Ubulale umakhelwane nendodana kubangwa izinja
Ubefuna uR50 000 ngenja eyodwa
UBONAKALA kusihlwa kuhle kwelulwane owesilisa waseMalomini Reserve, eMsinga osolwa ngokudubula abulale umakhelwane wakhe nendodana yakhe emuva komsindo oqubuke ngenxa yezinja. Kulesi sigameko esenzeke ngoMgqibelo, kushone uMnu Mbukelwa Sithole nendodana yakhe, uMnu Thandani Sithole (32).
Ngokuthola kweLANGA, ingxabano phakathi kwalaba isuswe wukuthi uMnu Sithole (uMbukelwa), wadubula izinja ezimbili zikamsolwa ngoba zidle izimbuzi zakhe.
Kuthiwa kusukela lapho, umsolwa - okumanje kuthiwa akaboshiwe - ubehlala etshela uMnu Sithole ukuthi ufuna akhokhe izinja zakhe ezimbili okuthiwa wazidubulela esibayeni sakwaSithole ezibhadama zidla imbuzi yakhe.
Ubefuna u-R50 000 ngenja eyodwa. Kuthiwa ngoMgqibelo uMnu Sithole waphuma umsolwa exabana noThandani, yaqhubekela phambili ingxabano, okuholele ekubeni abadubule bobabili bashonela khona lapho.
Umndeni wakwaSithole uthi namanje usethukile kanti kawazi noma umsolwa usazobuya yini eyofuna izinja zakhe. Ilungu lomndeni elicele ukungadalulwa ngenxa yokwesaba ukuthi hleze umsolwa alenze isilo sengubo, lithi kalikholwa ukuthi sekungaze kuphume izidumbu ezimbili ngezinja nje kuphela.
Lithi okubuhlungu wukuthi umsolwa ubefuna inkokhelo ngezinja zakhe nje, yena ubengazikhokhile izimbuzi zakwaSithole ezidliwe yizingcanga zakhe.
“Le nto iqale ngokuba izinja zidle izimbuzi esibayeni, ubaba walapha ekhaya wabuza kubantu ngalezi zinja kodwa kwangavela muntu. Kuhambe isikhathi zaphinde zabuya izinja, ubaba wazibona esibayeni sezibulele enye imbuzi.
“Uzibulele lezi zinja ngoba besekuphele izimbuzi eziwu-5 zonke, zidliwa yizinja. Kube sekuvela lona wesilisa wakhona lapha endaweni ezotshela ubaba ukuthi ufuna izinja zakhe. Umtshele ukuthi ufuna u-R50 000 inja ngayinye.
“Ubaba umtshelile ukuthi akanayo le mali engaka ayifunayo naye wabe esecela ukuthi amkhokhele izimbuzi zakhe eziwu-5 ezidliwe yilezi zinja. Kusuke ingxabano phakathi kwabo wabe esemsongela ethi uzombulala uma engazikhiphi izinja zakhe.
“Ngelanga lesigameko sithole umbiko othi lona wesilisa uxabana nomunye wabafana balapha ekhaya kanti ubaba walapha ekhaya uzoya khona ehamba noThandani ngenhloso yokuyolamula.
“Kasazi kwenzekeni, sizwe sekuqhuma isibhamu. Sifike khona esebadubulile bobabili,” kusho leli lungu lomndeni. Lithi kuyimanje umndeni uthuka izanya njengoba umsolwa engaziwa ukuthi uhobephi njengamanje.
“Uma sizwa, kuthiwa uyabonakala khona lapha endaweni ngezikhathi zantambama, kuyasixaka ukuthi akaboshwa ngani ekubeni ebulele ebantu ababili,” kusho leli lingu lomndeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi kuvulwe idokodo ngokufa kwabantu emuva kokuba owesilisa exabane namalungu amabili omndeni. Uthi omunye walaba abashonile uye endlini wabuya esehamba noyise bephethe isibhamu, bakhomba ngaso umsolwa wabe esebadubula bobabili kanti uphenyo lusaqhubeka.