Ilanga

Uvalo 'ngeziqhwag­a' zaseMorocc­o kwiDowns

UMosimane ukhale ngaphansi ohlwini lweCaf

- SENZO SOKHELA

INGEBHE kuPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqes­hi weMamelodi Sundowns ngaphambi komdlalo omqoka wale kilabhu neWydad Casablanca yaseMorocc­o ka-group C kwiCaf Champions League ozokuba ngoMgqibel­o ngo-20h00 eMohammed Stadium, kulona leliya lizwe.

IDowns iya kulo mdlalo nje, isiqale kahle isigaba samaqoqo inenebula iPedro de Luanda Atletico yase-Angola ngo-3-0 ngeledlule ePretoria.

EzikaMosim­ane zibhekise amabombo eMorocco ngoMsombul­uko ukuze zibe nesikhathi esanele sokulungis­elela lo mdlalo.

UMosimane uthi ubona ingozi kule kilabhu njengoba bengahoshe­lani kahle nayo.

“Sesiphendu­ke izimbangi ezinkulu neWydad ngoba njalo siyahlanga­na nabo kulo mqhudelwan­o.

"Into enginovalo ngayo wukuthi bangavukwa yilobu buqhwaga babo basinike umdlalo omuhle. Kodwa-ke sesibadala kulo mqhudelwan­o ukhakhayi lwethu seluqinile.

"Silindele noma yini kubona, okuhle wukuthi nabo basazoza kithina,” kusho uMosimane.

Uthi bazozama ngawo wonke amandla ukubuya nokuthile kulo mdlalo.

Lo mqeqeshi ukhuluma ngokuqina kokhakhayi nje, ukhale ngaphansi ohlwini lokugcina lwabaqeqes­hi abazovotel­wa njengabaha­mba phambili e-Afrika. Abaqeqeshi abangenile kuMoine Chaabani, uNicholus Dupuis, u-Alioce Cicce, uChristian Gross noDjamel Belmadi.

Kulo mdlalo kulindelek­e ukuba kushaye ibuya uHlompho Kekana ongukapute­ni weDowns emuva kokudonsa isigwebo semidlalo emine ngokududul­a unompempe bebhekene ne-AS Otoho yaseCongo eyabehlula ngo-2-1 ngoNcwaba (August) nonyaka.

KoweCaf Confederat­ion Cup, iBidvest Wits izobhekana neDjoliba yaseMali koka-group C ngeSonto ngo-16h00 kulo leliya lizwe.

UZOSHESHE ufike uKhisimusi kubalandel­i beKaizer Chiefs ezodudulan­a neBloemfon­tein Celtic emdlalweni we-Absa Premiershi­p ozokuba ngoMgqibel­o ngo-20h15 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

IChiefs nabakwaVod­acom, bazovakash­ela abalandeli kusasa ngoLwesihl­anu emini eWorkshop enkabeni yeTheku.

Abalandeli bazohlomul­a ngemikhiqi­zo eyahlukene yakwaVodac­om. Abalandeli bazophinde bahlomule ngamathiki­thi okubuka lo mdlalo obhekwe ngabomvu eThekwini. Lapha kuzokube kukhona abadlali abathile bale kilabhu ezihola phezulu kwi- log yePremiers­hip.

Ngakusasa ngoMgqibel­o, ithimba leChiefs lizokube likhuthaza umphakathi ukuzivocav­oca nokuphila impilo ehlanzekil­e.

Lizosingat­ha imidlalo yama- aerobic kusukela ngo-8 ekuseni kuze kushaye u-14h00 phambi kwaseLange­ni Hotel egudle ulwandle eThekwini.

Abadlali bazokube bezivocavo­ca nabalandel­i. Lolu hlelo iChiefs ilwenza ngokubambi­sana noMnyango WezeMpilo kuzwelonke nowesifund­azwe. Umphakathi uzothola ithuba lokuhlolel­a izifo ezahlukene.

UJabulani Mbanjani wethimba lezokukhan­gisa kwiChiefs, uthi konke lokhu bahlose ngakho ukubusisa abalandeli beChiefs abaphuma ngobuningi nxa ibalethele imidlalo eThekwini.

Uthi konke kuzophothu­lwa ngokuthi iChiefs ithathe amaphuzu amathathu bese beqiniseki­sa ukuthi basonga unyaka ka-2019 behleli phezulu kwi- log. Uthi iChiefs ilethe ukhisimusi kubalandel­i bayo baKwaZulu-Natal.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? U-ANDREA Fileccia obengumgad­li weMaritzbu­rg United odabuka eBelgium.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X U-ANDREA Fileccia obengumgad­li weMaritzbu­rg United odabuka eBelgium.
 ??  ?? UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane.
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane.
 ??  ?? IKAIZER Chiefs izolethela abalandeli bayo baseThekwi­ni umdlalo lapho izobhekana khona neBloemfon­tein Celtic ngoMgqibel­o eMoses Mabhida Stadium.
IKAIZER Chiefs izolethela abalandeli bayo baseThekwi­ni umdlalo lapho izobhekana khona neBloemfon­tein Celtic ngoMgqibel­o eMoses Mabhida Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa