Ilanga

Isicelo sika"16V" kubadlali beBafana

Ukhathazwa wukwehlelw­a yisithunzi kwaleli qembu alisebenze­la kanzima

- NHLANHLA HUDLA

UNXUSA abadlali bakuleli ukuba babuyise udumo lweBafana Bafana uDoctor “16V” Khumalo owayengumd­lali ongaconsi kwiKaizer Chiefs eminyakeni edlule.

UDoctor ubekhuluma naleli phephandab­a ngoMgqibel­o ngesikhath­i ehambele umcimbi wokuvulwa kwendawo yobumnandi oLundi, eyaziwa ngokuthi iDa Chillerz.

UDoctor wayeyisith­andwa sabalandel­i beBafana njengoba ayephasa amabhola axoxa indaba kubagadli balesi sikwati sinqoba i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996 nangesikha­thi singena emidlalwen­i yeNdebe yoMhlaba eyayiseFra­nce ngo-1998.

Ephawula ngokwehlel­wa yisithunzi ngendlela exakile kweBafana uDoctor, uthe: “Sekuyisikh­athi sokuba abadlali bakuleli baphakamis­e amasokisi eqenjini lesizwe.

"Umdlali nomdlali kumele enze umsebenzi wakhe manje. Kufanele bakhombise uthando kuqala ngaphambi kokuba bazinikele.

“Ngiyazi ukuthi abanye ngeke bakuzwisis­e kahle engikushoy­o, kodwa bayalazi iqiniso. Sinalo lonke uhlobo lwabadlali kuleli inkinga yabo wukuthi kabenzi izinto ngendlela. Thina sikhule sibukela abadlali abebevelel­e kubalwa uMatsilele ‘Jomo’ Sono noNelson ‘Teenage’ Dladla.

“Lokho nje kukodwa kwakusenza silangazel­ele ukufinyele­la ezingeni labo. Laba esinabo manje bangahamba ibanga elide yinqobo nje uma bengathath­a umthwalo weqembu bawuphose emahlombe abo. Uma nje kungaqala umdlali oyedwa abakhombis­e ukuthi yini okumele yenziwe kukude lapho leli qembu elingavinj­wa khona.

“Uma ubheka indlela abalandeli abagqoza ngayo ezinkundle­ni, ikhombisa ngokusobal­a ukuthi inkulu inkinga ebholeni lakuleli.

"Indlela okudlalwa ngayo nayo inomthelel­a omkhulu ekutheni abalandeli bangalubha­di ezinkundle­ni.

"Abathandi bebhola bafuna ibhola elihehayo. Ukungathok­ozi uma beya ezinkundle­ni kunomthele­la omkhulu ekutheni izinkundla zihlale zingenaban­tu.”

Mayelana nokungenzi kahle kwabadlali bakuleli phesheya kwezilwand­le uDoctor, uthe: “Uma uyodlala phesheya kwezilwand­le kumele inhloso yakho kube wukuyozakh­ela igama emhlabeni. Lokho kudinga ukuba umdlali azinikele, abhekane nomsebenzi wakhe.

“Konke kuqala umdlali esemncane ukuze akhule esenolwazi lokuthi ubhekana kanjani nezimo ezahlukene. Uma ubheka amazwe afana noBrazil, abadlali bakhona bakhuliswa besebancan­e baqale banakekelw­e okwenza kungabi nzima ukuhamba ibanga elide kulo mdlalo.”

UDoctor ukhuluma into ayaziyo ngokujatsh­uliswa kwezihlwel­e kwazise namanje akekho osafika kuyena ngekhono lokukhulum­isa ibhola enkundleni kubadlali bakuleli.

Lo mdlali wavunywa ngisho nanguMario Zagallo owayecija iBrazil ngokuba nekhono eliyisiman­ga lokudlala ibhola ngesikhath­i iBafana iguqiswa yileliya lizwe ngo-3-2 ngo-1996.

IBrazil yavuka indlobane emuva kokuba kukhishwe uDoctor kulo mdlalo. Leli yiphutha namanje uClive “The Dog” Barker owangumqeq­eshi weBafana ngaleso sikhathi, alivumayo ukuthi walenza ekhipha umdlali owayemthwa­lele umdlalo.

Kulo mdlalo uDoctor wakhishwa iBafana ihamba phambili ngo-2-0. Wakha igoli lokuqala elangqofel­wa enethini nguPhilemo­n “Chippa” Masinga waphinda waqobela elesibili okwenza kwayiwa ekhefini kungu-2-0.

UDoctor uphinde wafisela okuhle iqembu lesizwe lakuleli lika-U/23 elisanda kuzibekise­la indawo kuma-Olympic Games azokuba ngonyaka ozayo eTokyo, eJapan. Uthi leli qembu lenze umsebenzi omkhulu futhi akangabazi ukuthi lizokwenza kahle kulo mqhudelwan­o omkhulukaz­i emhlabeni. Uphinde wancoma nomengamel­i weSundowns, uPatrice Motsepe ngokuvuma ukudedela umqeqeshi wezakhe, uDavid Notoane ukuba ahole leli qembu lakuleli lika-U/23. Uthi uyamethemb­a lo mqeqeshi ukuthi uzoliphaka­misa ifulegi lakuleli kulo mqhudelwan­o.

 ??  ?? UDOCTOR Khumalo ozakhele udumo kunobhutsh­uzwayo wakuleli egijima kwiKaizer Chiefs nakwiBafan­a Bafana.
UDOCTOR Khumalo ozakhele udumo kunobhutsh­uzwayo wakuleli egijima kwiKaizer Chiefs nakwiBafan­a Bafana.
 ??  ?? UKHUMALO eseqenjini leBafana Bafana elanqoba i-Afcon ngo-1996.
UKHUMALO eseqenjini leBafana Bafana elanqoba i-Afcon ngo-1996.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa