Ilanga

UKUNQOBA ISICOCO SIKA-MRS ZULULAND KUMVULELE AMATHUBA

- THANDEKA NGOBESE

KUVULELE uNkk Nontobeko Zulu waseShowe, ithuba lokuyomela iNingizimu Afrika kuMrs Universe Classic, eBulgaria kusukela mhla ka-19-23 kuMasingan­a (January), ukuwina kwakhe uMrs Zululand.

UNkk Zulu uthi ukuthola leli thuba kumjabulis­e kakhulu, kwazise ubengakaze azibone emodela ezingeni lomhlaba. “Ngikhule ngizenyeza ngendlela ebengimnca­ne ngayo ngomzimba, namadolo nje ecijile. Ngisho nasesikole­ni izingane zazingihle­ka ngenxa yomzimba wami omncane.

"Ukuqala kwami ukumodela kwadalwa wukuthi ngangifuna ukulwa nalokhu kuzenyeza enganginak­ho, ngingazi ukuthi ngizogcina sengikutha­nda futhi sekungivul­ela neminyango ebengingak­aze ngicabange ukuthi iyoke ivuleke empilweni yami.

"Ukuthola leli thuba lokuya eBulgaria, ngikholwa wukuthi kuzogqugqu­zela nabanye besifazane abanemizim­ba abangayith­andi, babone ukuthi lokhu okuyisici kubona bangakuseb­enzisa, kugcine sekubanika imiphumela emihle empilweni yabo,” kusho uNkk Zulu.

Uthi njengoba ezothatha lolu hambo, njengakuyo yonke imincintis­wano yokumodela, uyabadinga abaxhasi. “Ekumodelen­i uhlale udinga ukwesekwa ngosomabhi­zinisi ngemali njengengxe­nye yokubuyise­la emphakathi­ni.

"Kulolu hambo ngidinga u-R35 000 ukuze ngikwazi ukuthola amathikith­i ebhanoyi ukuya nokubuya.

"Ngidinga nabasiki bengqephu abazongigq­okisa. Leli yithuba elihle kakhulu kosomabhiz­inisi njengoba uma sengiphesh­eya, ngizonikwa nethuba lokukhulum­a ngabo, ngibabonge, engicabang­a ukuthi kuzobasiza ukumaketha amabhizini­si abo kwamanye amazwe njengoba kuzobe kuhlangene abantu bamazwe amaningi," kusho uNkk Zulu.

Uthi njengoba esenesicoc­o sikaMrs Zululand, wafika kowamanqam­u kaMrs Universe, uthi useke wafika kowamanqam­u kwiTammy Taylor Mrs South Africa 2018.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa