"Sibi isimo soshaywe kwaShembe"
Isikhonzi senkantolo besiyosayinisa uNyazilwezulu incwadi ephuma enkantolo
KWEMBULWA kwembeswa esikhonzini senkantolo okuthiwa sishaywe kwasala umndondo ngoMgqibelo ngesikhathi sijutshwe ukuyosayinisa umholi wakwaShembe, uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, incwadi ephuma enkantolo, ethi kufanele yena nabalandeli bakhe baphume emagcekeni ebandla lamaNazaretha aseBuhleni, eMatabetulu, eNdwedwe, kungene abavunwe yinkantolo.
Lesi sikhonzi besiyosayinisa uNyazi lapho beluhlangene khona nezinkumbi zabantu eCilongweni, kwesaKwaBiyela, eMelmoth.
Ngokuthola kweLANGA ngoMnu
AMAWUNDLU acishe adla oyise ngoMgqibelo ebandleni lamaNazaretha aseBuhleni, intsha ebivutha ingabaselwe ifuna incazelo ngokuqhubekayo ebandleni emuva kwesinqumo seNkantolo yokuDluliswa kwamaCala eBloemfontein esivune iNkosi Vela “Misebeyelanga” Shembe, engasekho.
Le nkantolo ibivumelana neNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu neyaseThekwini ukuthi impela iMisebeyelanga yaqokwa yiNkosi Vimbeni “Thingolwenkosazane” Shembe ukuhola amaNazaretha aseBuhleni - hhayi indodana yalo uThingo, uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.
Kubikwa ukuthi ngawo uMgqibelo uNyazi lubuyele ekhaya emuva kwenkonzo ebikwesaKwaBiyela, eMelmoth, luyobheka isimo emuva kokuba kuzwakale ukuthi abaholi abasha baseBuhleni - abavunwe yinkantolo - bebegasele khona.
Kuthiwa ngezikhathi zantambama intsha ibigcwele khona emzini waseBuhleni ihhomuzela, kucaca ukuthi ifuna izimpendulo ngesimo sebandla.
Kuthiwa kuthe uma uMfu Friend Nzama, nomeluleki wezomthetho woNyazi, uMnu Lizwi Ncwane, beya kuyo, yabahhahhameza, ibasola
Nkululeko Mthethwa, okhulumela ibandla laseBuhleni ngaphansi kobuholi obusha, uthi isikhonzi - eligcine lingatholakalanga igama laso - sithe sifika nje sazichaza ukuthi sithunywe yinkantolo.
“Sibe sesicela ukukhonjiswa lapho uNyazi luhleli ngakhona ukuze silunike esandleni incwadi. Izigijimi zabuyela ngaphakathi zacela isikhonzi ukuba silinde ngaphandle kancane, okuthe sezibuya zavele zasithelekela ngenduku.
“Zisidikadike zaze zakhathala njengoba besingalanyulelwa muntu. Kushaywa isikhonzi nje, lapha eNanda bekushaywa izintatheli yiqeqebana labantu ebelihlomile, lingafuni ukuba singene
AMAWUNDLU ACISHE ASHWABADELA OYISE
siyohlola ikhaya osekungelethu,” ngesimo sebandla nokuhlulwa kohlangothi lwabo. Nokho kuthiwa igcine ihlale phansi yabamba umthetho emuva kokukhuzwa nokuchazelwa.
Ebuzwa ngalesi sigameko uMnu Ncwane, uvumile ukuthi ike yabakhona imvunge yentsha ebithukuthele kodwa bayithobisile emuva kokuyichazela.
“Sibonile ukuthi kumele siyichazele ngoba kayinalo ulwazi ngezinye izinto ezenzekayo ebandleni ezithinta umthetho. Siyitshelile ukuthi silahlwe yicala ebuholini bebandla phakathi koNyazi neMisebe engasekho, nokuthi silindele ukuba abeMisebe bafake isicelo enkantolo sokuba kugunyazwe lona okhona manje ukuba angene ezicathulweni zayo, kuyiwe enkantolo sibeke olwethu uvo.
“Odabeni lokuthi bazovele bangene basikhiphe eBuhleni, kusazoba nzima ngoba kunemithetho elandelwayo uma uzokhipha umuntu emzini wokhokho bakhe, kawumane usuke uyomkhipha, kunomthetho obizwa nge-Eviction Act,” kubeka uMnu Ncwane.
Uphethe ngokuthi intsha ihambe seyehlise imimoya. Ngodaba lokushintsha izandla ebuholini, busuka kwiMisebe buya eNkosini Phinda “Kukhanyakwelanga” Shembe, lolu daba lwafakwa eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, amajaji anquma ukuba lulalelwe lodwa. kusho uMnu Mthethwa.
UMnu Mthethwa uthi ngoLwesibili bazohlangana nobuholi obuphezulu emaphoyiseni ukuthola indlela eya phambili kulolu daba, ngoba amaphoyisa abekhona ngesikhathi bevinjwa beyongena eBuhleni.
Okhulumela uhlangothi lwaseBuhleni oludala, uMnu Thokozani Mncwabe, wale waphetha ukukhuluma ngalolu daba, wathi ubengazange ezwe lutho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi kalikho icala elisabikiwe emaphoyiseni ngalolu daba.
Zisidikadike zaze zakhathala singalanyulelwa muntu.
thandeka.ngobese@ilanganews. co.za