Injabulo uVodacom neSupeSport bexhasa imidlalo yaseBergville
IHLABANE ngabaxhasi abamqoka iBergville Offseason Tournament kungena izikhondlakhondla zezinkampani, uVodacom noSuperSport kulo mqhudelwano ozoqala mhla ka-18 usongwe mhla ka-29 kuZibandlela (December) eMoyeni Sports Ground, eBergville.
Lezi zindaba zidalulwe ngesikhathi kwethulwa lo mqhudelwano izolo ngeSonto emini eBergville Sports Complex.
UMelusi Ntumba onguSihlalo wekomidi elihlela lo mqhudelwano futhi ongumnikazi wabaxhasi abakhulu bawo, iNtumba Chartered Accountants Inc, uzwakalise injabulo ngokukhula kwale midlalo engenelwe okokuqala ngqa ngamakilabhu awu-40 nonyaka.
Ephawula ngokungena kwabaxhasi kulo mqhudelwano uNtumba, uthe: “Okusisebenzelayo yize siwumqhudelwano osemakhaya wukuthi sisebenza kanzima ukugcina ubudlelwano bubuhle nabo bonke ababa yingxenye yethu.
“Le midlalo sihlale silwela ukuyigcina inewozawoza. Wonke amalungu ethu anejoka lokulwela ukukhulisa lo mqhudelwano ngokuwutholela abaxhasi.
“Nyakenye samema uWilliam Shongwe njengomngani (wakwaSuperSport), wathatheka ngale midlalo. Nguyena osixhumanise nabaphathi bakhe, sethula udaba lwethu kwaba wukulunga kwezinto.” Uqhube wathi bakhuthaza amakilabhu ukusebenzisa abadlali abasebancane ngeminyaka ukubavulela amathuba kwazise izinhloli zisuke zingadinge ‘makhehla’. Uveze ukuthi bameme noTim Sukazi kule midlalo. Ukuqhathwa kwamakilabhu bekuhanjelwe nguTebogo Moloi weTM Scout oveze ukuthi bakhona abadlali aseke wabahlomula kulo mqhudelwano.
UNkosingiphile Malinga oyiMenenja kuMasipala wasoKhahlamba, uthe babheke ukuba le midlalo iqhubeke nokukhiqiza abadlali abazoyibamba kwiPremier Soccer League (PSL).
Imiklomelo yenyukile kulo nyaka njengoba abanqobile bezothola uR150 000, isibili kube uR70 000, isithathu uR40 000, isine kube uR20 000 bese abaphume kuma- quarter final bathotshwa amanxeba ngo-R5000 ikilabhu iyinye.
Kuvele nokuthi kunezinhlelo zokuba kuqokwe isikwati sabadlali abawu-22 esizohlelelwa imidlalo namakilabhu ePSL ngezikhathi zekhefu leFifa, ukuzama ukubavulela amathuba okusayiniswa.