Ilanga

Ongoti bezempilo bahlaba eyotshwala obungadaka­ni

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

SIYANDA isibalo sabantu abazama ukuphuza utshwala "obungadaka­ni" ( alcohol free) ngoba bezama ukuhambela kude nezimbiza zikaFaro futhi bengafuni ukubonakal­a sengathi bona kabekho ezintweni.

Ngokusho kwabe-health24, eNingizimu Afrika baningi abantu asebelande­la lesi sitayela. Ithi leli lizwe lisendawen­i yesithupha kwahamba phambili ngokunklun­klwa kotshwala.

Yize kunjalo, kuthiwa bakhona abaqoma ukuziphuze­la iziphuzo ezingenabo utshwala, kodwa zibe zibukeka sengathi zinabo. Lokhu kuthiwa kusiza kakhulu labo abafuna ukuyeka utshwala njengoba kuthiwa sezizining­i nezinhlobo zophuzo abantu abangazikh­ethela kuzona.

Ngisho komabonaku­de, sekujwayel­ekile ukubonakal­a izinkampan­i ezikhiqiza utshwala, zikhangisa ngotshwala obungadaki. Yize kunjalo, ongoti bezempilo bathi kakujwayel­ekile ukuba lobo tshwala bugcine bungenaso isithako esidakayo yize bubhalwe u-00%.

Bathi lobu tshwala buyingozi kakhulu kubantu abanenking­a yokuphuza ngokweqile uma bethi bazoyeka ukuphuza, bakhethe lolu hlobo lweziphuzo.

NgokweLiqu­or Products Amendment Bill ka-2016, isiphuzo esikhangis­wa ngokuthi siwutshwal­a obungadaka­ni, sisuke sinabo utshwala obuwu-0.5% noma ngaphansi.

UMnu Rhys Evans, ongumqondi­si ophethe kwa-ALCO-Safe - okuyinkamp­ani esabalalis­a amathuluzi okuhlola izidakamiz­wa ezinamandl­a notshwala - uthi izinkampan­i eziningi zisuke ziqamba aluhlaza uma zithi isiphuzo lesi kasinabo utshwala, kwazise busuke bukhona obuwu0.3 kuya ku-0.5%.

“Kunamawayi­ni amaningi okuthiwa kawanabo utshwala, kodwa asuke esenabo, kuphela nje wukuthi asuke enziwe into ebizwa nge- de-alcoholise­d, okufana nekhofi eli- decaffeina­ted kodwa lisuke lisenayo i- caffein encane,” kusho uMnu Evans.

Ngokwabe-University of Wisconsin Hospital and Clinics Liver Transplant Program, ukuphuza iziphuzo zalolu hlobo kunomonaka­lo eziwenzayo esibindini, kanti bathi bona njengesikh­ungo, bakhuthaza abantu ukuba bahambele kude notshwala okuthiwa kabudakani.

Njengoba amaphesent­i kulobu tshwala ephansi kangaka, kuthiwa ngisho ungabuphuz­a kangakanan­i, kodwa kabuveli uma ufuthiswa ngamaphoyi­sa omgwaqo, kodwa uma ungaphuza amakani (330 ml) awu-20 eSavanna Non-Acoholic ngehora elilodwa, ngeke usadlula emaphoyise­ni ngoba ungabe seweqile isibalo esidingeka­yo.

Ngokusho kwabeBusin­ess Insider, yikho kanye lokhu okuholele ekubeni uhlaka olwengamel­e ezokukhang­isa, luphoqe izikhangis­o zalolu hlobo lweziphuzo ukuba zikuveze ukuthi uma usuzidle kakhulu lezi ziphuzo ngesikhath­i esifushane, nazo ziyingozi.

Ngokusho kukaMnu Evans, ukuzama ukuphephel­a kulezi ziphuzo zotshwala kodwa okuthiwa kazidakani, kuyingozi kakhulu kubantu abanenking­a yotshwala (alcoholics) nabazama ukubuyeka kwazise zingabenza bahalele kakhulu utshwala obudakanay­o.

“Ngisho isibalo esincane sotshwala siyingozi kumuntu onale nkinga ngoba ukuphuza ngokweqile kusuke kungaseyon­a into yokuphuza nje kuphela, kepha kusuke sekuthinte­ka nomqondo wakho imbala, okungenza kube nzima ukuba ukwazi ukubuyeka uma uzophinde uphuze lolu hlobo lweziphuzo,” kusho uMnu Evans.

Uthi lowo onenkinga yotshwala nokuphuza ngokweqile, indlela lobu tshwala obunuka ngayo, yindlela ibhodlela elakhiwe ngayo, kungenza lowo agcine esephuza utshwala okwangempe­la.

 ??  ?? UHLOBO lweziphuzo olwaziwa ngama-cocktail amanye awo awanabo ubungozi, kwazise akhona angenabo nhlobo utshwala.
UHLOBO lweziphuzo olwaziwa ngama-cocktail amanye awo awanabo ubungozi, kwazise akhona angenabo nhlobo utshwala.
 ??  ?? AMAPHOYISA asuke engasahlek­i uma kunezivimb­a-mgwaqo, efuthisa abantu ebheka izinga lotshwala egazini.
AMAPHOYISA asuke engasahlek­i uma kunezivimb­a-mgwaqo, efuthisa abantu ebheka izinga lotshwala egazini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa