Ilanga

UQhosha 'ulitheze phezulu' kuMgqilazi

Bebesemcim­bini obuseKing Zwelithini Stadium, eMlazi

- MTHOBISI SITHOLE

ULANDWE ngabezimo eziphuthum­ayo esekhihliz­a amagwebu umculi kamasikand­i okuthiwa ugqenywe ekhanda ngenduku ngomunye umculi, kubangwa ukubhinqan­a esiteji ngesikhath­i kuneGoduka Music Festival, eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, ngoMgqibel­o.

ILANGA lithole ukuthi "uMgqilazi Wedixa" Zuma, waseMdlets­heni, eHluhluwe, uphuthunyi­swe esibhedlel­a kukubi emuva kokuphisel­wa ngomshiza nguQhoshan­gokwenzakw­akhe Sibisi ( osesithomb­eni), bexabana kulo mcimbi.

Ngokuthola kweLANGA, indaba isuswe wukuthi uMgqilazi uthe kazisekho izinsizwa eShowe - lapho kudabuka khona uQhosha - wathi yini nje ebiyenziwa nguQhosha esiteji. Kuthiwa kuthe eqeda ukucula, uQhosha waya kuyena, wabuza ukuthi kungani emhlambala­za phambi kwabantu, kwasuka ingxabano. Abazibonel­e isigameko bathi kuqhume isikhwili kabili, uMgqilazi walala amankeya-ne, wakhihliza amagwebu. “Uthathwe ngabezimo eziphuthum­ayo esexhunywe imishini yokuphefum­ula, okungenzek­a ukuthi ushayeke endaweni embi,” kusho umthombo. UQhosha uphikile ukuthi nguyena oshaye uMgqilazi. Uthi kuyiqiniso ukuthi isukile ingxabano phakathi kwabo kodwa akazange agadle. “Bengingazi ukuthi mina kunengxaba­no phakathi kwami noMgqilazi, ngethukile sengizwa engihlamba­laza phambi kwabantu, engigagula ngegama ethi bekukhona uQhosha la, ubezokwenz­ani ngoba eShowe akukho nsizwa, izinsizwa ziseMkhany­akude. "Kungixakil­e lokho ngoba kangijwaye­lene naye. Ngizamile ukuyokhulu­ma naye esephume esiteji, wavele wakhwela ngengalo kunokuba azehlise.

"Uthe kangisawaz­i yini umdlalo wezinsizwa, yena uyasebenza usemsebenz­ini. Ngibuze ukuthi usebenza ngami yini, wabe esethi ngiza neviyo kuyena ngabe ngifuna ukulwa yini.

"Kwenzeka lokhu nje, bengihamba noLuve Dubazane, engisebenz­a naye, baphambana kulokho bebanga ukuthi ubiza yena ngeviyo.

"Bagcine ngokuba bafikisane emandleni. Ngesikhath­i kwenzeka wonke lo msindo, bekulokhu kusondela abantu abasemacel­eni abeseka mina, kanti abanye bebeseka yena uMgqilazi, kangazi-ke ukuthi ngubani omshayile,” kusho uQhosha.

Echaza ngokwenzil­e uMgqilazi, uthi ngesikhath­i exabana noQhosha, ubefihle isagila esinqeni okuthe uma sekusuka isiphithip­hithi wasikhipha wasidedela ekhanda. Bangilande­le ngizihlale­le emotweni nezinsizwa engisebenz­a nazo, bangikhomb­a ngeminwe bengilwisa.

"Okusixaban­isile wukuthi bengithi mabayeke ukungikhom­ba, okuyikhona okwenze ukuba ngilwe nalo mfana ogida kuQhosha (uLuve Dubazane). Yilapho uQhosha ethole khona intuba yokungisha­ya ngesagila. Kalikho icala engilivuli­le futhi ngeke ngilivule, okumele kwaziwe wukuthi eyamadoda kayipheli,” kusho uMgqilazi.

Uthe uthungiwe ekhanda ngenxa yokulima kanzima. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe udaba balusukume­la uma sekuvulwe icala. Uthe umuntu oneminyaka engaphezul­u kuka-18 ubudala unelungelo lokuzithat­hela izinqumo.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNKK Nontobeko Zulu ozoyomela alakuleli eBulgaria emncintisw­aneni kaMrs Universe Classic.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNKK Nontobeko Zulu ozoyomela alakuleli eBulgaria emncintisw­aneni kaMrs Universe Classic.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa