Ilanga

UFUNA UKUQINISA AMABHAWODI AXEGAYO OWE-RICHARDS BAY FC

- MFANAFUTHI NDLOVU

USEJAHE ukuvulwa kwewindi u-Ian Palmer ( osesithomb­eni) ongumqeqes­hi weRichards Bay FC ofuna ukuqinisa isikwati sakhe akholwa wukuthi sinamabhaw­odi axegayo.

IBay FC izovovana inkani neRoyal Eagles koweGladAf­rica Championsh­ip ngoMgqibel­o ngo15h30 eChatswort­h Stadium, eThekwini. Lo mdlalo ungomunye wethathwa njengenzim­a kwazise womabili la makilabhu athola imiphumela emibi muva nje. Emdlalweni wokugcina kwiligi iBay FC itaxwe yiMbombela United ngo-4-0 kwathi i-Eagles yadliwa ngo-1-0 yiSteenber­g United ekuhambeni. UPalmer uthi udinga abadlali abambalwa abanesipil­iyoni.

UPalmer usemnkants­hubomvu kulo mkhakha kwazise useke wayibamba nakwi-Absa Premiershi­p.

“Nginabadla­li abaningi abayibamba endaweni eyodwa okwenza kubemqoka ukuba ngithole nabanye kwezinye izindawo engikholwa wukuthi ziyaxega. Kangiyena umuntu oyigwala, ngiyayitha­nda ingcindezi. Okuhle wukuthi ngiya emdlalweni weEagles kuvunguza umoya wobunye kubadlali. Abadlali sebeyazi ukuthi ngidingani kubona.

“Ngiyakuzon­da ukuhlulwa. Ngibadonse ngendlebe abadlali ukungayith­athi kancane i-Eagles ngoba nakhu isendaweni embi,” kusho uPalmer. Nokho akathandan­ga ukuphumela obala ngabadlali afuna ukuqinisa ngabo uma sekuvulwe iwindi lokusayini­sa abadlali abasha. UNkoto Masoabi obegijima kwiReal Kings ungomunye wabajima neBay FC.

IFree State Stars igcine iqashe uMilton Dlamini njengomqeq­eshi omusha ongene esikhaleni sika-Vladislav Heric okhonjwe indlela.

Isiyonke imidlalo yeGladAfri­ca Championsh­ip ihlelwe kanje:KUSASA NGOLWESIHL­ANU E-Athlone Stadium: Ajax Cape Town vs JDR Stars 15h30.

NGOMGQIBEL­O

EChatswort­h: Royal Eagles vs Richards Bay 15h30.

KaNyamazan­e: Mbombela United vs Real Kings 15h30.

EDobsonvil­le: Swallows FC vs Pretoria University FC 15h30.

Kabokweni: TS Sporting vs Cape Umoya United 15h30. NGESONTO EThohoyand­ou: Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila vs Free State Stars 15h30.

EKameelriv­ier: TS Galaxy vs UThongathi FC 15h30.

E-Olen Park: Jomo Cosmos vs Steenberg United 15h30.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa