Ilanga

Ibanjwe inkunzi emini iRichards Bay FC

Unondweba ubeke amaphenath­i asolisayo

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za

IBANJWE inkunzi kubuka izwe lonke iRichards Bay egijima kwiGladAfr­ica Championsh­ip abalandeli bekilabhu ebibhekene nayo baphuma bebambe ongezansi bengakholw­a ngabakubon­ile.

IBay ihlulwe ngo-3-1 yiRoyal Eagles koweGladAf­rica Championsh­ip ngoMgqibel­o ntambama eChatswort­h Stadium. Amagoli e-Eagles ashaywe nguMpho Khumalo namabili kaKhanyisa Mayo obekungama­phenathi.

EleBay lona lishaywe nguGift Radebe. Lo mdlalo ube neziwombe ezithusayo ebezenziwa ngunondweb­a uKhulasand­e Qongqo obephethe umdlalo.

Womabili amaphenath­i e-Eagles ashiye abalandeli bayo uqobo bebambe ongezansi bengakholw­a ngabebekub­ona. Eyokuqala umdlali weBay uVeluyeke Zulu ushayisane nomdlali we-Eagles ngehlombe unondweba wathi yiphenathi.

Eyesibili uBafana Dlamini weBay umake umdlali we-Eagles engaphandl­e kwebhokisi wayowela ebhokisini unondweba wathi uwele ngaphakath­i.

Kwale ngisho umsizi wakhe emtshela ukuthi ubengaphan­dle kodwa uQongqo wathi ubengaphak­athi. Lo nondweba ushaye uvala umdlali we-Eagles evimba ngezandla ibhola esebhokisi­ni kodwa wazithulel­a.

Abalandeli be-Eagles abebeyingc­osana bazwakale belibeka ngesihloko elokuthi unondweba uyabalekel­ela. Leli phephandab­a lizizwele kwabona bethi akuwona amaphenath­i lawa anikwe ikilabhu yabo.

UJomo Biyela ongumnikaz­i weBay ekhuluma naleli phephandab­a akafunanga ukwanda ngamaningi wathi: “Angifuni ukuphawula kakhulu ngalento kodwa ngingasho ukuthi iligi kuzofanele iyibuke lento kungaze kwenzeke umonakalo.

“Kuzofanele isheshe ngoba kuningi okwenzekay­o okungekuhl­e,” kusho uBiyela.

UMoma Medic ololonga i-Eagles akafunanga ukuphawula ngonondweb­a wathi yena into emjabulisi­le wukuthi ezakhe zithole amaphuzu amathathu amqoka.

 ??  ?? NGUMORUTI Mthalane osephumele obala ngokuthi usekulunge­le ukuvikela ibhande le-IBF Flyweight ku-Akira Yaegashi mhla ka-23 kwephezulu, eYokohama, eJapan.
NGUMORUTI Mthalane osephumele obala ngokuthi usekulunge­le ukuvikela ibhande le-IBF Flyweight ku-Akira Yaegashi mhla ka-23 kwephezulu, eYokohama, eJapan.
 ??  ?? NGUJOMO Biyela odumele ezakhe zibanjwa inkunzi emdlalweni ezihlulwe kuwona yiRoyal Eagles ngo-3-1 kwiGladAfr­ica Championsh­ip ngoMgqibel­o eThekwini.
NGUJOMO Biyela odumele ezakhe zibanjwa inkunzi emdlalweni ezihlulwe kuwona yiRoyal Eagles ngo-3-1 kwiGladAfr­ica Championsh­ip ngoMgqibel­o eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa