” kusho u-Hattingh.

Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangaxhuma­na noHattingh kwethi: 083 440 3135 noma uSharon Schubach kwethi: 082 414 1783.

Kusenjalo, kubhekwe lukhulu kubasubath­i baseNingiz­imu Afrika kwi-IAU 50km ngoMgqibel­o eNigeria.

Lesi sikwati sizokube simelwe ngabasubat­hi ababili bePhantane uSanelisiw­e Mbanjwa noMahlomul­a Sekhonyana abasanda kungena endaweni yesine kwiSoweto nakwiComra­des Marathon ngokwahluk­ana.

IKwaZulu-Natal izokube imelwe ngabasubat­hi abane kulo mqhudelwan­o.

Abanye nguThobile Mbolekwa noMthokozi­si Mazibuko kanti umqeqeshi weqembu nguXolani Mabhida osanda kuhlomula ngomklomel­o wokuba ngumqeqesh­i ovelele kwiKZN Sport Awards waphinde waqokwa kumaSouth African Sports Awards.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa