UKUNQOBA ISICOCO SIKA-MRS ZULULAND KUMVULELE AMATHUBA
KUVULELE uNkk Nontobeko Zulu waseShowe, ithuba lokuyomela iNingizimu Afrika kuMrs Universe Classic, eBulgaria kusukela mhla ka-19-23 kuMasingana (January), ukuwina kwakhe uMrs Zululand.
UNkk Zulu uthi ukuthola leli thuba kumjabulise kakhulu, kwazise ubengakaze azibone emodela ezingeni lomhlaba. “Ngikhule ngizenyeza ngendlela ebengimncane ngayo ngomzimba, namadolo nje ecijile. Ngisho nasesikoleni izingane zazingihleka ngenxa yomzimba wami omncane.
"Ukuqala kwami ukumodela kwadalwa wukuthi ngangifuna ukulwa nalokhu kuzenyeza enganginakho, ngingazi ukuthi ngizogcina sengikuthanda futhi sekungivulela neminyango ebengingakaze ngicabange ukuthi iyoke ivuleke empilweni yami.
"Ukuthola leli thuba lokuya eBulgaria, ngikholwa wukuthi kuzogqugquzela nabanye besifazane abanemizimba abangayithandi, babone ukuthi lokhu okuyisici kubona bangakusebenzisa, kugcine sekubanika imiphumela emihle empilweni yabo,” kusho uNkk Zulu.
Uthi njengoba ezothatha lolu hambo, njengakuyo yonke imincintiswano yokumodela, uyabadinga abaxhasi. “Ekumodeleni uhlale udinga ukwesekwa ngosomabhizinisi ngemali njengengxenye yokubuyisela emphakathini.
"Kulolu hambo ngidinga u-R35 000 ukuze ngikwazi ukuthola amathikithi ebhanoyi ukuya nokubuya.
"Ngidinga nabasiki bengqephu abazongigqokisa. Leli yithuba elihle kakhulu kosomabhizinisi njengoba uma sengiphesheya, ngizonikwa nethuba lokukhuluma ngabo, ngibabonge, engicabanga ukuthi kuzobasiza ukumaketha amabhizinisi abo kwamanye amazwe njengoba kuzobe kuhlangene abantu bamazwe amaningi," kusho uNkk Zulu.
Uthi njengoba esenesicoco sikaMrs Zululand, wafika kowamanqamu kaMrs Universe, uthi useke wafika kowamanqamu kwiTammy Taylor Mrs South Africa 2018.