Ilanga

Isilo sihlabe utshwala

"Yiliphi izwe elizotshal­a imali ezidakweni"

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

SIGXEKE ukwanda kwezikhang­iso zotshwala iSilo samaBandla, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzul­u, ngesikhath­i sigubha iminyaka ewu-48 sihola isizwe sikayise emcimbini obusesigod­lweni saso, KwaKhethom­thandayo, KwaNongoma, ngoMgqibel­o, obuthanyel­we yimbijana yabantu.

Kugcine kuvele ukuthi okuholele ekubeni izihlalo zibe ziningi kunezetham­eli, wukungahle­leki kwezinto njengoba ebengekho ngisho amabhasi abehambise amabutho nezethamel­i nje jikelele.

Kuze kwaphoqa ukuba uNdunankul­u kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, icele abantu ukuba basondele ngaphambil­i njengoba bezizining­i izihlalo ezingenamu­ntu.

Cishe zonke izikhulumi ebezisohlw­ini okubalwa kuzo usihlalo wendlu yabaholi bomdabu KwaZulu-Natal, iNkosi Phathizwe Chiliza, naso iSilo uqobo, bakugxekil­e ukungathat­helwa phezulu kwalo mcimbi.

Yize kunjalo, ugcine uqhubekile umcimbi, kanti iSilo siphathise umyalezo etsheni mayelana nobungozi bokucwila ezinkamben­i zikaFaro.

Sithe kushayisa ngamahloni ukubona ngisho izikhangis­o kumabonaku­de qede kuvele intsha - ikakhuluka­zi yesifazane - namabhodle­la otshwala.

“Uma ungabheka lapha eNingizimu Afrika kugcwele inqwaba yamajoyint­i, kalikho izwe elinezidak­wa njengeNing­izimu Afrika. Uze ubone nezikhangi­so kuvele amafriji eshunqa intuthu bese kuvela amabhodlel­a abandayo, usethuswe yilokho, bese kuvela abesifazan­e.

“Lokhu kuyihlazo, ngicela siyibheke le nto. Bengineziv­akashi nenxusa lase-USA elifike kimina laze lacela ukuthatha isithombe limi eduze kwesibaya. Lezi zivakashi zibuze nangezinhl­elo enginazo, ngazikhomb­isa, konke lokhu ngenzela nina. Uma kuqhubeka kanje, yiliphi izwe elizotshal­a emali ezidakweni?” kusho iSilo.

Sixwayise abantu ngokuthi baqaphele ukulandela abefundisi abaqhamuka kwamanye amazwe, abagcina sebethinte­ka emacaleni okudlwengu­lwa kwezingane.

“Kuyangixak­a ukuthi umlalela kanjani umuntu ethandaza ngolimu lwakhe ongaluzwa; inkinga eba khona wukuthi izingane zigcine zidlwengul­wa,” kusho iSilo.

INkosi Buthelezi ithe kuyisibusi­so esimangali­sayo ukuba uNkulunkul­u alondoloze iNgonyama iphathe isikhathi eside kangaka.

ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa