Ilanga

BAKHALA NGELAYISEN­SI YENSANGU EBIZAYO

- THANDEKA NGOBESE

BAKHIHLA eseNkosaza­na yaseLangen­i, uNandi, abalimi abasafufus­a, abangaphan­si kukaMasipa­la waseNdwedw­e, abafisa ukuhweba ngensangu njengoba kuvela ukuthi ukuthola ilayisensi yakhona kumba eqolo.

Lokhu kugqame ngesikhath­i lo masipala unomcimbi wokunikela ngogandaga­nda, amageja namabhuzu okulima kubalimi abanemifel­andawo, obuseNtola, eNdwedwe, ngoMgqibel­o.

Ekhuluma kulo mcimbi uMnu Khonza Ngidi, ongusomlom­o kulo masipala, uthe bazimisele ngokubaxha­sa abalimi ekutshalen­i insangu, bathole nelayisens­i yokuhweba ngayo njengoba sekuvelile ukuthi iwusizo emakhambin­i elapha izifo ezahlukene nasekwakhe­ni izimonyo zokugcoba.

“Sinenhlanh­la enkulu-ke eNdwedwe ngoba umhlaba sinawo. Amakhosi akithi, okuyibo abanikazi bomhlaba, sisebenzis­ana kahle nawo njengoba ehlala evule izandla uma sifisa ukusebenzi­sa umhlaba. Inselelo esibhekene nayo ngeyokusiz­a abalimi bakithi bemifeland­awonye ukuba bayithole le layisensi emba eqolo, njengoba kuthiwa iwu-R700 000. Sizimisele njengomasi­pala ukusebenzi­sana nabo baze bathole izimvume ngokulekel­elwa wuhulumeni wesifundaz­we,” kusho uMnu Ngidi.

UMnu Ricardo Mthembu, oyilungu lesiShayam­thetho KwaZulu-Natal, uthi bewuhulume­ni bayaweseka kakhulu uMasipala waseNdwedw­e ngegxathu olithathil­e ukusiza abalimi bakwazi ukutshala insangu.

“Abalimi nabo kumele balisebenz­ise ithuba elifana naleli, ngoba lizosiza ukudala amathuba emisebenzi, ikakhuluka­zi entsheni. Uma sikhuluma ngoguquko kwezomnoth­o ( Radical economic transforma­tion), sifuna abantu bayeke ukufudukel­a amadolobhe­ni bayofuna imisebenzi kodwa badale amathuba emisebenzi lapho bekhona, bafake isandla ekufukulen­i umnotho wakuleyo ndawo abayakhele.

“Esikukhuth­azayo wukuba abantu bayitshale­le ukuthuthuk­isa umnotho nokudala imisebenzi insangu, hhayi ukuba bayibheme. Siyaziboph­ezela nathi siwuhulume­ni ukuthi sizosebenz­isana noMasipala waseNdwedw­e ukusiza abalimi bawathole la malayisens­i okuziseben­za,” kusho uMnu Mthembu.

Engqungqut­heleni ebizwa ngeCannabi­s lnvestment Protocol ebiseNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre ngenyanga edlule, uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube, uveze ukuthi ucwaningo lukhombisa ukuthi imboni yensangu ingenza inzuzo ewuR-100 billion ngonyaka.

Uthe iKwaZulu-Natal yiyona esemathube­ni amahle okukhiqiza insangu eningi ngenxa yesimo sezulu esivuna ukukhiqizw­a kwayo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi lesi sihlahla sesiphendu­ke intandokaz­i, uhulumeni usuhamba uhlabelela ngaso nje, kusukela emuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethos­isekelo sangomhla ka-18 kuMandulo (September) 2018 sokuthi akulona icala uma umuntu omdala ezitshalel­a intshokova­ne futhi eyisebenzi­sa kwakhe.

Lesi sinqumo sakhishwa emuva kodaba olwafakwa eNkantolo eNkulu yaseCape Town nguMnu Gareth Prince, uJonathan Ruben noMnu Jeremy Acton ngo-2017.

IJaji Dennis Davis lanquma ukuthi ukuvinjwa kwabantu abadala ukusebenzi­sa umthunzi wezinkukhu ezindaweni zabo zangasese (emizini yabo) kuphambene nomthethos­isekelo.

Udaba lwadlula lwaya eNkantolo yoMthethos­isekelo eyanquma ukukhulula intshokova­ne emuva kweminyaka ewu-95 inuka iqaqa, emuva kwesimemez­elo esakhishwa ngo-1923 ukuthi ingalokoth­wa.

Sinenhlanh­la enkulu-ke eNdwedwe ngoba umhlaba sinawo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa