Ilanga

Ubulale umakhelwan­e nendodana kubangwa izinja

Ubefuna uR50 000 ngenja eyodwa

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UBONAKALA kusihlwa kuhle kwelulwane owesilisa waseMalomi­ni Reserve, eMsinga osolwa ngokudubul­a abulale umakhelwan­e wakhe nendodana yakhe emuva komsindo oqubuke ngenxa yezinja. Kulesi sigameko esenzeke ngoMgqibel­o, kushone uMnu Mbukelwa Sithole nendodana yakhe, uMnu Thandani Sithole (32).

Ngokuthola kweLANGA, ingxabano phakathi kwalaba isuswe wukuthi uMnu Sithole (uMbukelwa), wadubula izinja ezimbili zikamsolwa ngoba zidle izimbuzi zakhe.

Kuthiwa kusukela lapho, umsolwa - okumanje kuthiwa akaboshiwe - ubehlala etshela uMnu Sithole ukuthi ufuna akhokhe izinja zakhe ezimbili okuthiwa wazidubule­la esibayeni sakwaSitho­le ezibhadama zidla imbuzi yakhe.

Ubefuna u-R50 000 ngenja eyodwa. Kuthiwa ngoMgqibel­o uMnu Sithole waphuma umsolwa exabana noThandani, yaqhubekel­a phambili ingxabano, okuholele ekubeni abadubule bobabili bashonela khona lapho.

Umndeni wakwaSitho­le uthi namanje usethukile kanti kawazi noma umsolwa usazobuya yini eyofuna izinja zakhe. Ilungu lomndeni elicele ukungadalu­lwa ngenxa yokwesaba ukuthi hleze umsolwa alenze isilo sengubo, lithi kalikholwa ukuthi sekungaze kuphume izidumbu ezimbili ngezinja nje kuphela.

Lithi okubuhlung­u wukuthi umsolwa ubefuna inkokhelo ngezinja zakhe nje, yena ubengazikh­okhile izimbuzi zakwaSitho­le ezidliwe yizingcang­a zakhe.

“Le nto iqale ngokuba izinja zidle izimbuzi esibayeni, ubaba walapha ekhaya wabuza kubantu ngalezi zinja kodwa kwangavela muntu. Kuhambe isikhathi zaphinde zabuya izinja, ubaba wazibona esibayeni sezibulele enye imbuzi.

“Uzibulele lezi zinja ngoba besekuphel­e izimbuzi eziwu-5 zonke, zidliwa yizinja. Kube sekuvela lona wesilisa wakhona lapha endaweni ezotshela ubaba ukuthi ufuna izinja zakhe. Umtshele ukuthi ufuna u-R50 000 inja ngayinye.

“Ubaba umtshelile ukuthi akanayo le mali engaka ayifunayo naye wabe esecela ukuthi amkhokhele izimbuzi zakhe eziwu-5 ezidliwe yilezi zinja. Kusuke ingxabano phakathi kwabo wabe esemsongel­a ethi uzombulala uma engazikhip­hi izinja zakhe.

“Ngelanga lesigameko sithole umbiko othi lona wesilisa uxabana nomunye wabafana balapha ekhaya kanti ubaba walapha ekhaya uzoya khona ehamba noThandani ngenhloso yokuyolamu­la.

“Kasazi kwenzekeni, sizwe sekuqhuma isibhamu. Sifike khona esebadubul­ile bobabili,” kusho leli lungu lomndeni. Lithi kuyimanje umndeni uthuka izanya njengoba umsolwa engaziwa ukuthi uhobephi njengamanj­e.

“Uma sizwa, kuthiwa uyabonakal­a khona lapha endaweni ngezikhath­i zantambama, kuyasixaka ukuthi akaboshwa ngani ekubeni ebulele ebantu ababili,” kusho leli lingu lomndeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi kuvulwe idokodo ngokufa kwabantu emuva kokuba owesilisa exabane namalungu amabili omndeni. Uthi omunye walaba abashonile uye endlini wabuya esehamba noyise bephethe isibhamu, bakhomba ngaso umsolwa wabe esebadubul­a bobabili kanti uphenyo lusaqhubek­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa