Ilanga

Uhulumeni mawusiyeke siziphehle­le ugesi

-

SEKUCACE bha kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini manje ukuthi abaphathi benkampani yombuso ephehla amandla kagesi i-Eskom - nohulumeni imbala - behlulekil­e wukuphatha le nkampani kahle ukuze ikwazi ukwenza umsebenzi eyakhelwa wona wuhulumeni wobandlulu­lo.

I-Eskom imemezele kuleli sonto ukuthi ezinye izikhungo zayo zifile, ezinye kazikwazi ukuphehla ugesi ngokusezin­geni elilindele­kile, ngakho amakhasime­nde ale nkampani kuzokwenze­ka angabi nawo ugesi amahora ayisithuph­a kuya kwayisishi­yagalombil­i ngosuku. Lesi simemezelo sishaqise abaningi, saqeda ithemba ezakhamizi­ni, lokuthi abaphathi nohulumeni imbala, bayayazi into abayenzayo.

Kubaluleli­le ukuba sikhumbuza­ne ukuthi ukunqanyul­wa kukagesi izikhawu ( load-shedding), kwaqala ngo2008, kusaphethe uhulumeni kaMengamel­i Thabo Mbeki. Ngaleso sikhathi izwe lathenjisw­a ukuthi isimo sizobuyela kwesijwaye­lekile ngo-2014-15, nxa sekuphothu­lwe ukwakhiwa kweziteshi ezintsha zokuphehla amandla kagesi, iKusile neMedupi. Sekuwumlan­do manje ukuthi lokhu kakwenzeka­nga; zombili lezi ziteshi kazikaphel­i ukwakhiwa kanti sezidle imali ephindaphi­ndwe cishe kathathu kunaleyo eyabe ikwibhajet­hi yokwakhiwa kwazo.

Sekutholak­ele futhi ukuthi kazakhiwan­ga ngendlela esezingeni elifanele ngenxa yokuthi kwakushayw­a ngezimfush­ane, kwebiwa imali yokuzakha ukuze kuhlafune abathile abasondele­ne neqembu elibusayo.

Okuyishwa elikhulu ngokunqany­ulwa kwamandla kagesi, wukuthi kunomthele­la omkhulu ebuthakeni bomnotho wezwe, ngoba kuphazamis­a imikhiqizo yezinkampa­ni. Kuleli sonto nje, izimayini eziningi ezweni zimise ukusebenza ebusuku ( night shift) ngoba zesaba ukuthi ukungabikh­ona kukagesi kungaba yingozi nxa kwenzeka ingozi kunezisebe­nzi ezisemathu­njini omhlaba. Sekube nemizamo yezinkampa­ni ezithile yokuzakhel­a iziteshi zazo zokuphehla amandla kagesi ngoba sezikhathe­le yizithembi­so ezingagcin­wa ze-Eskom.

Inkinga wukuthi uhulumeni uyenqaba ukuzinika izimvume zokwenza lokhu ngoba uvikela i-Eskom, ofuna kube yiyona nkampani kuphela enelungelo lokudayisa ugesi ezweni. Lokhu kuyaxaka ngoba le nkampani - okumanje inezikwele­tu ezibalwa ku-R500 billion - kayikho esimeni sokwenza umsebenzi wayo, okuyinto esiyibonak­alise iminyaka ewu-11 edlule.

Kufanele ngabe sekucacele bonke abantu abanezindl­ebe, abakwazi ukuzicaban­gela ukuthi le nkampani nohulumeni oyengamele, bayizehlul­eki futhi ngeke nanini bakwazi ukuxazulul­a le ngwadla izwe elibhekene nayo. Kubonakala sengathi maduze nathi sizofana nawo wonke amanye amazwe ase-Afrika, lapho ukutholaka­la kwamandla kagesi okungenamk­hawulo, kuyinto ayizwa ngendaba. E-Nigeria nje, esinomnoth­o omkhulu ngisho kunowethu, abantu abanamandl­a sebakhohlw­a yizethembi­so zohulumeni bakhona, bazithenge­la ama- generator ukuze iqhubeke impilo.

Nathi sekuseduze sifike kuleso simo. Uhulumeni kufanele udedele imiphakath­i, amadolobha nezinkampa­ni abangakwaz­i ukuzakhela iziteshi zabo ukuba bakwenze lokhu ukuze iqhubeke impilo. Phela manje sekucacile ukuthi wona (uhulumeni) usuhluleke wancama ukwenza umsebenzi wawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa