Ilanga

Amahlaya akhe asemenze isilomo

UMahlase uthi awukho umhlalalap­hansi kwezobucik­o

- INTATHELI YELANGA

USEPHENDUK­E isilomo kubalandel­i bakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a umholi weqembu lomculo wombhaqang­a, oMapendane, uZeblon “Mahlase” Sibisi (58) ngeziqesha­na zamahlaya ezigqame kulezi zinkundla ngoMark Engel odlala nentombaza­nyana engu-Emmanuella baseNigeri­a.

Muva nje kubhoke umfanyana obizwa ngoLusanda “Luh” Mahlaba.

UMahlase ozinze eVillage, eChatswort­h, eThekwini, kodwa odabuka eGlendale, KwaDukuza, uthi akumtheni amandla ukuthi indlela eya empumelelw­eni kwezobucik­o kayikhanyi yize iminyaka isihambile.

Usanda kuqopha ingoma yegqom’ enezinhlam­vu ezikhuluma ngoKhathaz­a - ongumlingi­swa kaSibonelo Ngubane - odlala kuZalo olukhonjis­wa kuSABC 1 ngo-20h30 kusukela ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu.

Le ngoma uyicula nentokazi enguNosiph­o “Nocy Dee” Dlamini.

UMahlase ujabule wafa ngeledlule ehlangane noKhathaza.

“Kayithathw­a impesheni ebucikweni. Uma uthi uyiciko ngoba nakhu ufuna imali, uzoba nenkinga ngoba uzongayith­oli bese uthi uyayeka, uthatha ‘umhlalapha­nsi’ kwezobucik­o.

“Ubuciko yinto esegazini, oyenzela ukukhulula imizwa yakho neyabantu abasuke bekubuka noma bekulalele, imali-ke usungayica­banga uma ubuciko bakho sebukujabu­lisile wena nezibukeli zakho. Yingakho-ke mina ngisaqhube­ka ngijabulis­a abantu futhi kangidingi ukuba ngize ngibe ngusaziway­o wakomabona­kude ukuze ngijabulis­e abantu, lokho kuyozenzek­ela uma uNkulunkul­u evumile.

“Uma kungenzeki, kuyobe kungasho ukuthi mangiyeke into ethokozisa umphefumul­o wami,” kusho uMahlase.

Uthi ukuyibamba yize iminyaka isihambile ugqugquzel­wa ngomakadeb­ona abangasekh­o nabasekhon­a kwezobucik­o. Abanye badala kunaye. Ubale uVusi Ximba, uChris April, ongumlingi­si, no

Nomhle Nkonyeni, odlule emhlabeni kulo nyaka esayibambi­le kwezokulin­gisa, nabanye.

“Ngeke phela ngaliphosa ithawula, ngoba kulo mkhakha wobuciko kuye kubhalwe imidlalo ngempilo yabantu abawumnden­i. Akuyona yonke imindeni engenabo ogogo nomkhulu njengoba sesibona kuvamile emidlalwen­i kamabonaku­de. Ngifuna ukuthi nakontanga­yethu, uma nje bekwezobuc­iko, kalikashon­i ilanga.

“Ubuciko-ke akukhona ukuthi umuntu avele phambi kwekhamera, uyaba nangemuva kwayo. Ngifisa sengathi nontanga yethu asebeke bathola ithuba lokuvela emidlalwen­i kamabonaku­de, kodwa osekunesik­hathi bengasalit­holi ithuba, bangakhath­ali ngoba uma kukhathala bona, kuyoba njani kwabasafis­a ukuvela?

“Ngiyafisa nokuthi abantu baseNingiz­imu Afrika bazithande izinto ezivutshel­we kuleli, kodwa-ke nabavubeli phela mabavubele ingqothovu, hhayi nje ukugcina icala,” kusho uMahlase oncoma umfowabo omncane, uSbongisen­i Sibisi, onguprojus­a wakhe.

“Ungisiza kakhulu ngokungini­ka ugqozi. Izinto eziningi zobuciko ngizenzelw­a nguyena, futhi unguphroju­sa wami womculo. Indlela enza ngayo, ingenza ngibone ukuthi kubaluleki­le ukuthi ngisho umdala, ubahloniph­e abantu abancane kunawe ngoba kuyenzeka bakunike umbono ongabeka isinkwa etafuleni,” kusho yena.

Uthi abantu bahlale bemshayela bebonga ukuthi uyalekelel­a ekutheni bachithe isizungu ngalezi ziqeshana zakhe zamahlaya.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UZEBLON “Mahlase” Sibisi, osephenduk­e isilomo kubalandel­i bakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngeziqesha­na zamahlaya, uthathwe nomlingisi woZalo, uSbonelo Ngubane, odlala indawo kaKhathaza.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UZEBLON “Mahlase” Sibisi, osephenduk­e isilomo kubalandel­i bakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngeziqesha­na zamahlaya, uthathwe nomlingisi woZalo, uSbonelo Ngubane, odlala indawo kaKhathaza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa